Kuleli sonto kuqale isahluko esisha eCuba
KUZOBA ngokokuqala eminyakeni engaphezu kwama-55 ukuthi izwe laseCuba liholwe uMengameli ongeyena owesibongo sakwaCastro. Okwenzeke kuleli sonto kufane nokuqopheka komlando eCuba ngesikhathi uMengameli uRaul Castro efaka isigxivizo isinqumo sePhalamende sokuba obeyisekela lakhe uMiguel Diaz-Canel ahole lelizwe elinobudlelwano obuqinile neNingizimu Afrika.
Kuncane umhlaba okwaziyo ngoDiaz-Canel kwazise izinsizwa zakwaCastro bekuyizona eziphambili kukhona konke obekwenzeka ngesikhathi zisaphethe izintambo, kepha iqhaza likaDiaz-Canel libonakele kuHulumeni ngesikhathi ekulesi sikhundla ngoba uMengameli uCastro bese ekhulile ngeminyaka futhi esehlala ngokugula. UMengameli omdala uMnu uFidel Castro uqale ukuphatha eCuba ngowe-1959, nokuthe ngowezi-2008 waphoqeleka ukuba azishiye phansi izintambo ngenxa yokugula. Ube esephakamisa umfowabo uRaul ukuba ahole inhlangano enkulu yamaKhomanisi ezweni futhi emele iqembu elibusayo iCuban Communist Party. Kuleli sonto uRaul umangaze abaningi ememezela ukuthi usethi khumu emuva kweminyaka eli-10.
Ngesikhathi uFidel Castro ethatha izintambo zombuso eCuba ngowe-1959 uDiaz-Canel wayengakazalwa njengoba namuhla eneminyaka yobudala engama-57. Emuva kokuba uMengameli uRaul Castro ememezele esizweni ukuthi uzophuma esikhundleni kungene isekela lakhe aselikhombile kube nenhlokomo kwezinye izingxenye zezwe, kanti kwabanye abantu baseCuba kube nokwesaba ukuthi lokhu sekungasho ukuphela kwenqubo yobuKhomanisi. Abantu balapha basakholelwa ekutheni le nqubo iyona eyabakhulula futhi yakwazi nokubaxhumanisa namanye amazwe. Njengoba abantu bengayi nganxanye njengamanzi, abanye bathi liphume nobovu ngoba inqubo yobuKhomanisi ayizange ibenzele lutho. Izinkulumo ezinjena beziqhamuka kakhulu entsheni ekhule konke sekuhamba kahle.
UMengameli uCastro usheshe wabaphendula abantu baseCuba abebenokungabaza ngoba emuva kokuba iPhalamende lilamukele ngaphandle kokuphikisa igama lesekela likaMengameli ube esememezela ukuthi usazoqhubeka nokuhola iCommunist Party of Cuba nesikhundla sokuba nguKhomanda embuthweni wezempi usazosiphatha. Lokhu kuhumusheka ngokuthi uCastro usazobamba iqhaza elikhulu ekuphathweni kukaHulumeni, isekela lakhe lithathe iziyalelo kuyena. Ngokwesimemezelo sakhe kubonakala kusazoba nguye ozolawula ekuqokweni kongqongqoshe ikakhulukazi ezikhundleni ezithathwa njengezibucayi futhi ezibalulekile ezweni njengezobunhloli, ezokuvikela nezempilo.
ICuba ingelinye lamazwe ahamba phambili ngohlelo lwayo lwezempilo. Lokhu kufakazelwa nayisinyathelo sayo eyasithatha eminyakeni edlule kusaphethe uMengameli uFidel Castro sokuvulela amazwe angaphandle ekuqeqesheni odokotela khona. INingizimu Afrika ihlomule kakhulu kulolu hlelo eminyakeni edlule.
Ubudlelwano beCuba neNingizimu Afrika kunethemba lokuthi buzoqhubeka noma izwe selingasaphethwe umndeni wakwaCastro. Ubuhlobo phakathi kwalamazwe budala ngoba iCuba ngaphansi kukaFidel Castro yabamba iqhaza elibalulekile ekulekeleleni izinhlangano ezazilwa nobandlululo nohulumeni wengcindezelo kuleli nasezwenikazi jikelele.
Igalelo elingasoze lalibaleka leCuba e-Afrika ngelempi eyabambana eCuto Cuanavale e-Angola phakathi kwamasosha akuleli ayeseka amavukelambuso ayeholwa nguJonas Savimbi, kanye namasosha ase-Angola ayesekwa yiCuba. Le mpi ihlala njalo ikhunjulwa ngoba okucacayo ukuthi ngaphandle kwayo, nomphumela eyeza nawo, kusobala ukuthi ngabe izinguquko emazweni anjengeNamibia nelakuleli zathatha iminyaka.
Kukhona abathi uMengameli uDiaz-Canel uzofana nesichuse nje uma kusekhona uCastro. “Kufana nokuqopheka komlando, kodwa okubuhlungu ukuthi kulo mlando akukho okuzoshintsha” kusho esinye isakhamuzi uTomas Regaldo. Abanye abantu abasekudingisweni eCuba bathi bethemba ukuthi sebezokwazi ukubuyela ekhaya uma sekuphethe umuntu ongaphumi kwaCastro. Ngaphandle kokusiza amanye amazwe ase-Afrika ayelwa nobandlululo iCuba izokhunjulwa ngokuningi emhlabeni jikelele ngaphansi kobuholi bezelamani zakwaCastro.
Ngaphansi komndeni wakwaCastro kubonakele buqina ubuhlobo beCuba neVenezuela isaholwa ngowayenguMengameli uHugo Chavez. Ngowe-1960 uCastro omdala enonyaka owodwa nje ethathe izintambo eCuba wafaka ngaphansi kukaHulumeni wonke amabhizinisi ayephethwe uHulumeni waseMelika okuhlanganisa aka-oyela, izimboni nezindawo zokugenbula. Lena kwaba yimpi esobala ayeyiphaka eyibhekise eMelika. UHulumeni waseMelika akachithanga sikhathi waqeda amaxhama okuxhumana neCuba. Akagcinanga lapho kodwa wabuye wavala lonke uhlobo lokujeziswa kwabantu, wabuye wafaka ugesi ezindaweni ezisemakhaya eCuba ezazingenawo. Umndeni wakwaCastro uzokhumbuleka ngokushintsha impilo yabantu baseCuba ngokwakha izikole namakolishi okwenza yaba izwe elihamba phambili kwezemfundo.