Ukwethulwa kwe-Operation Phakisa kwezobuchwepheshe


Izingane zamanje zikhula ngobuchwepheshe okunesidingo sokuthi busheshiswe
UHLELO lwe-Operation Phakisa seluqhubeka ngesikhulu isivinini. UHulumeni waseNingizimu Afrika usungene kwelinye igiya maqondana nokulethwa kwezidingo ngokushesha ezweni. Uhlelo lolu lwaqala eminyakeni emithathu edlule lapho uMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma okwathi emveni kokuvakashela ezweni iMalaysia ngenhloso yokufunda ngohlelo lwabo lokuletha ngokushesha izidingonqgangi kubantu, waqala uhlelo olufuze olwamaMalashiya olumele malulandelwe iNingizimu Afrika ekuthenini ikwazi ukusheshisa izinhlelo zokuthuthukisa ezenhlalo yasemakhaya, ezempilo yabantu ngokwakhiwa ngokushesha kwezibhedlela nemitholampilo, ukwengezelwa kwenani ezimbiweni, ukuthuthukisa izinhlelo zomnotho wezolwandle, ezobuchwepheshe nokuxhumana (ICT) ezikoleni nokunye.
Konke lokhu kwabe sekubizwa ngegama lesiSotho elithi Phakisa elichaza ukwenza ngokusheshisa. Le Phakisa yezokuxhumana i-Information Communication Technology (ICT) ihambisana nokwakhiwa kwengqalasizinda yezokuxhumana ezikoleni. UMengameli wezwe nxashana eletha lolu hlelo ikakhulu ezikoleni ezisemazingeni aphansi naphakeme kuwukusiza ukuhlela kabusha imfundo ukuze ihambisane nesikhathi sanamuhla. Iqiniso lithi, umhlaba njengalokho besiwazi ngakwezemfundo ngaphambilini awusafani naseminyakeni eyishumi eyedlule. Kulesi sizukulwane esiphila manje, sizalelwe ngaphansi kohlelo lobuchwepheshe bethekhinoloji, lokhu okuchaza ukuthi ukwenza izinto eziningi manje sekuzoncika kakhulu ekukwazini ukusebenzisa ulimi lwamakhompiyutha. Ingani sibhala nje, uhlelo lokulethwa kwemoto ezozishayela yona seluvele lufakiwe. Labo abalandela le nqubo entsha yokushayela bazokhumbula ukuthi kuwo lo nyaka enye yezimoto ebizwa ngeTesla Model S, iye yagingqika yabulala umniniyo ngesikhathi isavivinywa. Noma kwenzeke le ngozi, okubalulekayo lapha ukuthi yabe isihambe isikhathi eside le moto nomniniyo okuveza ngokusobala ukuthi leli phupho selivele lifezekile, ngakho lukhona ungabazane noma cha, konke kuyaguquka. Noma abanye bangayibuka njengensumansumane le ndaba, okumele kodwa bakukhumbule ukuthi, ngisho ibhanoyi imbala kwabe kungakholakali ukuthi lingandiza.
Ubumqoka bale-Operation Phakisa kweze-ICT, bubaluleke ngale ndlela yokuthi nxashana bungase bungenzeki ngesivinini esifunekayo, izingane zaboHlanga naseNingizimu Afrika ziyosilela emuva kakhulu, zedlulwe nangamazwe esingontanganye nawo ngokwentuthuko. Lokhu kungadala ukuthi siqhubeke njalo sizinxibi ezweni lawokhokho.
INingizimu Afrika ngokwesabelomali esikhipha minyaka yonke isebenzisa imali eningi kakhulu ukwedlula amaningi amazwe emhlabeni, nokho imiphumela yalezi zimali eziningi kangaka ibonakala luvindi. Kuyaphawuleka ukuthi lokhu kudalwa izinkinga eziningi kakhulu ezikhungethe ezemfundo yakuleli. Yingakho esinye sezixazululo esizosiza le nkinga yikho ukulethwa kwemfumdo ngendlela yesimanje, okuyi-ICT. Mhlazana ehlaba ikhwelo uMengameli wanxusa ukuthi kubekhona ukubambisana okukhulu phakathi kwezinkapani ezizimele noHulumeni. Lokhu-ke kufakazelwe umhlangano obungomhla zingama-21 kuMandulo ngowezi-2016 eNew York e-USA. Lo mhlangano ubuhambisana nayo le nhlanganyelo emele mayibekhona phakathi kukaHulumeni nosomabhizinisi abazimele njengokwekhwelo likaMengameli wezwe. Yingakho izinhlangano zosomabhizinisi baseNingiziu Afrika okuyiThe Ed Ex (Pty) Ltd, iKolok ne-Adamo Technology ziye zahlangana nezase-USA ngokuthi zifake igxalaba ekuletheni isixazululo zisebenzisana nezase-USA okuyiPoverty Dignified Inc. kanye neMy Power Solutions. Yilapho-ke lezi zinkampani ngokubambisana ziye zabonana noMengameli ehambisana noNgqongqoshe beKhabhinethi okungoNkk uN. Mokonyane wezamanzi, nowezangaphandle uNkk uMaite Nkoana-Mashabane, owezokuphepha uMnu uDavid Mahlobo inxusa leNingizimu Afrika e-USA uMnu uM. Mahlangu. Lapha abatshalizimali bebefuna okokuqala ukutshengisa ukuzimisela kwabo ngokusiza iNingizimu Afrika ekwakheni ingqalasizinda ye-ICT kanye nokutshala izimali ekuthuthukisweni ikakhulu ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini. Okufike kwathokozisa kakhulu izithunywa zikaHulumeni kanye noMengameli ukuzwa ngezixazululo ezizolethwa yile nhlanganiso yabaseNingizimu Afrika nabase-USA. Lokhu kubuye kwafakazelwa umsebenzi osuvele wenziwe yiyo iPD Inc. Ekhuluma nababethamele umhlangano uThishanhloko waseNconchoyini Primary School ePhola Park, okuyimikhukhu yaseGoli, uNkk uSindiso Maphoso uchaze ngegalelo iMy Power nePD Inc. asebebenalo esikoleni asiholayo, neqhaza elibanjwa abafundi, othisha, abazali kanye nomphakathi jikelele ekwakhiweni kwesizwe esisha kwezemfundo namabhizinisi. Eqhubeka nokuchaza uNkk uMaphoso, ukubeke kwacaca ukuthi lolu hlelo alusizi kuphela abafundi, kodwa selulethe ukuthuthuka ngisho nokwabantu emphakathini, kwazise sebekwazi ukuxhumana ku-inthanethi, nokuletha ukukhanya lapho ugesi ungekho khona. Lokhu kutshengisa iqhaza elibanjwe yisikole emphakathini.
Imali edingeka eminyakeni elishumi luqalile lolu hlelo lwe-Operation Phakisa kuzwelonke ingaphezu kwezigidigidi ezingama-R200. Kanti iKwaZulu Natal iyona edinga kakhulu ukuthuthukiswa ngokwezimali eziningi kakhulu. Okufike kwabakuhle ekwethulweni kwalolu hlelo e-USA, kube ukuthi amaMelikana angandi ngomlomo, kodwa akwazi ukufaka isandla anikezele ngesheke eliyizigidi ezi-$5 elizothi lisetshenziswe ekufezekiseni leli phupho le-Operation Phakisa KwaZulu Natal. Okufike kwahlaba umxhwele futhi kube isethembiso semali ezotshalwa engaphezulu kwezigidi ezili-$115 osozimboni abazimele eminyakeni emibili ezayo. Okhulumela iMasifundisane Foundation, uDkt uNomsa Dlamini, onguchwepheshe wemaths nesayensi, naye obethamele lo mcimbi, ubalule ubumqoka balezi zifundo kanye nezinselelo ezibhekene nabafundi baKwaZulu-Natal ekutheni kumele kusetshenzwe kakhulu ekuphakamiseni izinga kulezi zifundo ngokusebenzisa i-Operation Phakisa.
Maduzane, nxashana esebuyile eNingizimu Afrika, uMengameli uzovakashela lesi sikole sasePhola Park ukuyozibonela ngokwakhe imisebenzi ye-Operation Phakisa.