Now Reading
UMnyango ubashovela eMakhosini omabhalane
Dark Light

UMnyango ubashovela eMakhosini omabhalane

IKOMIDI loMabhalane bezizwe zaMakhosi aliphathekile kahle ngendlela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal osingethe ngayo udaba lwamaholo abo njengoba seludonse iminyaka emine kungaqhanyukwa nesixazululo. Leli komidi liveza ukuthi mkhulu umsebenzi owenziwa ngoMabhalane baMakhosi, njengokwenza imisebenzi yezizwe, ukuxhumanisa kalula aMakhosi noMnyango. Eminye imisebenzi eyenziwa ngoMabhalane emikhandlwini yaMakhosi ukunikeza izincwadi zokuqinisekisa ukuthi lowo muntu ungumhlali esizweni seNkosi, ukubhala zonke izimali ezingenayo neziphumayo, ukuqinisekisa ukuthi uMnyango uthola yonke imibiko ngokusebenza koMkhandlu.

Kusukela ngowezi-2014, oMabhalane babhalele uMnyango ukuthi bacela ubabonelele ngamaholo njengoba umsebenzi abawenzayo ezizweni umkhulu kakhulu. Ngokusho kukaSihlalo woMabhalane KwaZulu-Natal uMnu uSiyabonga Ndulini engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, baqale beholelwa imali engama-R600 ngenyanga. Uthe ibe isinyuka njengoba isiyi-R1 600 kusukela ngoLwezi wangowezi-2012 kodwa kuze kube yimanje ayikanyuki nakuba izingxoxo ngemihlomulo ziqale ngokusemthethweni ngowezi-2014. UNdulini uthe le mali incane kakhulu ngokomsebenzi abawenzayo belekelela uHulumeni ukuze akwazi ukuthola konke okusuke kwenzeka ezizweni. Ngokubona ukuthi uHulumeni akabanaki bahlanganile ngowezi-2014 ngokwezifunda bakha amakomidi basebephinda behlangana bakhetha ikomidi elizobamela esifundazweni. Ukuhola kwabo ngaphansi koMnyango kubenza befane nazo zonke izisebenzi zikaHulumeni, njengoba bekhokha intela, nakuba bona bengazitholi zonke izibonelelo.

Kumanje bakhala ngokuthi le mali incane kakhulu njengoba bengakwazi ukunakekela imindeni yabo nokuthi bekwazi ukuzithuthukisa. Lokhu kuvele encwadini yezikhalo abayithumelele iKhomishini ebhekelele ukusebenza kukaHulumeni ibhalwa yilo leli komidi. Okuvelayo kule ncwadi ukuthi bathi uMphathiswa uNkk uNomusa MaDube Ncube wenza izincomo ngowezi-2012 ezithi bonke oMabhalane bezizwe zaMakhosi kumele bangene ngaphansi koMnyango ngoba sekuzoba yiwo osuzobanakekela uphinde ubaholele. Mhla zi-2 kuNhlaba ngowezi-2017 leli komidi libhalele uMphathiswa kodwa wangaphendula. Baphinda babhalela neHhovisi likaNdunankulu laphendula ngokuthi abaxhumane noCOGTA. Lolu daba selubikwe nakuMnu uThemba Godi oyilungu lePhalamende kuZwelonke nophinde abe nguSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA). Into enenga kakhulu leli komidi ukuthi babona uHulumeni ebashaya indiva futhi angakuboni ukubaluleka kwabo njengoMabhalane bezizwe zaMakhosi.

UMnu uGodi akazange esabaphendula. Ngeledlule bekufanele kube nomhlangano phakathi kwamalungu ekomidi ngokwezifunda kanye noMnyango, nokugcine kungenzekanga njengoba uMnyango uvele wawuhlehlisa isigubhukane ngaphandle kokunikeza izizathu ezizwakalayo. USihlalo waleli Komidi uMnu uNdulini onguMabhalane eMkhandlwini wesizwe seNkosi uMakhanya, eThekwini, utshele elaboHlanga ukuthi lolu daba seluphenduke inzukayikeyi. “Umsebenzi esiwenzayo mkhulu kakhulu, sisebenza ngokuzinikela emikhandlwini yaMakhosi ethu. Sisebenzisana kahle kabi naMakhosi futhi ayaseseka kulezi zimfuno. Siyakujabulela kakhulu ukuthi sithole ukwesekwa ngale ndlela. Into esiphethe kabi ukuthi uHulumeni akafuni ukuzwa izimfuno zethu. Sesiside isikhathi sikhala ngodaba lwamaholo. Incane lemali esiyiholayo, kumele sinakekele imindeni yethu ukuze, siphile, sizibheke kuyo lemali.

Ngokwesigaba samaholo kuHulumeni sikwesesihlanu. Kodwa sihola amakinati. Sicela uHulumeni ezwe izimfuno zethu ukuze nathi sikwazi ukusebenza sikhululekile,” kuchaza uNdulini. ElaboHlanga libe selixhumana nokhulumela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uMnu uMsawakhe Mayisela okushaye indiva ukuthi kwaba khona isiphakamiso sikaMphathiswa uNomusa maDube Ncube sokuthi uMnyango uzothatha oMabhalane baMakhosi ubafake ngaphansi kukaHulumeni. “Ngicela ukuthi ngikucacise ukuthi oMabhalane baMakhosi baqashwe ngaMakhosi, uMnyango ubanikeza izibonelelo zokuthi bekwazi ukugibela. Iqiniso lithi baqondene naMakhosi. Akulona iqiniso ukuthi kwaba khona isiphakamiso njengoba kushiwo. Siyakuhlonipha ukuba khona nokubaluleka komabhalane, yingakho kuba khona abakutholayo okuncane.

See Also

Udaba lwamapay slip kuwumgomo kaHulumeni ukuthi yonke imali ekhokhelwa umuntu ephuma kuye yaziwe bese kukhishwa namapay slip akhombisayo ukuthi kunemali ayitholayo. Akusho ukuthi usuke lowomuntu eseqashiwe. Ikhona imihlangano eqhubekayo yokubonisana ngalo lolu daba,” kucacisa uMayisela. USihlalo weNdlu Yobuholi Bomdabu KwaZulu Natal iNkosi yesizwe saseMadungeni, uPhathisizwe Chiliza uthe iNdlu ibeseka kakhulu omabhalane kulolu daba lokufuna izimfuno zabo. “Lolu daba siyalwazi aluqali namhlanje. Uma uHulumeni wakithi ekhuluma ngokuthi abantu bakithi ababe nemali yokuziphilisa kodwa uma kukhulunywa ngalolu daba lomabhalane baMakhosi ubanikeze lolu bala lwemali. Akuzwakali kahle ngampela, siyakuqonda ukuthi bangabaMakhosi kodwa uma sekumele bahole kumele babheke kuHulumeni ngoba vele umsebenzi omningi bawusebenzela uHulumeni, ngakho nguye olawula uhlelo lokusebenza kwabo.

Yingakho sikuthatha njengensumansumane uma sekumele behole bese kuthiwa abaziwa. Sicela izinhlaka ezifanelekile eMnyangweni wakwaCOGTA ziluphothule lolu daba lokuholela omabhalane imali efanele, futhi elawulwa uMthethosisekelo wakulelizwe esigabeni sabasebenzi,” kuphawula iNkosi uChiliza. INkosi yaseMadungeni ibe isikuveza ukuthi miningi imihlangano esike yabanjwa mayelana nalo lolu daba futhi iNdlu ayikwazi ukunqumela uHulumeni ukuthi kumele ubaholele malini, kodwa akunikezwe labo mabhalane imali esezingeni elifanelekile. INdlu iyizwile nemigomo eke yaphakanyiswa mayelana nezinga lemfundo okufanele umabhalane babe nayo. Angicabangi ukuthi kuyaphikiswana ngalokho, kodwa okubalulekile ukuthi laba abavele bekhona abanakekelwe nabo,” kubeka iNkosi yaseMadungeni.

Scroll To Top