Now Reading
Izinhloli namadla okuvikela nokuqumba phansi umbuso
Dark Light

Izinhloli namadla okuvikela nokuqumba phansi umbuso

Yize kungaphunyelwa obala iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga kwezobunhloli

 

EsiMweni esejwayelekile izinhlaka zobunhloli ziseqhulwini ekuvikelemi izwe ezimweni eziyingozi zangaphakathi nezangaphandle. Kusemahlombe azo ukuthola ulwazi olubucayi kanye nokuthungatha izinkondo, bese becebisa uHulumeni uma sekufikwa kwezokuvikelwa kwezwe, kufafazwe ulwazi olungeyilo.

Lo msebenzi wenza lolu hlaka lubaluleke ekwakhiweni nasekusebenzeni kukaHulumeni. Kungalesi sizathu amalungu alo kumele kube ngabantu abathembekile nabanothando lwezwe. Ngenxa yolwazi olubucayi lwezwe kanye nabaholi olungaphansi kophiko lwezinhloli, amalungu alo kumele kube ngabantu abasuke bephenywe ngokwanele ukuthi bangawenza yini lo msebenzi. Okunye okumqoka wukuxhumana okuhle phakathi kwalolu phiko kanye noMengameli wezwe nokunguye ngokoMthethosisekelo wezwe onguMkhuzi wazo zonke izinhlaka zempi ezweni kubandakanya nophiko lwezinhloli.

Yize ingekho ohlwini lwamazwe ayishumi ahamba phambili ngobunhloli iNingizimu Afrika iyahlonishwa uma sekufikwa kulo mkhakha. Lokhu kuhlonishwa kusuka ezikhathini zobandlululo lapho uHulumeni wamaBhunu wayecije kakhulu nokwakwenza akwazi ukungagcini nje ukuvikela uHulumeni wabamhlophe iminyaka ngeminyaka kanye nokucindezela aboHlanga kuleli kepha wayekwazi nokugadla emazweni angomakhelwane ayegcine abakuleli ababe sekudingisweni.

Udosi lwezinhloli zakuleli luyaziwa emazweni afana neBotswana, i-Angola, iMozambuque, iLesotho neSwaziland nayilapho izinhloli zobandlulo zazingena ziphindelela zicoboshisa amalungu ezinhlangano ezabe zilwela inkululeko.

Uphiko lwezinhloli lwamaBhunu lwalubulala lungadlali. Lokhu lalingakwenzi lapha kuphela kepha ngisho emazweni angaphandle, inqobo nje uma loyo elimsusayo ehlangene namaqembu ezombangazwe.  Isibonelo nje mhla zingama-28 kuNhlolanja ngowe-1986 kwabulawa uNdunankulu waseSweden u-Olof Palme nokuvela ukuthi wadliwa yizinhloli zakuleli ngenxa yokuxhumana kwakhe ne-African National Congress (ANC).

See Also

Ngawo futhi lowo nyaka ngenyanga kaMfumfu mhla zili-19 zagadla kuMengameli waseMozambique uSamora Moses Machel. Yalala insizwa kaMachel eMbuzini eMpumalanga ngesikhathi ibhanoyi eyabe ihamba ngalo lithelwa othulwini.

Lo mkhuba wokubulawa kwabantu nabaholi ngaphandle kwaleli wawungaqali njengoba naloyo owayengumfazi kaMnu uJoe Slovo, uNkk uRuth First wabulwa mhla zili-17 kuNcwaba ngowe-1982 eMozambique. Wabulawa emuva kokuqhuma kwebhomu elabe lifakwe encwadini ayethunyelwe yona. Konke lokhu kuveza ubuhle nobungozi bezinhloli. Ukuthi ziyakwazi ukuvikela izwe, kanti nokuthi zingabhubhisa ngaphansi kokuthi kuvikelwa izwe nabantu balo.

Scroll To Top