Now Reading
Inkululeko yezomnotho: Usema yedwa umntwana
Dark Light

Inkululeko yezomnotho: Usema yedwa umntwana

NGENKATHI ingane izalwa, iqala ukukhula ngezigaba zempilo, kunesigaba esibalulekile lapho ifunda ukuma. Abadala bamemeza beyikhuthaza ngokuthi, ‘Usema yedwa umntwana.’ Lokhu kusuke kuveza intokozo abomndeni abanayo uma bebona inqubekelaphambili enganeni. Nayo ingane iyakuthokozela ukushayelwa izandla inconywe kuthiwa seyima yodwa bese ilokhu iphinda ima kuze kube ifunda ukuhamba. Kunjalo nje nasempilweni. Kuwo wonke amazinga okukhula umuntu kumele abe nethuba lokufunda ukuma yedwa ngandlela thize. Lokhu kuma yedwa kusuke kungasho ukuthi abanye abaseduze ababalulekile, kodwa ufunda kubo ukuthi kuyahambeka, nokuthi izinyawo zakhelwe ukuma nokuhamba.

Ukukwazi ukuzimela wedwa akusiyo into oyenzelwa ngomunye umuntu, kodwa idinga wena qobo lwakho ukuzama kancane kancane uze ugcine ukwazi ukuma ungabambelelanga. Into engiyaye ngiyibone imsiza umuntu ukuma yedwa, yimfundo. Lapha angikhulumi ngemfundo yasesikoleni kuphela, ngoba phela namuhla sesihlale sicabanga uhlobo olulodwa lwemfundo olutholakala esikoleni. Ukhona umuntu ongafundanga okwasesikoleni kodwa okwaziyo ukuma yedwa. Lokhu kusho ukuthi ngaphezu kwemfundo yasesikoleni umuntu uyayidinga ingqondo ekhulile emsiza ukuba akwazi ukuma yedwa uma kunesidingo. Imfundo yasesikoleni iyodwa ayimsizi umuntu ukuba akwazi ukuma yedwa. Phela empilweni, ikakhulukazi eyomnotho iyamdinga umuntu okwaziyo ukuma yedwa uma isimo sidinga lokho.

Angazi noma uke uzwe yini abantu befakazelana bethi ‘ufundisekile usibanibani.’ Lokhu kunika isithombe sokuthi kuyenzeka umuntu afundiswe kodwa angafundiseki. Umuntu angaba yisifundiswa abe nezitifiketi ayikazele yimijiva emibalabala kodwa abe engafundisekile. Kanti kubonakala kanjani ukuthi umuntu ufundisekile? Kuyenzeka yini ukuthi umuntu afundiswe kodwa athi eseqede ibanga elithile abe engafundisekile? Kushiya imibuzo ngalowo ofundisayo, nalowo ofundiswayo kanye nohlobo lwemfundo efundiswayo. Kumele sihlale sizibuza imibuzo ngalokho okusemandleni ethu okuzinsiza ekukwazini ukuma wedwa uma kunesidingo.

Uma uzwa kuthiwa umuntu ufundile kuyaye kufike emqondweni umuntu owazi konke. Kuyaye kufike ukuthi lo muntu unamasu okwenza izinto noma amasu okuxazulula izinkinga. Abanye basuke besho ngoba bebona izitifiketi ezinegama lalowo muntu, kwesinye isikhathi bebona iziqu azithwele. Ngabe kunjalo na?

Ngokujwayelekile nje, ngabe ukuthi umuntu ufundile ngabe kusho ukuthi unolwazi? Iziqu zemfundo zehlukahlukene; kunalezo umuntu okuthi esezitholile angakwazi ukusebenza ngaphandle kokwengeza okunye okuthile okuzomenza aqashwe kumbe alungele umsebenzi othile. Kuneziqu zemfundo okuthi uma umuntu esezitholile kube ngukuthi usengazimela asebenze asungule umsebenzi adayisele abantu lokho akwenzayo aqashe abantu basebenze abaholele.

Uma kuthiwa umuntu ufundile kusho into enkulu. Ezikhathini eziningi kusuke kuchazwa ukuthi umuntu usengazimela. Ngicabanga ukuthi ukufunda okuyikho yilokho okwenza umuntu akwazi ukuma yedwa uma kunesidingo. Usuke engafundisekile ngokwenele umuntu ophila ngokuncika angakwazi ukuma yedwa noma sekudingeka lokho. Iqiniso ngelithi ukufunda akupheli, kodwa yonke imfundo ayitholile umuntu kumele imbeke ezingeni elithile lokhu kwazi ukuzimela wedwa. Kungakho nje uyaye uzwe abantu bethi umuntu ufunda aze afe.

See Also

Uma ngibona umuntu esengudokotela owelaphayo, noma ngaluphi uhlobo kuyaye kungifikele ukuthi lowo muntu usezimele. Ngamanye amazwi usengalususa unyawo aye phambili ngaphandle kokusizwa ngomunye umuntu. Noma yikuphi okuhle okuyinqubekela phambili umuntu akwazi ukukwenza ngokwakhe kumbeka ezingeni lokuma yedwa.  Singamchaza umuntu okwaziyo ukuma yedwa ukuthi singambala nezifundiswa ngoba usuke enolwazi oluthile olufanele ukumenza akwazi ukuphila futhi aphilele nabanye abantu. Ngabe ikhona ebizwa ngokuzimela lapha e mhlabeni? Ngokucabanga kwami yilapho kuqala khona impilo yokuzethemba bese izala ukwenzeka kwezinto ezinkulu. Imfundo yethu isibeka kuphi? Kungabe sisizakala kangakanani ngemfundo yethu yasesikoleni? Uma ngiyicabanga imfundo kumele isisize ukuhlaziya futhi inciphise izinga lokwesaba ukuqala ukuhamba sibheke phambili.

Ingane izizamela yona ukuma. Yiyona ezwa amandla emzimbeni wayo ukuthi seyingama ngaphandle kokusizwa ngomunye umuntu oseduze. Uma seyimile okokuqala iyaphindaphinda ize igcine seyifunda ukususa unyawo. Lokhu kumele kusuke kuyo ingane. Impilo yomnotho idinga lokho. Ngeke uyihanjelwe ngomunye umuntu. Kumele isuke kuwe wakhele olwazini onalo ngaleso sikhathi. Abantu abaseduze, ikakhulukazi labo abaseduze nawe ababona imizamo yakho bayithokozele, bayokusiza ukuba ungawi, aze aqine amadolo. Kumele sikufunde ukusizana, ukuncomana nokulekelelana thina boHlanga, simkhuthaze lowo okhombisa izimpawu zokuma yedwa.

  • UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za
Scroll To Top