Now Reading
Izoba yisixazululo nesibusiso iMDC ebholeni kuleli
Dark Light

Izoba yisixazululo nesibusiso iMDC ebholeni kuleli

EMINYAKENI eyedlule kuqaphelekile ukuthi amaqembu adlala kuPremier Soccer League (PSL) agcine elahlekelwe abadlali abanohlonze abangalitholanga ithuba lokuzibonakalisa emaqenjini ngenxa yezizathu eziningi ezehlukene. Amaqembu amakhulu njengeKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates namanye aminingi, anomkhuba wokukhipha izimali ezishisiwe esayinisa abadlali, iningi labo obuthola ukuthi bangabokuhamba nokugcina kudala inkinga eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Ngifi sa ukuncoma iPSL ngaphansi kobuholi bukaDkt u-Irvin Khoza ngokusungula iligi edlalwa abadlali abancane nalabo abasuke belizwa ngendaba ijezi. Igama lale ligi iMultiChoice Diski Challenge (MDC). Le ligi esungulwe ngowezi-2014, isisize abadlali abaningi ekutheni ikhono labo libonakale. Bekungiphatha kabi ukuthi abadlali abancane badlale ezinkuliseni zamaqembu sekuyaba ngesikhathi sebekhule ngokwenele ukuba bangadlala eqenjini elikhulu, kuvele kuthengwe omunye umdlali osemnkantshubovu kwelinye iqembu noma alandwe emazweni angaphandle.

Kodwa phinde, iMDC ikuqede nya lokho! Okunye engikuthanda kakhulu ngeMDC ukuthi ayigcini nje kuphela ngokunika ithuba igenge encane, kodwa inika ithuba nabadlali abaphuma ekulimaleni ukuba belulame ngendlela efanele, angisayibali-ke eyabadlali abashikisha ibhentshi emaqenjini amakhulu, njengoba belithola ijezi kuMDC. Kuningi okwejwayelwa umdlali osemncane kuMDC. Okunye kwakho ukwejwayela inkundla egcwele phama abalandeli, nokubaqinisa ukhakhayi lokuthi nxa sebefi ka eqenjini elikhulu lungabi khona nhlobo uvalo. IMDC iphinde yasungula amathuba omsebenzi kubadlali asebewagaxe emgibeni amakhokho, njengoba amaqembu ebanika ithuba lokuba bacije amaqembu kuMDC. Isibonelo nje uSurprise Moriri oke wagijima kuSundowns ocija eleMDC kumaBrazilians, u-Arthur Zwane weChiefs naye ungumqeqeshi weMDC ukusho abambalwa. Baningi abadlali abanedumela esengike ngababona beyibamba kuMDC ngezizathu eziningi ezinye zazo ukulimala, noma ukungalitholi ijezi. Ngike ngabona u-Ayanda Gcaba wePirates olizwa ngendaba ijezi, uBrilliant Khuzwayo naye othwaliswe kanzima u-Itumeleng Khune weziMpofana, uThokozani Sekotlong ongumgadli weSundowns naye ongalitholi ijezi, nabanye.

Okungihlaba kakhulu umxhwele ngale ligi enamasizini amathathu isunguliwe ukuthi idlalelwa ezinkundleni ezithathwa njengezincane, futhi ezisondelene nabantu. Angisayibali-ke eyokuthi kungenwa mahhala kule midlalo. Izinkundla ezike zisetshenziswe uma kudlala le ligi iSeshego Stadium eseLimpompo, iParrow Park Stadium eseCape Town, iTUT Stadium esePretoria, Olundi Stadium kanye neKing Zwelithini Stadium KwaZulu- Natal kanye neSinaba Stadium eseBenoni. Ngenxa yale ligi kukhona abadlali asebekwazi ukuthi babonakale begqoke ijezi leqembu lesizwe lakuleli, abanye bafunwa uthuli amaqembu aphesheya. Kusukela ngonyaka wezi-2015 kuqalile kwashintsha ukudla epuletini lapho amaqembu ebeselokhu enyusa abadlali abancane ebafaka emaqenjini amakhulu. Okunye okungenza ngiyincome iPSL ngokusungula le ligi ukuthi iqembu elinqobile lithola ingqayizivele yethuba lokuthi liyodlala imidlalo yobungani namaqembu aphesheya e-Europe. Ngicabanga ukuthi inqwaba yabadlali abasuke bengakaze beye kwamanye amazwe, bakujabulela kakhulu lokho.

See Also

Uma ukhuluma ngoMenzi Masuku abavezwe yile ligi uSipho Mbule weSupersport United, uWiseman Meyiwa weChiefs, uTshegofatso Mabaso weCeltic, uLyle Foster wePirates, uGrant Margeman oyibamba ku-Ajax Cape Town. Cishe bonke laba badlali abasoze bayikhohlwe iMDC njengoba kube yiyo ukhiye wokubavulela iminyango kunobhutshuzwayo. Iqembu engizothanda ukuthi ngilincome ngokukhiqiza abadlali abasebancane futhi abaqhamuka KwaZulu-Natal iMaritzburg United. Leli qembu liphethe ukhilimu wabadlali nabo abaqale ukugqama nyakenye. Lapha ngibala uSiphesihle Ndlovu noBandile Shandu. Laba badlali uma iTeam of Choice idlala sengihleze ngazi ukuthi bazolithola ijezi ngenxa yesiphiwo sabo nesibindi esiyisimanga. UNdlovu kule sizini usedlale imidlalo engama-20, eli-17 yeligi, emithathu yeMTN 8. UShandu yena usedlale imidlalo engama-23 eli-19 yeligi, mithathu yeMTN 8 nowodwa weTelkom Knockout. Angingabazi ukuthi eminyakeni ezayo bayobonakala begqoke ijezi leBafana Bafana, ngoba badlala ibhola elinenkosi phakathi. Le ligi ibonakala isazokhiqiza abanye abadlali abanohlonze ebholeni lakuleli.

Scroll To Top