Now Reading
Usuka kuphi umculo osunedumela, igqomu
Dark Light

Usuka kuphi umculo osunedumela, igqomu

NGASEKUPHELENI kweminyaka yama-90, kuchuma uhlobo lo mculo igqomu, babodwa ababewubiza ngesidoklo, uthayela, ithini, isiqinsi  kukhona nabathi uswazi.

Okuvelayo ukuthi lolu hlobo lo mculo luqale ukuchuma kumanight club, aseThekwini ahanjelwa ngabantu boHlanga abakhele amalokishi afana naKwaMashu, iNanda, iClermont, uMlaza namanye.

Kuningi obekukhulunywa ngalolu hlobo lo mculo njengoba kukhona ababethi luluhlaza cwe, lusadinga ukunongwa. Luphinde lwahlanganiswa kakhulu nesidakamizwa esaziwa ngomgwinyo esisetshenziswa kakhulu kuzo lezi zindawo zokuzijuxuza ebusuku.

Yisona kanye lesi sizathu ebesenza ukuthi umuntu odlala lo mculo ahlanganiswe nobukhotheni.  Phakathi kwabaklwebhi bamapuleti amagama abo abengasali uma kukhulunywa ngalo mculo kubalwa uDJ Sdoklo, uDJ Gukwa, uDJ Kay Bee, uDJ Sbo, uDJ Ndile, uDJ Target ukusho abambalwa.

Uma babekhona, bancane kakhulu ababecabanga ukuthi izinkampani eziqopha umculo kanye nabaculi bangenza izigidi ngalo mculo.

Ubani owayazi ukuthi uhlobo lo mculo obizwa ngegqomu ngelinye ilanga uyoba nengoma eyohlukanisa unyaka emsakazweni omkhulu Ukhozi FM. Kuqopheke umlando iDistruction Boyz okuyiqembu lezinsizwa ezidabuka KwaMashu okunguThobani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu zihlukanisa unyaka oKhozini FM engengoma ethi Okunye Phezu Kokunye.

Kulezi zinsuku kabaconsi phansi abaculi beGqomu abanjengoBongekile “Babes Wodumo” Simelane wodumo lwengoma iWololo, uThobeka “Tipcee” Ndaba owaziwa ngethi Mina Ngiscathulo, uDJ Boonu wengoma uSwidi Wodwa, ukusho abambalwa. Ukuzimisela kwalaba baculi baseThekwini kwabakwenzayo sekwenze nabaseGauteng bangena shiqe ekuculeni igqomu.

USibongiseni Khathi owaziwa ngoDJ Sbo ongomunye wabalima indima enkulu ekusunguleni lolu hlobo lo mculo wazise iBAYEDE ukuthi igqomu ichunyiswe wukufika kohlelo lokuklwebha amapuleti olubizwa ngeFruite Loops eyasungulwa yi-Image-Lane okuyinkampani yaseBelgium.

Lo mklwebhi wamapuleti ongumdidiyeli womculo eWest In ephethwe nguMandla “Mampitsha” Maphumulo naku-Afrotainment kaMthokozisi “DJ Tira” Khathi uthe ngemuva kokunikwa uDJ Shembe waKwaMashu iFruite Loops wabe eseyedlulisela nakwabanye abayithokozela kakhulu. Uthi okwenza umculo wegqomu wathandwa emakilabhini kwaba wukushesha kwezinsimbi zayo.

“Ngesikhathi kungenwa eminyakeni yezi-2000 oDJ abaningi kuzona zonke izindawo emalokishini nakumanight club base bengayingeni eyomunye umculo kodwa bese kudlalwa igqomu. Ngicabanga ukuthi abantu base befuna into entsha ezobajabulisa. Okwakuyinkinga ngalolu hlobo lo mculo ukuthi wawuhlanganiswa nezinto ezimbi. Neziteshi zemisakazo bezingafuni ukudlala lo mculo. Ngicabanga ukuthi ukunikwa kukaDJ Tira noDJ Sox uhlelo lo mculo kuGagasi FM eminyakeni edlule kwenza nezinye iziteshi zalandela ekudlaleni lo mculo. Kuyangijabulisa ukuthi izinkampani zomculo ezifana ne-Afrotainment neWest Ink sezenza izigidi zemali ngalolu hlobo lo mculo,” kubeka uDJ Sbo.

See Also

Uqhubeke nokuveza ukuthi igqomu lidala njengoba kuyilona elalandela uhlobo lwekwaito house. Uthe ikwaito yaseThekwini (Durban Kwaito Music) ilandele kamuva. Uthi ngemuva kweDurban Kwaito Music, igqomu libe selibuya ngesitayela sesimanje esisheshayo abasibiza nge-3kicks. Mayelana nokushesha ukuphupha  kwalolu hlobo lo mculo uthe igqomu isazohlala iminyaka, okwabo njengoDJ ukuqhamuka nezinongo ezintsha.

UKhumbulani Xulu owaziwa ngoDJ Kay Bee echaza lolu hlobo lomculo uthe: “Wuhlobo lomculo olusebenzisa kakhulu izigubhu (drums), imisindo enswininizayo, kulo kuphinde kunqanyulwe amaphimbo abaculi. Wuhlobo olusheshayo, isivinini sisuka ku-125 siya ku-128 beats per minute (BPM). Phakathi kwezinongo kuhlanganiswa umculo obizwa ngetribal nehouse. “Ngesikhathi ngithola iFruite Loops ngangidlala kwenye yamanight club eThekwini. Ngikhumbula ngosuku lokuqala ngidlala igqomu phakathi kwamabili, kwaba sengathi abantu kukhona okubatinyelile, badansa kwaba manzi isiteji. Njalo uma ngizonandisa khona base bengicela ukuthi igqomu ngingabe ngisayifaka ebusuku kakhulu kodwa angidlale yona zisuka,” kubeka uDJ Kay Bee osesebenze nabaklwebhi bamapuleti abahlonishiwayo abanjengoDJ Bongz, uDj Oskido, uDJ C’ndo nabanye.

Mayelana nokuhlanganiswa kwalolu hlobo lo mculo nezidakamizwa le nsizwa yaseSiyanda, KwaMashu iphawule yathi: “Lolu hlobo lo mculo lufike vele izidakamizwa zidliwa ezindaweni zokuzijabulisa zasebusuku. Bekukhona abantu abafana noGoodman abebezidayisa kuwona wonke amanight club akuleli. Yisona lesi sizathu esidale ukuthi igqomu lihlanganiswe nezidakamizwa. Kuyajabulisa ukuthi abanikazi bezinkampani zomculo neziteshi zemisakazo konke lokhu zigcine zingakunaki”.    

USabelo Mthethwa owaziwa ngoDJ Target wodumo lwengoma ayicula noDJ Tira noDJ Ndile ethi Mthwalo Wami uveze ukuthi kuthi  akakhale izinyembezi uma ebona igqomu isihlonishwa kangaka. Uthe ngesikhathi besadlala lo mculo eminyakeni edlule bebebizwa ngawo wonke amagama. Uqhube wathi uma engabala asekwenzile ngenxa yemali ayithole ngalo mculo kungashona ilanga.

Scroll To Top