Now Reading
Ulimi lumbaxambili kweyentando yeningi
Dark Light

Ulimi lumbaxambili kweyentando yeningi

 

Kuphilwa esikhathini lapho ipolitiki yamazwe omhlaba ikhombisa ukwanda kokuyishaya ngapha nangapha; ukungameli iqiniso ngendlela egcwele, kanye nokuqhubeka kokuthi okwenziwa ngamazwe ase-Afrika kubukelwe phansi noma kusheshe kugxekwe, kungaba yizakhamuzi, noma kube ngabezizwe, ikakhulukazi ababuya eNyakatho. Lokhu kuke kuzibonakalise ikakhulukazi odabeni lwezinhlelo eziphathelene nokusebenza kwentando yeningi emazweni ehlukene. Okumele kugcizelelwe ukungathandabuzeki kokuthi intando yeningi, ehlanganisa ukuba izakhamuzi zikwazi ukuziqokela labo okumele babaphathe, nokuthi zibuswe kanjani, isiyinjwayelo emazweni amaningi, ngisho nawase-Afrika imbala. Kodwa inhlukanombono iba ekutheni amazwe ehlukene ayilandela ngokungafani le nqubo yentando yeningi. Lokhu kungafani kuvame ukugqama kakhulu uma kubukwa ukuthi imithetho ithini ngokuhlala esikhundleni kwalabo abangoMengameli, noma oNdunankulu. Kulokho, kuvamile ukuthi amazwe athize aseNyakatho abe nemibono ngezinguquko ezenziwa kwamanye amazwe, kodwa akhohlwe ukuthi nawo anezinhlelo zawo, nemithetho ebekiwe mayelana neyokuhlala esikhundleni.

Emazweni aseNyakatho, afana noBritain, kanye neGermany, awukho umthetho omisiwe mayelana namahlandla lowo onguNdunankulu eBritain noma uChancellor eGermany okumele awahlale esikhundleni. Isibonelo nje, uChancellor u-Angela Merkel eGermany, uphumelele ukhetho ngonyaka owedlule ihlandla lesine, okuzokwenza ukuthi uma engalungeneli oluzayo uzobe esehlale esikhundleni iminyaka eli-16. Le minyaka azoyihlala izolingana nowayekulesi sikhundla eGermany phambilini uHelmut Kohl, owahlala kuso kusukela ngowe-1982 kuya kowe-1998. Esinye isibonelo yiBritain, lapho nakhona isikhundla sikaNdunankulu sivulekile ngoba awukho umthetho obekiwe ngamahlandla, okwenza ukuthi okulesi sikhundla angalokhu ekusona uma nje esaphumelela okhethweni. Bese kuba yizwe iFrance, lapho umthetho wokuthi akube namahlandla amabili kuphele esikhundleni sikaMengameli wamiswa ngonyaka wezi-2008. Ukungabi khona kwalo mthetho okwenza ukuthi kubelula phambilini uMengameli uMitterrand abekulesi sikhundla iminyaka eli-14, kusukela ngowe-1981 kuya kowe-1995.

Lokhu kukhombisa ukuthi, amazwe ngamazwe, nawo awaseNyakatho imbala, anemigomo nemithetho yawo emisiwe yokuthi kumele alawulwe kanjani. Noma kunjalo, kodwa akuvamile ukuba kube nemibono eminingi eqhamuka ngaphandle ekhononda ngendlela la mazwe abaliwe aseNyakatho ahlela ngayo udaba lwawo, kanti futhi akuhlale kuzwakala ukuthi awenze izinguquko, ikakhulukazi ezigabeni zokuba ezikhundleni zokuhola uHulumeni. Udaba, luke luxake uma isimo sesibhekiswa emazweni ase-Afrika, lapho bona laba abavela kula mazwe kuba yibo abahamba phambili ngokukhonondela izinyathelo ezithathwa emazweni ase-Afrika mayelana nendlela okuthiwa umthetho awuphathwe ngayo.

Ukuba nemibono kwabezizwe odabeni lwase-Afrika kuphinde kwabonakala ngesonto eledlule, emveni kokuba iBurundi ibambe inhlolovo eze nezinguquko kuMthethosiseleko. Kwezinye zezinguquko ebeziphakanyiswe bekungukuguqula iminyaka yokuba esikhundleni sikaMengameli ukuthi isuke kwemi-5 iye kweyisi-7. Le nhlolovo, esekwe ngenani lamavoti angama-73%, iphinde yeza nezinguquko zokuthi isikhundla sePhini Mengameli sivalwe bese kuba nesikaNdunankulu, okunguye ozobhekana nezindaba zikaHulumeni. IBurundi izoya okhethweni ngonyaka wezi-2020, lapho lezi zinguquko zizoqala ukusebenza khona. Ngokwalezi zinguquko, uMengameli uPierre Nkurunziza, obesekulesi sihlalo kusukela ngonyaka wezi-2005, akukho okuzomvimba ekutheni angenele ukhetho lowezi-2020, nolowezi-2027. Okukhalisa abaningi, okubalwa kubo abavela emazweni aseNyakatho, ngukuthi lezi zingukuqo zichaza ukuthi, uma uNkurunziza elungenela ukhetho oluzayo, futhi eluphumelela, uzohlala esikhundleni sobuMengameli kuze kube ngowezi-2034.

Uma kuqhathaniswa indlela osekukhalwe ngayo ngalesi senzo, kanye nokugxekwa kweBurundi, kukhombisa kakhulu ukuchema nokungabi neqiniso kwezepolitiki yamazwe. Ngonyaka wezi-2015, iRwanda, iholwa uMengameli uPaul Kagame, nayo yaba nenhlolovo yokuguqula uMthethosisekelo. Lezi zinguquko, zaphambana nokuqeda kwenziwa eBurundi ngoba zeza nokuthi kuncishiswe iminyaka yokuba esikhundleni sikaMengameli isuke kweyisi-7 ibe mi-5. Kodwa, la zifana khona yisekutheni zamisa ukuthi onguMengameli angakwazi ukusibamba lesi sikhundla amahlandla amabili kuphela, kusukela kukhetho oluzayo. ERwanda, lezi zinguquko kuMthethosisekelo zizoqala ngonyaka wezi-2024, emveni kokhetho olube khona ngonyaka ophelile. Ziphinde futhi zimvumele lowo onguMengameli okhona (Kagame) ukuthi uma efisa, angakwazi ukulungenela lolu khetho. Lezi zinguquko zandisa amathuba okuthi uKagame, njengoNkurunziza, angahlala esikhundleni kuze kube unyaka wezi-2034. Noma lesi senzo sikaKagame sangowezi-2015, sifana nse nesikaNkurunziza nonyaka, izinkonondo nokugxekwa akuzange kufane, ngoba labo abakhala ngeBurundi, babethuli mhla iRwanda iza nalezi zinguquko. Kokhu kuchema kudala ukuthi kungabi lula ukuthathela phezulu izikhalo ikakhulukazi ezabezizwe, ngoba azikhombisi ukuthi ukukhalaza kwabo kuqotho, kepha kuhlangene nokuthi ngubani kubaholi bakwamanye amazwe abamathe nolimi naye.

See Also

Asiqondile ukuthi amazwe afana neBurundi akumele agxekwe uma kubonakala ukuthi awenzi kahle, okuphalwayo ngukuthi, kuba nzima uma lokhu kugxeka kuzwakale uma kubonakala ukuthi kukhetha iphela emasini.

Kuphinde futhi kuqhamuke kumazwe nawo anezinhlelo zawo ezithize ezikhombisa ukuthi abaholi bazo bake bahlala, noma bangahlala ezikhundleni isikhathi eside.

Scroll To Top