Uthini umthetho ngabadala abaqapha abazukulu


UQALILE unyaka omusha! Aphelile amaholidi! Bayathutha abazali bezingane babhekise amabombo komaGoli nakoThekwini beyotohoza abanye okungatheni! Zasala izalukazi namakhehla emakhaya nezingane ezingakasiqali isikole. Ezinye izingane ziqala nje azikhokheliwe futhi azithengeliwe nezinsiza zokufunda. Basala abantu abadala nomthwalo wezingane ezingenakudla bebe beziphilela ngozuka, kepha abazali behambe ngayo belu imali yesondlo sikaHulumeni.
Likhulu iqhaza elibhanjwe ngabantu abadala empilweni yezingane zethu sibe singekho. Basikhulisele zona. Umbuzo omkhulu ngowokuthi bavikeleke kangakanani ngokomthetho abantu abadala na? Yebo umthetho wezingane obizwa ngokuthi uMthetho Wezingane 38 wezi-2005 (Children’s Act 38 of 2005), uyakubeka ngokusobala ukukwazi ukucela ukunikwa eminye imisebenzi namalungelo phezu kwezingane okuthiwa iParental Responsibilities and Rights ukuze bakwazi ukunakekela izingane ngokungathandabuzi – kepha bangaki abanalolu lwazi?
Uyaqhuba futhi uMthetho Wezingane 38 wezi-2005 uthi abantu abadala abanakekela izingane ezineminyaka engaphansi kweli-18 bafaka isicelo ngaphansi kweSigaba 24 nokuyisicelo seGuardianship, kepha bangaki abakwazi ukufaka lezo zicelo kubameli babakhokhele ukuze noma bedlula emhlabeni abazali okuyinto ejwayelekile ukwenzeka.
Kubalulekile ukuthi abazali noma ngabe bakuziphi izimo banakekele futhi bondle izingane zabo abazishiye nabantu abadala. Lokhu kumele bakwenze noma ngabe bahola imali engakanani. Kubalulekile futhi ukufundiswa kwabantu abadala ukuthi akulona ihlazo ukufaka isicelo sesondlo eNkantolo Yesondlo kubazali abangazondli izingane zabo ukuze belekeleleke ekubakhuliseni.
Abantu abadala ngenxa yokubiza kwezindleko zabameli bangaya ngisho nakwaLegal Aid bacele usizo mayelana nesicelo seGuardianship eNkantolo YaBehluleli noma bayocela izinsiza kubameli beSihe (Pro Bono) abakhona kuzo zonke izinkantolo basizakale. Kulezi zindawo luyatholakala usizo uma ungasebenzi ungenamali.
Isidingo salezi zicelo engikhuluma ngazo ngezokuthi uma kudingeka kuthathwe izinqumo ezinqala ngengane njengokushada ingakayihlanganisi iminyaka eli-18, noma uma kumele athathelwe iphasiphothi aye emazweni aphesheya, uma bekungaya ngokuthi kulindwa umzali okude noma umzali engasekho emhlabeni lolu daba lungalungisiwe ingane ivaleleka amathuba kanjalo.
Kuyaye kuthi uma sesifakiwe lesi sicelo, iNkantolo YaBehluleli idlulisele ifayela kumaHHovisi eFamily Advocate ukuze kuhlaziywe kabanzi ngenhlalakahle yengane kubuzwe ugogo noma umkhulu kanye nayo ingane imbala mayelana nenhlalakahle yayo ukuze kwenziwe umbiko ozobuyiselwa eNkantolo YaBehluleli mayelana nokunikwa kukagogo noma umkhulu ingane ngokusemthethweni.
Okunye okubalulekile kungukuthi ogogo nomkhulu bakhuluma nobani uma bebhekana nezinkinga ekukhuliseni abazukulu babo. Impendulo ngukuthi bangakhuluma nosonhlalakahle mayelana nabazukulu abawuhlupho. Ngikuveza lokhu ngoba kubalulekile nokuzoba yisihloko sombhalo wethu olandelayo. Bayahlukumezeka abantu abadala behlukunyezwa izingane zethu esizishiyele bengazi bazovikeleka kanjani noma baphume babhekephi ngenxa yokuthi abazali abekho ngezizathu ezehlukene okungaba ukuthi sebadlula emhlabeni noma abekho ngenxa yomsebenzi. Uma abazukulu behlupha ngokweba nangendelelo nangokuhlukumeza abantu abadala abahlala nabo, bavikelekile emthethweni obizwa ngoMthetho Abantu Abadala 13 wezi-2006 (Older Persons Act 13 of 2006). Lona ngumthetho ongakasatshalaliswa kahle ezweni ukuze bafundiseke abantu abadala ngamalungelo abo ekuhlukunyezweni.
Ngakho-ke kungumgomo wabazali ukuzikhulisela izingane zabo, kepha uma kwenzeka izingane zigcina zikhuliswa ngabantu abadala nabo abantu abadala bavikelekile emthethweni ngezimo zesondlo salezo zingane kanye nokuhlukunyezwa yibona abazukulu, ngakho-ke masinakekele abantu abadala abasibhekele nabasikhulisela izingane zethu ngaso sonke isikhathi, ngoba umgomo wethu wokubakhulisa asiphuciwe ngenxa yokusebenza kude namakhaya.
Uma ubona ukuthi umsebenzi uyakunqabela ukuba uhlale nengane yakho, yenza izinhlelo ozinikeziwe ngaphansi koMthetho Wezingane 38 wezi-2005 ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo ngezingane zakho abantu abadala bese uyondla nyanga zonke.
Masiqikelele abantu abadala!