Now Reading
Uyihlela ngesinwe eyomhlaba uMnguni Omnyama
Dark Light

Uyihlela ngesinwe eyomhlaba uMnguni Omnyama

JENGOBA umhlaba iJerusalem umqoka kwabakwa- Israel nabasePalestine, njengoba umhlaba oseMecca umqoka kwabenkolo yobuSulumane nakithi umhlaba ongaphansi kwe- Ingonyama Trust umqoka.” Lawa ngamagama akhulunywe ngoNgangezwe Lakhe ngesikhathi evula ngokusemthethweni kwesigaba sesihlanu seSishayamthetho Sesihlanu saKwaZulu-Natal ngoLwesibili eMgungundlovu. Owebululu likaNdaba wethule le nkulumo nje imilomo iyavunana ezweni odabeni olithinta ukubuyiselwa ngomhlaba ngale kwesinxephezelo.

Ngalo usuku lwangoLwesibili iPhalamende lakuleli labe lidingida futhi livotela isiphakamiso esenziwa yi- Economic Freedom Fighters (EFF) saphasa nesichibiyelo esafakwa yi- African National Congress (ANC) nesagcina sivotelwe saphasiswa yiningi. Umlilo uqalwe yiloyo owayeliSekela Mengameli uMnu uMotlanthe ngesikhathi yena nethimba lakhe elaziwa ngeHigh Level Panel begila iziga ngokwesimiso soBukhosi lapho bephakamisa ukuthi ISILO kasibe ‘ngumuntu nje’ , siphathelwe umhlaba nguNqgonqgoshe. Lokhu kuhunyushwe yiningi labantu njengokuthatha iSihlalo buthule nokujivazwa kweSILO nesimiso soBukhosi. Selokhu kwaphuma lezi zindaba kwelaboHlanga cishe zonke izinhlaka zomphakathi kusuka ezinhlakeni zoBukhosi, amaqembu epolitiki, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni, amalungu omphakathi kuwo wonke amazinga bayaphawula.

Okuqaphelekayo wukuthi uNomthebe kaZulu unohlelo oluqondile ngalolu daba. Lokhu kugqame ezinkulumweni azenzile kula masonto amabili. Inkulumo yokuqala Omdala uyenze ngesikhathi kunomhlangano waMakhosi Ondini ngeledlule nayilapho aMakhosi abezobabaza umuga ekhuza nomhlola ngalolu daba. Kwathi okwesibili labhodla kuvulwa iSishayamthetho. “Engingakuqinisekisa wukuthi njengoBukhosi sesimi ngomumo ukubhala emlandweni njengoba benza okhokho bethu eSandlwana bevikela ingubo yethu nomphefumulo wethu okuwumhlaba,” kusho iBhubesi lakithi kwaKhethomthandayo, uMthunduluka owavuthwa ngeNala. ISILO sithe njengengxenye yokuzilungiselela sijube ukuba kwenzeke lokhu okungezansi okwamanje nokuyizigaba ezintathu: Isigaba sokuqala kuzoba khona ithimba labaKhongi abazovela emikhakheni eyahlukene, onhloso yalo kungukuxhumana ngokusemthethweni nawo wonke amaqembu ezepolitiki kuleli ngalolu daba lomhlaba, lapha ngikhuluma ngamaqembu angaphakathi nangaphandle kweSishayamthetho nePhalamende.

Khona lapho leli thimba lizoqhubeka lixhumane nezinhlangano zomphakathi ezingekho ngaphansi kukaHulumeni ngenhloso efanayo. Kulokhu ISILO sithe asikholwa ukuthi kukhona ongexwaya lokhu ngoba uZulu njengazo zonke izizwe unalo ilungelo lokulwela okwakhe. Saphinde sathi lokhu kuhle njengoba kuzoxhunywana namaqembu epolitiki lungakafiki ukhetho lwangonyaka ozayo “ukuze noZulu wazi ukuthi nxa uvota ukuthi uvotela abantu abakubona kuyisono yini ukuba noBukhosi obunomhlaba noma cha.” AbaKhongi bajutshwe ukuba ezinsukwini ezingama-60 babe sebexhumene ngokusemthethweni noHulumeni waKwaZulu-Natal oholwa nguMhlonishwa uWillies Mchunu, kanye nohlaka olumele omasipala iSouth African Local Government Association (Salga) eholwa nguMnu uNdobe. AbaKhongi bazobuye bahlangane neHhovisi likaSomlomo waKwaZulu-Natal.

See Also

Isigaba sesibili yileso sokuqinisekisa ukuthi imiphakathi eyakhele izindawo ezingaphansi kwe-Ingonyama Trust kanye noZulu nje wonkana iyazi ukuthi sibhekene nani. Omdala uthe lokhu kumqoka ngoba lena yimpi akuyona yesizwe sonkana. Sithe okumqoka lapha wukuthi kuqiniswe ukuxhumana komphakathi nezinhlaka zoBukhosi. Isigaba sesithathu wumhlangano owukhukhulela ngoqo wezinduna zikaZulu. Lapha ISILO sijube ukuthi yonke induna ibe khona ihamba neNkosi engaphansi kwayo.

ISILO sithe lezi zigaba ezintathu kuseyisiqalo nje ngoba lapho siya khona kusekubizeni imbizo yesizwe ngalolu daba. “Njengohleli eSihlalweni sikaZulu ngiwumvikeli nomlondolozi walokho okungumongo kaZulu. Okwamanje lolu daba ngisaluthatha ngomthetho ngethemba lokuthi nabaphakamisa ukuthi semukwe umhlaba bayawulandela umthetho. Angifisi ukulwa ngale komthetho ngoba lokho kuyosiphindisa emuva njengezwe. Engikwenzayo nokulandela umthetho akulona uphawu lobugwala kepha wukwazi ukuthi kuyingozi kangakanani ukulwa ngale komthetho. Yikho ngithi Zulu okwamanje ayihale phansi ibambe umthetho!” kuphetha iNunu.

Scroll To Top