Now Reading
Ishaywa indiva kuleli kanti emazweni abawuvali umlomo
Dark Light

Ishaywa indiva kuleli kanti emazweni abawuvali umlomo

NGESIKHATHI ngifakana umlomo nomunye wabadidiyeli nabaqondisi bengqayi kuleli ngizwe inhliziyo yami ishona emafutheni uma engitshela ngokuhlonishwa okutholwe yingqayi iFive Fingers for Marseilles emazweni aphesheya uma kuqhathaniswa nelakuleli.

Okungiphathe kabi ukuthi phezu kwekhono eliyisimanga elitshengiswa ngabalingisi kodwa le ngqayi yaziwa ngabambalwa kuleli.

Okunye ukuthi kangikholwa ukuthi izikhondlakhondla zezinkampani zamasinema ezisabalalisa umsebenzi ziyinika ithuba elifanele emakethe yezingqayi. Lezi zinkampani yiSter-Kinekor, iNu Metro, iTimes Media Film, i-UIP, iBlack Sheep, iCrystal Brooke, i-Indigenous Film neForefront Media.

Lokhu kuze kwangikhumbuza u-Edmund Mhlongo oyinkakha kungqayi yakuleli owangibalisela ngosizi olubhekena naboHlanga uma befuna ukufaka imisebenzi yabo kulezi zinkampani.

Waqhuba wathi ngaphambi kokuthi ziyibonise zidinga kuqala etafuleni izi-R50 000. Okusho ukuthi njengoba kuleli ziyisi-8 kufuneka ube nezi-R400 000.

Kafushane nje, le ngqayi ephume mhla ziyisi-8 kuMandulo nyakenye, yaqondiswa uMichael Matthews ikhuluma ngebhungu elinguTau (Vuyo Dabula) elihluleka ukubekezelela ukuhlukunyezwa uHulumeni wobandlululo. Ligcina ngokubulala amaphoyisa amabili. Ligqunywa esitokisini iminyaka engama-20. Uma liphuma ejele lithola ukuthi abangani balo elalikhula nabo eMarseillers sebesezikhundleni eziphezulu. Kuyaphoqeka ukuthi uTau aqoke ithimba lakhe elisha (iFive Fingers) nabangani bakhe abadala asebeyizitha zakhe ezintsha.

Ubufakazi bokuba yingqayi yezinga eliphezulu wukushisa phansi kwayo ku-2017 Toronto International Film Festival, eCanada. Iphinde yaboniswa kuFantastic Fest e-Austin, eTexas, ikuBFI London Film nakuPalm Springs International Film Festival, eCalifornia khona e-USA.

Ekuqaleni kukaMbasa, walo nyaka, kumasinema akuleli igile izimanga kubox office, kuthengwa amathikithi okuyibuka ayizi-500 000.

See Also

Kwezinye izindawo beyihlula ngisho iBlack Panther yodumo.

Ngalokhu ikwaze ukuhlula ingqayi yangowezi-2013 i-Inumber Number ngamaphesenti angama-28, iJerusalema (2008) ngangama-31, iNoem My Skollie (2016) ngangama-34 neHard To Get (2014)  ngangama-40. Ingqayi eze yayimisa kabi yi-Acrimony okudlala kuyo isomomondiya uTyler Perry.

Abanye abalingisa kuFive Fingers for Marseilles ngoJerry Mofokeng, uKenneth Nkosi, uHamilton Dhlamini.

Ibhalwe uSean Drummond yase ididiyelwa u-Asger Hassain ngokubambisana noYaron Schwartzman naye uMatthews. Ivutshelwe yiGame 7 Films neBe Phat Motel Company yase isatshalaliswa i-Indegenous Film Distribution. Idlala imizuzu eli-120 ngolimi iSeSotho.

  • mkhizes@ingabadimedia.com
Scroll To Top