Lithini iqhingasu likaRamaphosa ngoMaDlamini?


Esijabaneni esakhiqizwa yimiphumela yokhetho nesaletha uMabuza noMagashule, uRamaphosa ubukeka esenalo ikhambi
Kubantu abaningi isenzo sakhe sokuvuma ukusebenza ngaphansi kwembangi yakhe sabe singubuwula. Kepha lesi senzo kanye naleso esenziwa yimbangi yakhe kungenzeka kumweze ngelibanzi. Emuva kokwehlulwa embangweni wesikhundla sokuba nguMengameli we African National Congress (ANC) uDkt uMaDlamini Zuma wenza abaholi abaningi e-Afrika abangakwenzi, ukuvuma ukuphathwa. Wayenaso isizathu sokunqaba kusuka ekuphoxekeni kuya eqinisweni lokuthi ngokwesikhundla mkhulu kunoMengameli wezwe njengoba ake waba nguSihlalo wohlaka lwezwekazi, i-African Commission. Kanti nakuyo ipolitiki noHulumeni waseNingizimu Afrika uMaDlamini unamava ukwedlula uRamaphosa njengoba engomunye wongqogqoshe bokuqala ngaphansi kukaMandela futhi usebenze ngaphansi kwabo bonke omengameli kusuka kuMandela, uMbeki kanye noZuma.
Abukho ubufakazi ekuthini ukwehlulwa kwakhe nguRamphosa kungenxa yamaphutha athile kupolitiki ngaphandle kokuthi abanye “bamjezisela” isibongo sakhe. Ukhona umuzwa kanjalo nombono owabe uthi izakhamizi zakuleli namalungu kaKhongolose base bekhathele yisibongo sakwaZuma. Uma lomuzwa nombono uliqiniso okusho ukuthi iNingizimu Afrika kungenzeka ukuthi yemukwa ithuba lokuba nomengameli wokuqala wesifazane ngenxa yendoda – uZuma owayengumyeni wakhe nonguyise wezingane zakhe.
Ekuphatheni kwakhe iminyango emqoka kuHulumeni, oWezempilo, oWasekhaya kanye noWezamazwe Ngamazwe kwenza kube lula ukuthi uRamaphosa abe nesizathu sokumenza “isekela lakhe elingekho emthethweni”. Kepha yini engenza enze lokho ngoba nakhu unalo isekelela lakhe uMabuza?
Akuyona imfihlo ukuthi uMabuza wangena ngesinxele ebuholini bukaRamaphosa. Lo mholi owayaziwa ngokuthi weseka uMengameli uZuma nowabe eyamaniswa neqoqo loNdunakulu elaziwa ngePremier League, wajika ngemizuzu yokugcina weseka uRamaphosa. Khona lapho akuyona imfihlo ukuthi lokhu akakwenzanga ngoba enomusa kepha wabe ehlelembela ukuba akwazi ukusuka eKapa, ayohola i-ANC eLuthuli House edlule lapho angene kwesokuba yisekela likaMengameli wezwe. Isenzo sakhe samenza wexwaywa nhlangothi zombili; abakwaZuma bamthatha “njengexoki” kwathi abakwaRamaphosa bambuka njengomuntu ongenamgogodla, ongakwazi ukuma athi mpo.
Phezu kwezinkulumo ezingenabufakazi ukuthi uRamaphosa wayengamuzwa kahle njengoba kunjalo nakuNobhala Jikelele uMagashule, uRamaphosa ubengenawo amandla okufeza izifiso zakhe njengoba ngokwakhe iSekela lakhe kwakumele kube nguMhlonishwa uLindiwe Sisulu, uNobhala Jikelele kube nguMnu uSenzo Mchunu.
Kulesi sijabane esakhiqizwa yimiphumela yokhetho lukaKhongolose nesakhiqiza uMabuza noMagashule, uRamaphosa wasondeza imbangi yakhe uMaDlamini wamnika isikhundla esiphezulu, hhayi kude kepha eduze kwakhe, eHhovisi lobuMengameli. NjengoNgqongqoshe ophethe iNational Planning Commission for Policy and Evaluation, uMaDlamini usekhaleni lwenqubomgomo kaHulumeni kanye nasekweluseni ukusebenza kukahulumeni. Lo msebenzi mkhulu ukwedlula oweSekela Mengameli.
NgokoMthethosiseklo wakukuleli, iSekela Mengameli ngokoMthethosisekelo kudingeka ukuba “lisize uMengameli ekuqhubeni imisebenzi kaHulumeni”, futhi linganikezwa noma yikuphi okukaHulumeni ngowemithetho elawula ukwengamela. ISekela Mengameli lenza imisebenzi kamengameli uma engekho ezweni, engakwazi ukwenza imisebenzi yehhovisi, noma isikhundla sobumengameli sivulekile.
Isivivinyo sokuqala
Ubumqoka noma isivivinyo sokuqala sikaMaDlamini sivele ngesikhathi ejutshwa ukuba ahole ithimba ebeliyophenya ngezibhelu zaseNorth West. Lapha ubethunywe esifundazweni ebesimeseka kuyiwa okhethweni, futhi eyophenya omunye wabantu abazidela amathambo bemkhankasela. Kwabanye lona bekuwumsebenzi omkhulu kepha, ithimba likaMaDlamini lenze ezibukwayo. Yilo eliphakamise ukuba uMengameli wezwe angenelele kulesi sifundazwe. Lokhu kwenze “wehluka” uMaDlamini kulokho abanye abebemcabangela kukho ekutheni uzochema kulolu daba. Kwale ngisho izintatheli zizama ukumdonsela odakeni, wachwechwa.
Intatheli ike yambuza ukuthi uzizwa kanjani ngokwesekwa kwesobumengameli yilesi sifundazwe esine-ANC okuthiwa silawulwa kabi futhi sinokukhwabanisa. Uvele wathi: “ ngeke ngiwuphendule lowo mbuzo ngoba angingaze ngesekwe nguhulumeni, futhi silapha nje ngodaba lukaHulumeni. Ngilapha ngimele uHulumeni, angizile nnjengelungu le-ANC.”
Ngokusobala osiphumelele lesi sivivinyo, hleze wenza noRamaphosa waziqhenya ngesinqumo sakhe. Kukho konke lokhu akezwakali uSekela Mengameli kanye noNobhala Jikelele weqembu. Ongqamayo wumholi odayiseka njengonamava, onesizotha nokwazi ukwehlukanisa imizwa yakhe kanye nokusebenza kweqembu noHulumeni okuwumuntu uRamaphosa afisa ukuzimatanisa naye. Umdlalo ojulile usuqalile, asikho isethembiso sokuthi ngokhetho olulandelayo amalungu azovota njengoba evotile. Okungenzeka wukuthi uRamaphosa eseke owesifazane njengomholi omusha. Yize kusesekuseni kepha elikaMaDlamini selikhona.