Isengcupheni yokulahlekelwa yikho konke iDA


Izigameko zakamuva zingumvuka wendulo futhi ziqala ungabazane kumalungu aboHlanga kanti namaqhude ayeqana
Emaqenjini amaningi ayesePhalamende likaHulumeni wobandlululo unyaka we-1994 wawusho isiphetho. Umhlaba wonke wabe usubheke iNingizimu Afrika ‘entsha’ neyayizobe ilandela inqubo yedemokhrasi. Elinye lamaqembu ayekhona ngaleso sikhathi nayebhekene nekusasa elingaziwa kwabe kuyiDemocratic Party (DP) ngaphansi kobuholi bukaMnu uZach de Beer. Yize ngezenzo nangenqubomgomo leli qembu labe lehlukile kuneNational Party (NP), kubantu abaningi labe limele idlanzana labelungu ngesikhathi izinkulungwane zaboHlanga zingaphandle.
Ngokhetho lowe-1994 iDP yathola u-1.73% wabavoti owabe uhumusheka ngokuthi yavotelwa ngabantu abayizi-338,426 nokwayenza yathola izihlalo eziyisi-7 nje vo. Le miphumela yenza umholi wayo u-de Beer wathatha isinqumo esinqala, wakhetha ukwehla esikhundleni ngenhloso ‘yokunika ithuba abanye abaholi abangenza kangcono. Kwenzeka konke nje lokhu iqembu elabe lingubhongoza wenqubo yobandlululo, INP idla gqokweni lunye noKhongolose njengoba umholi wayo uMnu uDe Klerk abe eliPhini lesibili likaMengameli njengokulawula koMthethosisekelo ngaleso sikhathi.
Ngokhetho lowe-1999 ngaphansi koholo lukaMnu uTony Leon leli qembu lathola amavoti ayisi-9.5% okuhumusheka ngokuthi bavotelwa ngabantu abayizi-1527,337 okwenza izihlalo ezingama-38. Imiphumela yalolu khetho yeza nezinto ezinhle nezimbi kuDP. Okuhle kwaba wukuthi laba okokuqala ngqa iqembu elikhulu kwaphikisayo eNingizimu Afrika, kwathi eWestern Cape laba ngumbeki wamakhosi njengoba laze laba kuHulumeni wokubambisana neNew National Party (NNP) eyayiguqule igama isuka kuNP. Uhlangothi olwaba lubi kwaba wukwanda kwamalungu ayevela kuNP nokwalenza laba yikhaya lontamolukhuni kanye nabelungu okwakungayiniki isithombe esihle.
Umbimbi neqhingasu
Uvuthondaba kule nhlangano lwaba ngoNhlangulana ngowezi-2000 lapho kwaguquka igama leDP neNNP kwazalwa iDemocratic Alliance (DA) neyabe phakathi kokunye inezinhloso ezingeyona imfihlo ekuthatheni amandla ku-ANC. Iqhingasu labe lihlukene izigaba ezimbili; esokuqala ukuhlanganisa imiphakathi emincane kuleli okungabelungu, amaNdiya nokuthiwa ngamaKhaladi. Leli qhingasu laphumelela KwaZulu-Natal lapho ingxenye yomphakathi wamaNdiya okwabe kulukhuni ukuthi yeseke abelungu beNNP ababelandelwa yiququ lobandlululo yabe isiwelela kuDA. Kwabanjalo naseWestern Cape nokuthiwa ngamaKhaladi benza okufanayo. Sekungumlando ukuthi wahlukana umshado yaphuma iNNP ombimbini kepha yasala iDP yaqhubeka neDA.
Abaholi beDA babelazi iqiniso lokuthi ukuze bakhule ebalazweni lepolitiki yakuleli kuyomele bahehe ngaphandle kwemiphakathi emincane. Kwakufanele bakhe lapho uKhongolose ukha khona. Lokho kwasho ukuthi kumele ibe neqhingasu elisha lokuheha aboHlanga okuyibo abaningi kuleli lizwe. Nembala waqala umkhankaso. Ephawula ngalokhu loyo owayenguMengameli wezwe uMnu uMandela ngoZibandlela wezi-2000 wathi iDA yinhlangano “yabaphathi babelungu namathimboxo aboHlanga” ayizindibi zabo. Wabuye wathi le nhlangano kayinendaba naboHlanga ibazi nje kuphela nxa ifuna amavoti abo.
“Ayikho inhalngano yabelungu engabusa leli lizwe… noma ngabe izibhila ndlelani ithathe amathimboxo aboHlanga , abaphathi babelungu bayohlale kuyibo abasemandleni, neqembu leli liyohlale lingelabelungu”, kusho uMandela.
Kusuka ngaloyo nyaka iDA ngezikhathi zikaLeon ibe nemikhankaso eyehlukene yokuveza ukuthi empeleni iyiqembu lawo wonke umuntu wakuleli. Ngaleso sikhathi abaholi abafana noMnu uJoseph Seremane bagqama. Nokho lo mkhankaso weDA wokuzigeza umsanka wokuba yiqembu labamhlophe ugqame kakhulu ngezikhathi zikaNkk uHelen Zille nokunguye otuswa ngokukwazi ukuphumelelisa iqhingasu lokuheha aboHlanga kakhulu abasebasha. Lo mholi uyatuswa ngokusondeza abaholi abafana noNks uLindiwe Mazibuko nomholi waleli qembu uMmusi Maimane. Khona lapho izikhathi zakhe njengomholi zaheha abaholi boHlanga abafana noMnu uZwakele Mncwango, uMnu uSolly Msimango, uNks uMbali Ntuli nabanye abaningi. Ongoti neDA bayaphikisana ekutheni ngabe leli qembu liqinisile yini ekutheni linabalandeli abaningi boHlanga. Ebuzwa ngobufakazi balokhu ngonyaka wezi-2013, uMaimane owayenguMkhulumeli wenhlangano ngaleso sikhathi wathi yize kungekho ubufakazi obuncike ophenyweni olunzulu kepha okucacela nayinoma ngubani yikho ukuthi abantu abaningi nxa kunemihlangano yeqembu kuba ngabantu abamnyama (leli gama elingasho aboHlanga).
Ngokusho kukaMaimane abantu laba iDA ethi ‘bamnyama’ isuke isho njengoba uMthethosisekelo wezwe usho ukuthi abamnyama kushiwo aboHlanga, amaNdiya nokuthiwa ngamaKhaladi. Noma ngabe kukhona ukuphikisana phakathi kongoti kanye neDA kuliqiniso ukuthi sandile isibalo saboHlanga noma abamnyama abangamalungu nabaholi beDA. Kuliqiniso futhi ukuthi yibo asebengubuso bale nhlangano nxa inemicimbi. Abaholi abafana noMaimane kuzwelonke , uMcwango (uMholi KwaZulu-Natal), uMsimanga (iMeya yaseTshwane), uMashaba (iMeya yaseGoli), uDe Lille (iMeya yaseKapa), uMadikizela (umholi waseWestern Cape) ngokweDA bawubufakazi bokuthi leli qembu akulona leli uMandela ayethi ngelabelungu.
Ephawula ngesidingo sokuxhumana naboHlanga uMncwango wacashunwa ethi ngoMasingana nonyaka: “Inselelo ebhekene neDA ezweni lonke wukuxhumana ngokomoya naboHlanga. Kumele siqale ukuxhumana nabo (aboHlanga) ngokomoya,” kusho uMncwango.
Amaqhude ayeqana
Lo mbono nalesi sithombe singaphansi kwengcindezi emangalisayo njengoba izigameko zidala ungabazane. Lolu ngabazane aluqhamuki ngaphandle kepha emalungwini nezisebenzi zaleli qembu iBAYEDE ekhulume nabo. Omunye owake waba ngumsebenzi kule nhlangano KwaZulu-Natal nothe wabe esebenza nje hhayi ngoba eyilungu uthe le nhlangano inenkinga ejule kakhulu.
“Uyabona angilona ilungu leDA kepha ngangikuyo ngenxa yomsebenzi baningi abanjengami. Engakubonayo lapha wukuthi yize kungabhaliwe phansi kepha uyaziwa umsebenzi okuthiwa ungaba ngowabelungu noma owaboHlanga. Ngiyazi uma ubabuza bazophika kepha abaholi ababili abangafakaza lokhu uma benalo iqiniso nguMchunu engasebenza kakhulu naye kanye noMcwango. Ungambuza noMbali Ntuli uzokutshela. Ngizwe kuthiwa akaseyena usopolitiki (uNks uNtuli) kepha bobathathu bayazi engikhuluma ngakho.
“Laba baholi engikhuluma ngabo yize phambi kwabantu bevela njengabantu abaneme iqiniso lithi bayashukeka ngoba ngandlela thize abelungu bayabakhumbuza njengoba babenza nakimi ukuthi iqembu leli ngelikabani,” kusho lo mthombo ocele ukungadalulwa ngoba uthe yena akayena usopolitiki futhi kafuni ukungena kuyo akuphawulayo nje akubonayo esebenza.
Ezinyangeni ezedlule iBAYEDE ixoxe namanye amalungu eDA acele ukungadalulwa nayehambele umhlangano wayo eLindelani nayilapho kwakukhuluma uMaimane. “Eyi njengoba silapha nje zibuze ukuthi baphi abaseLindelani la, ngithi uyabona sifike ngamabhasi sisuka la sisuka khona. Bangaki abelungu la? Abakhona abasezikhundleni bazobhalisa irejista nje ziphi zingane zabo, azikho yithina nje. Uma sekwabiwa izikhundla bayasondela abelungu,, basikhumbuze ukuthi yinto yabo lena. Abakusho ebusweni kepha izenzo ziyakhuluma.”, kusho omunye wamalungu.
Bebuzwa ukuthi kungani benomuzwa wokuthi baqhutshwa phambili ngoba bakhona abaholi boHlanga kuleli qembu ngaphandle kukaMaimane, USizwe Mchunu noMcwango elinye ilungu lithe laba ababalwayo abasho lutho ngoba nabo “kabazwani” nokuyinto abathi yatshalwa kubo.
“Yingoba abantu abazi ukuthi laba bantu obabalayo bakhona nje abazwani baqhathwa yibo abelungu ngoba abathandi aboHlanga babe yimbumba. UMchunu noMcwango abezwani, mina nje ngeseka uMchunu. Okukhulunywa ngoMncwango kuyethusa. Kanti nabanye abafowethu abeseka uMncwango basho okungekuhle ngoSizwe (Mchunu). Ungadideki lokhu amabomu ngoba ngale kwabo bobabili kukhona abelungu abangozwakwethu ababaqhathayo”, kusho leli lungu.
Ukungahoshelani kukaMchunu noMcwango kugqame kakhulu emhlanganweni wokukhetha ubuholi KwaZulu-Natal okwenzeke ezinyangeni ezedlule lapho iznhlangothi ezimbili elikaMncwango nolukaMchunu yize obengangenanga kepha kungene umuntu okuthiwa ulolongwa nguye. Izinhlangothi beziklolodelana ziwasho amagama alaba baholi nokuthi kungani zibaseke.
Omunye umholi wale nhlangano kuzwelonke okhulume neBAYEDE uthe into ebhekene neDA kakhulukazi abaholi abamnyama abasele wukucabanga ukuthi bona bangcono kunoNks uLindiwe Mazibuko noma uNkk uDe Lille.
“Noma ngabe ngubani ophumelelayo kule nto kaDe Lille neDA sekukhona njengami abazibuza ukuthi kusasa kuzoba ngubani njengoba njalo uma kumele kwehle owoHlanga esikhundleni kwaDA kumele anindwe kuvele nokuthi ulapho ekhona nje kungenxa yomlungu thizeni. Uyakhumbula uZille ethunaza uLindiwe. Naku Maimane wenze njalo ngesikhathi esekhuphukela phezulu. Kunokwesaba ukuthi namhla sebemsakaza phansi kuzoba ngesifanayo. Ngokwabo asizizelanga kepha seza ngabo, akumnandi lokho,” kusho leli lungu.
Iziwombe zakamuva ezithinta leli qembu zibukeka ziphoqa ukuthi licophelele ekubhekaneni nazo ngoba ubudedengu bungenza lingalahlekelwa ngamalungu aboHlanga kuphela nokuvela ukuthi okwenzakalayo kufaka ungabazane kepha lingahle lilahlekelwe nangamavoti okungasho ukuphela kokuba yiqembu elikhulu kwaphikisayo kuleli.
IDA iyayenda i-ANC ayinaso esingumlahlaphansi
Njengasesibhakeleni imbangi iyadiyazela kepha uKhongolose awukwazi ukuqhamuka neqhingasu lezokuxhumana elingaqeda ngeDA
IPOLITIKI yaseNingizimu Afrika ikumzuliswano onzima nomqoka. Lona ngumzuliswano ongahle wenze abehluleli okungabavoti banqume ukuthi ngubani onqobayo. Impi iphakathi kweqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kanye nelikhulu kwaphikisayo, iDemocratic Alliance (DA). La maqembu abe neminingi imizuliswano nayilapho ibibhixana kuthule umoya. Yize i-ANC ibisahamba phambili kepha emzulwisaneni wokhetho olwedlule iDA ibuye ngamawala. Akunzima ukubona ukuthi yini eyenze lokho ngoba okuningi kube ngamaphutha ayo i-ANC. Namuhla uKhongolose usezintanjeni nasesimweni esibi njengoba walahlekelwa ngomasipala abakhulu okubalwa iGoli, iTshwane kanye neNelson Mandela Bay.
Ebide igadla ngaso ngalesi sikhathi iDA yileso sokuninda nokwakha isithombe sokuthi uKhongolose uyiqembu lamaqola, ohlohlesabo. Lokhu kuze kwaba yinto eyamukelekayo nokuyilahlekise kakhulu le nhlangano. Ngokwenza njalo iDA ikwazile ukufaka amanzi endlini kuKhongolose njengoba namanye amaqembu asenakho ukungena ngalo leli nxeba. Isibonelo yilokho okwenzeka eNorth West lapho amaqembu aphikisayo kanye nomphakathi bemi ngazwi linye ekuthini kahoxe uNdunankulu wesifundazwe uMnu uSupra Mahumapelo ngazo belu izinsolo zenkohlakalo
Ukushintshanisa ubuholi okwenzeke ngoZibandlela kubukeka kunike uKhongolose ithuba lesibili. Leli yithuba lokwebuza, ukusuka esithombeni esimbi liye kuleso esidala ithemba. Igama likaMengameli wezwe noweqembu uRamaphosa lilunjaniswa noguquko ngaphakathi nangaphandle kuKhongolose. Izinkulumo zithi ngenxa yoguquko sekukhona ukusimama kokwethenjwa kwalelizwe ngabatshalizimali.
Umvuka wendulo
Nokho kwenzeka konke nje lokhu “okuyithemba elisha”mhlawumbe nesiqalo esisha kuKhongolose iDA yona izalelwa yinja endlini ngezinkinga zobuholi obuthinta abantu abafana noNkk uPatricia De Lille. Ubungozi bodaba luka De Lille wukuthi bugcwalisa izinsolo ezindala ngeDA; ukuthi iyabandlulula nokuthi nxa isibasebenzisile aboHlanga ibalaxaza okwenyongo yenyathi. Abayisola ngalokhu benza isibonelo sokushaywa ngendololwane kukaNks uLindiwe Mazibuko kanye noNks uMbali Ntuli. Bathi lokhu kwakamuva okuthinta iMeya yaseKapa kuwumvuka wendulo nokukhomba ‘ubunyoka’ beDA nobandlululo lwayo nxa kufika kubaholi boHlanga. Baze bafakaze ngokuthi nxa ukukhuluma kuthinta aboHlanga isandla siyaqina kepha nxa kungabelungu kuyanyanyalatwa nje udaba lugcine lungayanga ndawo.
Esimweni esejwayelekile yonke le ngcindezi ebhekene neqembu eliphikisayo, iqembu elibusayo beliyothi ‘kwazithela’. Lokhu akwenzeki ngoba iqembu elibusayo yize kunenhlansi yethemba ngalo, izinkinga ezedlule sezilidlakaze kakhulu. Empeleni kasikho isifundazwe esingehlukene phakathi ngokuthile, ngenxa yalokhu inqola iyandonda nombono uyafiphabala. Okunye okuqaphelekayo wukuthi uKhongolose kawusekho bukhali kubantu abakwazi ukuthengisa imibono yaleli qembu nokuphunga impi yezokuxhumana.
Kwake kwakhona isikhathi lapho leli qembu lalingathintwa kulo mkhakha, lezi yizikhathi zikamufi uParks Mankahlane, uRonnie Mamoepe noJoel Netshitenzhe phakathi kwabanye. Laba kwakuthi nxa kukhona okuhlasela uHulumeni neqembu bagxume bahlale bekwazi ukuvezela wonke umuntu lokho okungumongo kaHulumeni neqembu.
Yize kukhona okuhle okungashiwo ngejeje okubalwa uMnu uFikile Mbalula, uMnu uPule Mabe kanye noMnu uZizi Kodwa, okunzima ngabo wukuthi bayehluleka ukuma qekelele bakhulume ngoKhongolose ngaphandle kokuyamaniswa nezinhlangothi ezithile eqenjini. Lokhu kwenza babe lula ekududuleni izimbangi.
IDA isenkingeni. Lokhu akungatshazwa njengoba nezibalo eyabe ihlonza ngazo ukuthi iyokwenza kanjani okhethweni kuyimanje iyazibuyekeza ngenxa yezinkinga. Kepha ngisho iyendela ngasezintanjeni, kubukeka ingeke ilale amankeyane ngoba elwa nayo okunguKhongolose, uthi elwa naye abe eqalaza ngenxa yokungazethembi nokungabi nesibhakela esingumlahla phansi okuyinto enhle kuDA. Njengasemdlalweni wamankomane, isimo esingavelela uKhongolose wukuthi iDA ibuyelwe ngamandla nokungaguqula umdlalo.