Now Reading
Bathukuthele kuphasa oyedwa kuMatric
Dark Light

Bathukuthele kuphasa oyedwa kuMatric

INYANGA uMasingana isuke iphithizela kwazise kusuke sekuyisikhathi sokulungiselela ukubuyela ezikoleni emuva kokuphuma kwemiphumela kamatikuletsheni.

Zithi zijabula ezinye izikole ngokwenza kahle kwezinye kusuke kubatshazwa ngoba kusuke kuvalwe ngehlahla ngokufeyila kwabafundi. Esikoleni Umhloluthini High eMhlahlane eMahlabathini kuphase umfundi oyedwa vo kwamatikutsheni. Umphakathi uwotha ubovu uthi masivalwe lesi sikole ngoba umsebenzi waso awukho.

Ngowezi-2015 izinga lokuphasa belikuma-84.9% kwathi ngowezi-2016 lehlela kuma-4.2 % kulo nyaka lehla kakhulu laba kuma-3.3% yikho lokhu okwenze umphakathi wahluthukelwa yizinhliziyo usho khona ukuthi asivalwe kungabe kusafunda ngane yamabanga aphezulu kule ndawo yaseMhlahlane. Ngonyaka wezi-2016 kwakuphase abafundi ababili kuphela kulesi sikole. Umfundi ophasile kulokhu nguNosipho Zwane.

Ilungu lomphakathi uMnu uZakhele Zwane ligxeke kakhulu othisha besikole libasola ngokuba yimbangela yalokhu . “Umphakathi uthule uthini indawo yangakithi ilulazeka kanje. Umphakathi awuvuke emaqandeni ulwisane nalokhu. Kwazona izifundo ezifundwa kulesi sikole ngeke zize zikwazi ukusiza ingane,” kusho uZwane.

Uthe ngisho namalungu esigungu sokuphathwa kwesikole kwavele kwathathwa abantu nje abangakukhathalele ukuphumelela kwezingane.” ElaboHlanga lihoshe lolu daba komunye wemithombo engaphakathi kulesi sikole olilandise kanje: “Ibuhlungu into eyenzeka kulesi sikole, inkinga iqala ekhanda kubaphathi okunguThishanhloko ongaphethe ngendlela , akakwazi ukulandelela indlela othisha abasebenza ngayo, nothisha benza abakuthandayo, kukwaMachanca. Lokhu kudala ukuthi abafundi benze isinomakanjani, akekho obafundisa inhlonipho nendlela yokuziphatha.”

Lesi sikole siqanjwe ngegama leNkosi yesizwe samaMbatha uMhloluthini eseyadlula emhlabeni. Yonke iminwe ikhomba ngenjumbane uThishomkhulu uMnu uXulu. Ngenkathi elaboHlanga limthinta wale waphetha ukuphawula wathi akuxhunyanwe noMnyango Wezemfundo yiwo onegunya lokuphawula. Phambilini uXulu uke wasolwa ngokukopelisa abafundi esikoleni sakhe ababephase ngamalengiso njengoba ngowezi-2016 sasithole ama-85%. UMnyango Wezemfundo wabe usumhlala izithonto umqapha indlela asebenza ngayo kulesi sikole ngemuva kwalezi zinsolo. Lehlile izinga kusukela lapho kuze kube manje njengoba kuphase umfundi oyedwa.

Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu Natal uMnu uMuzi Mahlambi uthe kusezinhlelweni zoMnyango ukuthi uhlangane nazo zonke izikole ezenze kabi. “Ngeviki elizayo uma kuvulwa izikole sizohlanganisa zonke lezi zikole ezingaphumelelanga nalezi ezenze kahle ukuzibonga. UMnyango ujabulile ngemiphumela kamatikuletsheni ephume ngeledlule yize noma zikhona ezingenzanga kahle, sizokwenza ngakho konke okusezandleni zethu ukuthola ukuthi yikuphi esingakwenza okungaba yisisombululo.”

Ngalesi sikhathi injabulo kwabanye isuke iphuphuma kwabanye kuyisikhathi sokukhala. Kubonakala kuba yihlazo elikhulu uma kuvela ukuthi kukhona isikole okusuke kuvalwe ngehlahla kuso kungaphasi noyedwa umfundi noma kuphase abangaphansi kweshumi.

See Also

ElaboHlanga lisanda kubhala udaba ngehlazo lapho iKwaZulu Natal ibe khona nohlelo lokududulwa kwabafundi ebangeni le-11 ababalelwa kuma-24 000 ukuze baqhubekele phambili beyofunda izifundo zabo ngokwezigaba ezehlukene. Lapha sikhuluma ngabafundi abasuke bengaphasanga nhlobo bese befudulwa ukuba baye ebangeni le-12 ukuze banqamule izifundo zabo phakathi babhale lezo ezithile bese ezinye bezibhala ngesigaba esilandelayo ngenhloso yokubehlisela umthwalo.

UMnyango Wezemfundo esifundazweni ugxekwe kakhulu ngaloluhlelo ngokuthi wenze abafundi baba yizinyemfu bangafuna ukusebenza ngokuzikhandla ngenxa yokuthi bathembe ukuthi bazofudulwa. Lokhu kudale enkulu inkinga ezikoleni njengoba lolu hlelo belwenzeka bexutshwe nalaba abaziphasela ngokwabo. Kwenze ukuthi laba bafundi abebebhala izifundo zabo ezigcwele bazithole benengcindezi njengoba laba abafudulwa bebenethezekile bona ngoba bazi ukuthi bazobhala ngokwezigaba.

Kushaye kwazwela ezikoleni zase makhaya njengoba ubuthola ukuthi kubafundi egumbini lokufundela kwabangama-50 sebebonke kodwa bangama-20 ababhala izivivinyo zabo ngokugcwele bese kuthi abangama-30 yilaba abafudulwa. Uma sibheka esinye sezikole ezingaphansi kwesiFunda iZululand, iFelifa High eMahlabathini ebesinabafundi abali-18 abadudulwa kwathi abangama-21 kubo bebefanelekile ukuthi babhale izivivinyo zabo kwaphasa abali-17 kwafeyila abathathu lokho kwenze ukuthi bahlale kuma-85% okuyinto enconywe ngabaningi ngengoba kuphuleke irekhodi langowezi-2010 elalingama-83%.

Scroll To Top