Now Reading
Kubalulekile ukubambisana kwabazali ekukhokheni isondlo
Dark Light

Kubalulekile ukubambisana kwabazali ekukhokheni isondlo

NJENGOBA uNhlangulana kuyinyanga eqondiswe entsheni kubalulekile ukuthi intsha ikhunjulwe ngezindlela ezehlukene kuphinde kuqikelelwe nokuthi ivikelekile ngaphansi kwemithetho nakuMthethosisekelo wezwe. Ngasekupheleni konyaka odlule sakhuluma ngesihloko esithinta isondlo sezingane, okungagcini nje ngokuthi kube yizingane ezincane nezisanakekelwa kuphela, kodwa ikhona nentsha esabhekelelwa ngesondlo. Sikhulume ngobudlelwano babantu okungaba ukuthi bayathandana noma bashadile.

Uma besendawonye abathandanayo akubi nambuzo nangxabano mayelana nokondliwa kwezingane ezitholakale kulobu budlelwano.

Umbuzo ovamise ukuqhamuka uma izimo zingasezinhle ngowokuthi: Ngubani okufanele akhokhe isondlo? Kujwayelekile ukuthi omama bazitshele ukuthi kungumsebenzi wobaba ukukhokha isondlo sezingane, okuyinto engelona neze iqiniso.

Umthetho ukubeka kucace bha ukuthi lona ngumthwalo wabazali bobabili, ngaphezulu kwalokho kuphinde kufake nogogo nomkhulu begazi bezingane ukukhokha isondlo noma lowo ohlala nezingane azinakekelayo.

Isigaba 28 soMthethosivivinywa wamaLungelo kuMthethosisekelo sithi “yonke ingane inelungelo lokudla okuyisisekelo, indawo yokuhlala, ukunakekelwa kwezempilo kanye nezinsizakalo zomphakathi, kanye nelungelo lokuvikelwa ekuhlukunyezweni, ukunganaki, ukuhlukumeza noma ukuchithwa”.

Ngenxa yoMthethosisekelo ekubeni wona ubizwa ngokuthi i “Supreme Law of the Land”, kuyimpoqo ukukhokha isondlo sezingane njengoba usho ngaphezulu ukuthi kuyilungelo

layo yonke ingane ukunakekelwa ngakho-ke kumele zonke izingane zondliwe.

Ulwazi oluyaye lushode yilolo lokwazi ukuthi umzali osola omunye ngokungondli usibika kuphi isikhalazo sesondlo. Impendulo ithi ubika kunoma iyiphi inkantolo okungaba eyemantshi noma eyesondlo eseduze nawe, ngoba zonke izinkantolo zihlelelwe ukubhekana namacala esondlo. Noma ngabe imuphi umzali angaya kule nkantolo ayocela ukufaka isicelo sesondlo noma ngabe ubaba noma umama wabantwana abangaphansi kwe minyaka eyi-18 noma abangakazimeli ngenxa yokuba sesikoleni noma esamazinga aphezulu.

Kubalulekile futhi ukuba abazali bazi ukuba uma beyocela isondlo enkantolo bakubale konke okuyizidingo zabantwana bacacise abadinga usizo ngakho ekulekelelweni ngabantwana. Uma umzali oyocela isondlo esebenza naye kumele kucace ukuthi lo omunye akuzukuwela kuye konke ukondla abantwana ngenxa yokuthi naye kuwumgomo wakhe ukuba abondle bahlanganyele kanye nalo mzali ayocela kuye isondlo. Sekube kaningi lapho abazali, ikakhulukazi abesifazane bedudwa ngabantu abangawazi umthetho bebathembisa ukuthi inkantolo izomkhokhisa ubaba wabantwana nanezinto ezingesona isidingo. Nokuthi bona inkantolo izongabagunyazi ukuba bakhokhe uma besebenza.

Kubalulekile kakhulu ukwazi ukuthi ukuya eNkantolo yeSondlo akuyona inkundla yokulwa ngabantwana noma yokulwisana ngenxa yokuhlukana kwenu. Ngakho-ke uma wazi ukuthi ubaba wabantwana uhola imali engakanani akusho ukuthi uzothola uhhafu wayo noma isamba esikhulu, kepha inkantolo noma izikhulu ezibhekene namacala esondlo azobhekisisa loku okuyizidingo ezinqala zabantwana.

See Also

Omunye umkhuba esengihlangabezane nawo ekusebenzeni la macala, yilo wokuthi umzali ofaka icala lesondlo uyaye afune imali esandleni kuphela – mangenze isibonelo: Umama wabantwana ufake isicelo sika R5000.00 eNkantolo yeSondlo edalule ukuthi uR2000.00 ngowokudla nesikole; R1500.00 ngowomuntu olekelela ngokugada umntwana; R1500.00 ngowokubhekelela ukugqoka komntwana nezidingo ezike ziqhamuke – uBaba womntwana afake isinikelo (offer) sokukhokhela isikole ngokwakhe kanye nokukhokhela ogada umntwana ngokwakhe ayifake kuye, kuyaye kusuke umsindo ngenxa yokuthi umama uyaye akhalele ukuthi imali ayize kuye yonke injengoba injalo okuyaye kudide kushiye umbuzo wokuthi azeneliseki na izidingo azicelile ngendlela?

Ngiyaye ngikholelwe ekutheni abazali belekelelwa ngabammeli babo bangaqala bahlale phansi baxoxisane bafike esivumelwaneni abangasihambisa eNkantolo yeSondlo (Settlement Agreement) ukuze kungabikho umdonsiswano ozophelela ekutheni umantshi kube nguyena ozonquma ngesondlo sabantwana uma abazali sebehlulekile.

Kubalulekile futhi ukukhumbula ukuthi abantwana kusuke kuyibona esiyobakhulumela hhayi abazali nokuthandwa yibona nokukholisana ngenxa yokungezwani kwabo.

Le mali ingakhokhwa khona enkantolo zinyanga zonke noma kwi-akhawunti yomzali ocele isondlo sabantwana, uma kodwa ike yangakhokheleka kwezinye zezinyanga lowo mzali uyakwazi ukubika enkantolo ukuze imthathele izinyathelo ezinqala lowo ophambana nomyalelo wenkantolo. Kungakhishwa nencwadi yokuthi aboshwe.

Scroll To Top