IKwaZulu-Natal nesivivinyo ngokukhumelana umlotha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Yize zonke izinkalo zilizwa ikhwelo lokukhumelana umlotha nobunye, amehlo asethe njo komunye wabalingisi abamqoka ekufezekiseni konke
SEKUPHELE inyanga uMnu uRamaphosa eqokelwe esikhundleni sokuhola inhlangano ebusayo. Okusagqamile kuzona zonke izindawo aseke wakhuluma kuzo wukugxila kwakhe ekwakheni ubunye enhlanganweni yakhe. Ukulalela ngokujula lezi zinkulumo kugqamisa iqiniso lokuthi uyakuqonda ukuthi lona (ubunye) akuwona umsebenzi olula. Baningi kuzona zombili izinhlangothi ezingaboni ngaso linye ezizosebenzisa isimo esikhona sokungabi bikho kobunye ukufeza izinhloso zabo, ezinhle nezimbi. Ngamafuphi ubunye abukho sezandleni zikaRamaphosa noma isigungu sakhe kepha abalingisi abamqoka ngamalungu kaKhongolose nabaholi.
Abanye babalingisi ababhekwe ngabovu yisifundazwe iKwaZulu-Natal. Umbango osematheni nogcine ezinkantolo ngumvuka wendulo, phakathi kwalabo abeseka uMnu uMchunu owayengusihlalo nowehlulwa okhethweni kanye nalabo abeseka uZikalala owathatha esokuba ngusihlalo kuMchunu. Lesi sifundazwe siwubufakazi bengozi yokungabi bikho kobunye. Amalungu kaKhongolose kulesi sifundazwe aye kuNkomfa yangonyaka owedlule engezwani, kukhona abeseka uRamaphosa nalabo abeseka uDkt uMaDlamini Zuma nokuphethe ngokuthi zonke izinhlangothi zingazuzi lutho njengoba kungekho ngisho oyedwa ovela KwaZulu-Natal esigungwini sokuphatha sabayisithupha. Lokhu kwaba lichilo ngoba yiso lesi sifundazwe sinamalungu amaningi kunazo zonke. Izinkulumo zobunye ziphakama nje amalungu ale nhlangano asenkantolo odabeni oluthinta ubuholi besifundazwe. Inkantolo isinqume kabili ngalolu daba. Osekulindelwe wukubona ukuthi kuzokwenzeka ngobuholi nesifundazwe obuholwa nguMnu uZikalala.
Ukubhula umlilo
Kusese kuseni ukuphawula ekutheni ngabe imizamo yokubhula umlilo okwenziwa yiSigungu sikazwelonke seqembu iyophumelela yini njengoba kuvela kancane kancane ukuthi labo abeseka uRamaphosa banomuzwa wokuthi ukunqoba kwabo kwabenza babanamandla nobuqhude bokukloloda. Lokhu kuhlaluke obala ngesonto eledlule ngesikhathi uRamaphosa nesigungu sakhe ehambele elibeni likaMfu uJohn Langalibalele Dube, eNanda nokuyilapho kubonakale amanye amalungu kaKhongolose ehlabelela amaculo ajivaza ubuholi bukaMnu uSihle Zikalala nesigungu sakhe. Amanye alamaculo abegadla kuSihlalo weTheku noyiMeya, uNkk uZandile Gumede, lapho abahlabelelayo bebekhala ngokuthi “kawaphelele njengoba uJames Nxumalo owayeyiMeya yeTheku nonguSihlalo wamaKhomanisi engekho.” UNkk uGumede ocashunwe ezinhlelweni zezindaba ethi bayalemukela ikhwelo likaRamaphosa lokubuyisana. Ekhuluma emsakazweni Ukhozi uze wakugcizelela ukuthi nakuba beyiTheku bengajabulanga ngokwehlulwa kukaMaDlamini Zuma kodwa bazibophezele ekwesekeni uRamaphosa.
Udaba lwephalishi
Okunye okubukeka kungahle kundondise noma kunqande imizabo yokukhumelana wudaba lwephalishi. Ephawula ngonyaka owedlule lowo ongubuso balabo ababanga nobuholi bukaZikalala, uMnu uMshengu wacashunwa ethi: “Siyakwemukela ukuthi umonakalo omningi usuwenzekile kodwa kusengalungiseka kusetshenzelwe ukuthula nobumbano. Ngisho kuyimpi, ekugcineni kubanesisombululo kuboniswana. Sibeka eceleni inzondo neminjunju uhlangothi oluthile elikuzwayo, kanye nethuba lokuthi olunye uhlangothi luyabhiyoza, ekugcineni siyavuma ukuthi kunezikhathi ezifana nalezi, kodwa singamalungu e-ANC.” Uthe sekuyisikhathi sokuthi izinhlangothi ziyeke ubuqha futhi zisebenzele ubumbano eqenjini.
Kanti emuva kokukhethwa kukaRamaphosa nokwanda kwalabo abakhuluma ngokukhumelana umlotha ezinhlangothini ezingaboni ngaso linye uMshengu uthe: “Ngenkathi sizama ubumbano, kufanele kube nokuzinikela, lokhu ungakuhumusha ngeyakho indlela. Labo okufanele bazinikele yilabo abalawulayo nabasemandleni. Kufanele bavume ukuthi bangeke bavele babe nakho konke kube sengathi akubizi.” Uthe ngisho uhlangothi ‘olunobubhelu’ kufanele luzinikele ukwakha ubunye. “Ngisho nalabo abangaphandle, ngisho sinothando olungayiwa lwepolitiki, ngeke sithole konke esikufunayo. Lokhu yindlela esingenza futhi siqonde ngayo ngokuvamile.”
UMshengu uthe izinqumo ezithathwe umkhandlu wesifundazwe se-ANC esingekho emthethweni sinomthelela obhubhisayo emalungeni eqembu. “Labo abangaphandle, esikhundleni salabo abasemandleni – sikhishwe inyumbazane sabuye sahlazwa kwaba namaqabane alahlekelwa ingenisomali. Lokhu kube nomthelela omubi emindenini. Izingane kwadingeka ukuba zikhishwe ezikoleni, emakhaya nezimoto zadliwa abantu basala bengenakuvikeleka kwezokwelashwa.”
Kuholele ‘ekuhlakazekeni kwemindeni nemiphakathi’. Le nkulumo ikuveza ngokusobala ukuthi ukukhumelana umlotha lokhu akuyona into yosuku olulodwa. Kanti futhi iveza ngokusobala ukuthi izinhlangothi zombili zizobekelana imibandela eminye engeyona eyepolitiki kepha okungeyephalishi, kulabo abathi kabasenalo nalabo abathi abangamukwa khona ngenxa yezinguquko.
Leli phephandaba liye koshicilelwa sezikhona izinkulumo ezithi ubuholi bukazwelonke buzojuba ithimba lesikhashana elizophatha izindaba zesifundazwe. Okunye okusobala wukuthi ukuze kuqaqwe ifindo lingase libize inkomfa ezokhetha ubuholi obusha. Lokhu kuthiwa kungase kwenzeke lingakashayi iphasika.