Now Reading
Alutinyeli kuyaphi udosi lweSACP neCOSATU
Dark Light

Alutinyeli kuyaphi udosi lweSACP neCOSATU

  • Okunye ukumemeza kwamanye amadlelandawonye akunamthelela otheni uma sekuqokwa ubuholi

Kulezi zinsuku uyanda umsindo owenziwa ngamanye amalungu amadlelandawonye ngezindaba zangaphakathi kuKhongolose. Ukucija kwemikhonto sekuze kwenza abaholi beSouth African Communist Party (SACP) neCongress of South African Trade Unions (Cosatu) baphumela obala ngalokho abafisa kwenzeke nxa sekuqokwa abaholi kwingqigquthela yeqembu elibusayo. Lokhu kumemeza kuvusa umbuzo wokuthi yimaphi amandla abanawo kumagatsha kaKhongolose njengoba bengangeni njengezithunywa zamaqembu abo.

Yize bukhona ubufakazi bokuthi amanye amalungu eSACP neCosatu anabo ubulungu be-ANC, umthethosisekelo wale nhlangano unika ilungelo emalungwini ayo hhayi njengmalungu ezinye izinhlangano noma ngabe zingamadlelandawonye. Okwenzakalayo wukuthi ubuholi beSACP neCosatu kwamukelwa njengezethameli nje kwigqugquthela kuba ngesifanayo nakuKhongolose nxa uhambele imihlangano yabalingani bayo.

Ngesikhathi somkhankaso kaMengameli uZuma ePolokwane iSacp eyabe iholwa nguDkt uNzimande neCosatu eyabe iholwa nguMnu uVavi yenza isiqinisekiso sokuthi ‘umuntu’ wabo uyangena. Ngalesi sikhathi isitha kwakunguMnu uMbeki. Lokhu kwenza kwanda ukuzethemba kubo ukuthi abakushoyo kungaba nesisindo nokuyinto engenzeki kwenye inkathi.

Izibonelo zakamuva nje kube wukhetho obelukhona esifundeni i-eThekwini labo kwakududulana uSohlalo weSACP uMnu uJames Nxumalo noNkk uZandile Gumede. Lapha udosi lwamadlelandawonye lazama lancama ukwenza amalungu kaKhongolose avote ngenye indlela njengoba uNxumalo wakhala ngaphansi. Nasesifundeni iMusa Dladla esihlanganisa iNkandla, uMhlathuze, uMthonjaneni neMelmoth akuhambanga ngezifiso zeSACP neCosatu njengoba zazifuna kuqokwe uMnu uCedric Gina ukuthi abe nguSihlalo kodwa kwabuyela uMnu uThulani Mashaba, esaphila, owayephethwe ngeqoma ngamagatsha kaKhongolose. Esifundazweni iMpumalanga ubuholi beSACP neCosatu sekuzame kaningi ukuba kuchithwe uMnu uDavid Mabuza uma kunezingqungquthela kodwa sezihluleke zancama njengoba ephethe ihlandla lesibili manje.

Ekhuluma nelaboHlanga ngalokho okwenzakalayo uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uSuper Zuma uthe “Uma sekuyiwa emagatsheni, yilapho kusuke sekukhulunywa khona ngamalungu kaKhongolose angempela hhayi labo abasuke bezikhulumela esidlangalaleni”.

UZuma ube kwelokuthi ngamalungu kaKhongolose asuke ezokhetha ubuholi futhi ekuqonda kahle ukuthi adinga bani ukuba athathe izintambo zokuyisa inhlangano phambili.

Ephawula ngodosi lwamalungu eCosatu engqungqutheleni kaKhongolose, umhlaziyi uMnu u-Ebrahim Fakir wathi kunzima ukuqagula njengoba zingekho izibalo eziqinisekisa ukuthi mangaki amalungu ayiCosatu agcina esengene njengezithunywa engqungqutheleni. Omunye umhlaziyi uMnu uDumisani Hlophe yena waveza ukuthi empeleni “amalungu eCosatu angamalungu e-ANC kuqala ngaphambi kokuba abe ngamalungu eCosatu,” kusho uHlophe. Omunye uzakwabo uMnu uRalph Mathekga waveza umbono wokuthi yize iCosatu ingenalo igatsha engqugqutheleni okulindelekile wukuba inxenxe amalungu ayo ayongena njengezithunywa ze-ANC ukuba alale umyalelo wayo yokuthi kavotele uRamaphosa.

  • Ukugxamalaza

Njengoba kwakunjalo ngesikhathi sikaMbeki nakulokhu iSACP neCosatu ibukeka izibeke ezimweni esiyincuphe njengoba uma loyo emthwele ngeqoma njengomholi omusha kaKhongolose engaphumeleli ingase iphelelwe yisithunzi. Yanqoba ngesikhathi ilwela uZuma, kanti kulokhu imelene noZuma.

See Also

Ukuqinisekisa ukuthi ayilwa nxa zonke, amaKhomanisi asethe angahle aphume inxiwa nokuyinto azobe eyenza okokuqala eFree State okhethweni lokuchibiyela ngenyanga ezayo. Umhlaziyi wezepolitiki uMnu uBheki Mngomezulu uthe ukukhuluma kweSACP ngokushiya amadlelandawonye bekuyisethuso sokuzwa amanzi ngobhoko.

Bangashiya, kodwa angicabangi ukuthi izinombolo ziyabavumela ukuba bazimele. “Bayazi ukuthi i-ANC inezinkinga zangaphakathi futhi iyinhlakanhlaka, base besebenzisa lesi simo ukuhlola ukuthi uma kwenzeka bexebuka, angakanani amathuba abanwo.”

UMngomezulu uthe iSACP ibithemembe abantu ababulu bubili – obeSACP nobe-ANC – ukuba bavote neSACP benetuuthelo. “Kodwa kusukela manje nowezi-2019 uma isimo sibuyela kwesijwayelekile, iSACP ingalahlekelwa abantu ababulungu bubili kanye nabantu nje abazifisela ukuvotela iSACP ngoba becasukile.

“Uma seyidambile intukuthelo, abantu bahla phansi bacabangisisa, bazobona ukuthi ikusasa labo liku-ANC, kunokuthi libe kuSACP, abanglazi kwabona ikusasa labo,” usho kanje.

Scroll To Top