Now Reading
Unyaka wokuphumela obala lapho izwe limi khona
Dark Light

Unyaka wokuphumela obala lapho izwe limi khona

Umbhali uthi izinguquko ezenzeka emhlabeni zizophoqa amazwe ukuba akhethe abalingani aphinde akhombe nesitha

 

Ababaningi abantu abathukayo nxa uMengameli wase-United States of America (USA) ekhuluma noma ebhala. Iningi seliyakwamukela ukuthi ulibhimbi nxa kukhulunywa. Akwenze muva nje akwethusanga kepha kuveze angakwenza nxa enikwe ithuba lokukhuluma nokubhala. Ngenyanga kaZibandlela lo mholi uphumele obala ngokuthi weseka luphi uhlangothi embangweni ophakathi kuka-Israeli nePalestine. Lo mholi uphe u-Isreal isipho esikhulu wemuka iPalestine ifagugu lawo. Kuthe kungazelele muntu wakhipha isinqumo sokuthi izwe lakhe selizofudula amahhovisi amanxusa liwasuse eTal Aviv liwayise eJerusalemu. Lesi simemezelo sifele ngamathe imizamo yoMengameli abedlule emizamweni yokuletha ukuthula phakathi kuka-Israeli nePalestine. Kanti futhi lesi sinqumo se-USA siphikisana naleso senhlangano yezizwe i-United Nations.

UTrump wesabise amazwe angahle avotele ukusigxeka isinqumo se-USA ngokuthi uzowephuca uxhaso. “Bathatha amakhulu ezigidi zamadola kokunye izigidigidi zamadola, bese bevota baphikisana nathi. Ake bavote basiphikisa. Siyokonga kakhulu. Asinendaba,” kwesabisa uTrump. Uphinde wesabisa nePalestine ngesikhathi ebhala kuTwitter: “Sikhokhela amaPhalistani amakhulu ezigidi zamadola ngonyaka singanconywa futhi singahlonishwa ngalokho,” kubhala uTrump ngoLwesibili, cishe yinyanga emveni kokuba ememezele ngeJerusalem osekususe umsindo umhlaba wonke.

“Abafuni ngisho kuboniswane ngesivumelwano soxolo ne-Israel. AmaPalistani awasafuni ukukhuluma ngoxolo, kunasidingo sini ukuba silokhu sikhokha izindodla zemali kubona?” Lokhu kwesabisa kuqhubekile ngesikhathi lowo omele leli lizwe ku-United Nations, uNkk uNikki Haley ekhipha amagama aqinile emuva kokuthi amazwe amaningi evotele ukuphikisana nesinqumo se-USA.

“I-USA iyolikhumbula lolu suku lapho yakhishwa khona inyumbazana kule ndlu. Siyokhumbula lapho sicelwa ukuba sizoxhasa njengezwe elixhasa kakhulu i-United Nations nayilapho amanye amalungu ecela iWashington ukuba yengeze ngoxhaso noma esebenzisa amandla ethu ukuze azuze,” kuphetha yena. Akuphelanga zinsuku zingaki namanye amazwe akhetha lapho emi ngakhona, eseka i-USA odabeni lweJersalema. Yize lingakaphumeli obala kepha ubufakazi buthi i-Egypt iyayeseka i-USA nokuyinto engamangazi njengoba eminyakeni engama-40 leli lizwe laba nesivumelwano ne-Israeli.

Ukuxokozela e-Iran

Yize kusesekuseni ukuthi kuzophelelaphi kepha olunye udaba oludonse amehlo omhlaba ekupheleni konyaka neselukapakele kulona esikuwo wudaba lwase-Iran. Nalapha i-USA idudula amazwe ukuthi akhethe ukuthi ami kuphi. I-Iran neyizwe eliphethwe ngezinkambiso zenkolo yobuSulumane liyaxokozela njengoba ingxenye yezakhamuzi igcwale imigwaqo ikhononda ngalokho ekubize ngenkohlakalo kuhulumeni. Yize le mibhikisho iqale kancane kanjalo nohulumeni wayibekezelela, ukukhuluma kuqale ngesikhathi ababhikishi sebememeza iziqubulo eziphikisana noMengameli wezwe uMnu uHassan Rouhani kanye noMholi Omkhulu wenkolo Ayatollah Ali nothathwa njengosondele kuNkulunkulu ngabaningi. Akugcinanga lapho ngoba izinkulumo ezenziwe nguNdunakulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu eseka ababhikishi zishubise isimo. Yize ethe lokhu akushoyo akusho ukuthi izwe lakhe yilo eligovuza izakhamuzi, abaningi bakholwa kanjalo. U-Israeli ne-Iran yinkukhu nempaka. Kule nkulumo noTrump ujobelele weseka ababhikishi.

See Also

Impi elwa buthule

Yize izinkulumo zomholi wakwa-Israeli nowase-USA zinike abaholi base-Iran ibhaxa lokusola ababhikishi ngoku‘setshenziswa’ ngamazwe angaphandle noma izitha zezwe, okusobala wukuthi iqhingasu le-USA no-Israel liyaqala ukusebenza. Leli qhingasu wukufaka ingcindezi umnotho we-Iran nokuzokwenza abantu bakhona bavukele uhulumeni wabo. Ngezikhathi zikaMengameli u-Obama kwaba nesivumelwano samazwe sokuxegisa unswinyo olwabe lubhekiswe e-Iran njengesijeziso ngokuma nezinhlelo zokwakha ibhomu lenuzi. Lesi sivumelwano sadala ithemba lokuthi abatshalizimali bazogeleza njengamanzi kuleliya lizwe. Nokho lawo maphupho ashatshalaliswe wukungena kukaTrump njengoMengameli nongakufihlanga ukuthi akayingeni eyesivumelwano ne-Iran nalisola ngokuqhubeka nohlelo lwenuzi. Ukuguqa kweCaspian Credit Institute neyayethembise abantu inzuzo emangalisayo kufakazele isithombe sokuthi izakhamuzi zase-Iran zisenkingeni nxa kufikwa kwezomnotho.

Imibiko ithi labo asebethathe umhlalaphansi basenkingeni ngoba abanye sebeyehluleka wukuzondla. Lesi simo sivuna izitha ze-Iran nezizoqinisa nonyaka ngoba isifiso sabo wukubona leliya lizwe liguqa ngamadolo.

Okwenzeka e-Iran kuzoqhubeka nokwehlukanisa amazwe omhlaba phakathi kanjalo nalawo amaSulumane, nalapho izwe ngezwe kuyomele likhethe ukuthi limi ngaphi. Isishilo i-USA ukuthi omi ngale kwayo uzofa yindlala.

Scroll To Top