Unomlando ojulile emzabalazweni uDe Lille


IMEYA yaseCape Town uNkk Patricia De Lille inomlando ojulile emzabalazweni waseNingizimu Afrika nasezinyunyaneni kuze kuyoshaya ekumeleleni nenkohlakalo.
Lo mholi uzakhele igama ngokuveza labo abasuke benukeka ezenzweni zenkohlakalo. Ugqame ngesibindi asikhombisa esigamekweni senkohlakalo yokuthengwa kwezikhali ebithinta izigidi zamarandi kuleli. UNkk uDe Lille wazalwa ngowe-1951 mhla zili-17 kuNhlolanja, eBeaufort West eKapa.
Waqala ukwenza amabanga aphansi eMethodist Primary School, ngowe-1969 waya esikoleni samabanga aphezulu eBastiaanse Hoerskool nalapho aqedela khona umatikuletsheni. Ngonyaka wezi-1974 wazibandakanya nomzabalazo ngaphansi kwenyunyana iTrade Union Politics futhi eyilungu lenyunyana eyayimele abasebenzi iSouth African Chemical Workers Union (SACWU).
Ukhulele emzabalazwen wabasebenzi esezinyunyaneni nokwagcina ngokuthi aqokelwe esigungwini esiphezulu seSaccawu nokwathi kusenjalo wabe esekhethwa eba nguSihlalo wesiFunda woMkhandlu wezinyunyana owawaziwa ngeNational Council of Trade Unions (Nactu) eWestern Cape.
INactu yayindlelana nePan Africanist Congress (PAC), igqugquzela abasebenzi ukuba bazihlanganise nomzabalazo wePAC. Ngowe-1989 uDe Lille waqokelwa esigungwini sokuphatha kuPan Africanist Movement eyayiwuphiko lwePAC. Ngesikhathi amaqembu ayevalwe umlomo ngenxa yomzabalazo esekhululwa ngowe1990, waqokelwa esikhundleni sokuba uNobhala wezangaphandle we-PAC nokwabuye kwathathwa isinqumo sokuba akhululwe kulesi sikhundla.
Ngezikhathi zezingxoxo zeCodesa wayehola ithimba lezithunywa zePAC nokwathi ngemuva kokhetho lwangowezi-1994, waqokelwa ukuba ilungu lePhalamende emele leli qembu. Phakathi konyaka we-1994 nowe-1999 wayehola ikomidi lezokuThutha ePhalamende aphinde abe nguSotswebhu omkhulu wePAC khona ePhalamende.
Amanye amakomidi asebenze kuwo kube elezeMpilo, elezokuMbiwa naMandla, eleziMboni noHwebo, elezokuXhumana nokuziPhatha. Ngesikhathi uDe Lille eseyisigagayi sePAC wayelwa nomthetho owawushaya kakhulu amaqembu aphikisayo wokugcogcoma kosopolitiki nezihlalo zabo abasuke benazo ePhalamende.
Ngowezi-2003, uNkk uDe Lille wethusa abaningi ebonakala esesebenzisa wona lo mthetho ayephikisana nawo esegcogcoma nesihlalo sakhe ayenaso ephalamende ngaphansi kwePAC, wasungula iqembu lakhe i-Independent Democrats (ID).
Ngemuva kokusungula i-ID wabuyela ePhalamende naso isihlalo ayenaso kuPAC nokwathi ngokhetho lowezi-2004 nolwangowezi-2006 loHulumeni beziNdawo iqembu lakhe laba nezihlalo eziningana lameleleka ePhalamende nakomasipala. Ngowezi-2004 waqokwa waba yiShansela yaseDurban Institute of Technology osekuyiDurban University of Technology.
Ubelokhu esekhaleni lemikhankaso eyehlukene ethinta izinkinga zomphakathi okubalwa izifo okuyi-HIV/AIDS, Xenophobia, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, indlala nokunye.
Ubuye waba yilungu lebhodi lezinkampani ezehlukene okuyi
- Fikilela HIV/AIDS Project
- Age-in-Action Patron
- Diocesan College-Bishops – eyilungu lomkhandlu
- Nazareth House HIV/Aids Children
- St Josephs Home For Chronically Sick Children
- Helen Suzman Foundation
- Impumelelo Innovation Awards
- Caring Network
- Nelson Mandela Children’s Fund
- HIV/Aids Babies Battling HIV/AIDS Trust
Kumanje uyilungu lenhlangano okuyi Global Organisation of Parliamentarians Against Corruption ne-African Parliamentarians Network Against Corruption.
Lo mholi waba ngowokuqala ukuqhumbuza ithumbu lenkohlakalo eyayinukwa ekuthengisweni kwezikhali neyayifaka phakathi izikhulu zikaHulumeni waseNingizimu Afrika nabaholi abaqavile okuhlanganisa nowayenguSotswebhu wabo okunguMnu uTony Yengeni.
Ngenxa yamagalelo akhe ekulweni negciwane lengculazi nesandulela sayo, wahlonishwa ngendondo yokuba isigagayi esilwa ngokungakhathali nalesi sifo inhlangano yaseCanada, waphinde wahlonishwa ngedolobha iBirmingham, e-Alabama.
Isolwa amaqembu iDA
IDEMOCRATIC Alliance isiphenduke iqaqa kwamanye amaqembu ngezinsolo zokuthi kungenzeka ikhombe indlela oyiMeya yaseCape Town, uNkk uPatricia De Lille ngenxa yokunukwa ngenkohlakalo yezigidi zamarandi okungezabakhokhi bentela okuthiwa walungisa ngazo umuzi wakhe. Abaholi abehlukene bamaqembu ezombusazwe sebengene bagamanxa kulolu daba beveza ukungagculiseki kwabo ngendlela ababona kwenzeka ngayo kuNkk uDe Lille.
Umholi we-UDM uJenene uBantu Holomisa uthe ifikisela ngamahloni indlela uDe Lille aphethwe ngayo kuDA. UHolomisa uthi ukube bekunguNkk uHelen Zille ngabe usevele wahlawuliswa imali waxolelwa kodwa ngoba kunguDe Lille kuyacaca ukuthi uzokhonjwa indlela.
Umholi wekhokhasi ye-ANC kuMasipala waseCape Town, uMnu uXolani Sitashe uthe iDA ifana nomuntu odakwa ukusutha ngoba nakhu ayisiza uNkk uDe Lille wayinikeza amavoti amaKhaladi ukuze ikwazi ukuphatha iWestern Cape manje isiyamjikela. I-ANC ithe isiyabona ukuthi iDA ifuna ukugudluza uNkk De Lille ngoba ifuna ukufaka uMnu uBongani Madikizela osanda kuqokelwa esikhundleni sokuhola iDA eWestern Cape, obekuyisikhundla esiphethwe uDe Lille eqenjini.
Ngisho nohola iBlack First Land First, uMnu u-Andile Mgxitama ukhale ngokuthi uDe Lille uhlukunyezwa ngoba ayeyiPAC, uselahlwa okwenyongo yenyathi ngemuva kokusiza iDA ukuba iphathe iWestern Cape.