Now Reading
Izinkantolo seziyikhaya lesibili ku-ANC
Dark Light

Izinkantolo seziyikhaya lesibili ku-ANC

Ubuholi obuphezulu beqembu buphuma bungena bubhula umlilo ezinhlakeni

ISIYAQALA ukubonakala ingcindezi ebhekene nenhlangano ebusayo i-African National Congress, lokhu kulandela izenzo ezibukeka njengocuphelana yokucuphelana imigogo kwabalingani (comrades) ngokufakana ezinkantolo ngenxa yokungagculiseki ngemiphumela yokhetho lwabasuke beqokelwe ukuhola izifundazwe. Uteku kulokhu ukuthi iyona i-ANC ehlale igxeka amanye amaqembu ngokusebenzisa izinkantolo njengoba imiknswe isibheke kuyo.

Lesi sihlava sokuvukelana esiswini njengotshwala kubonakala sesiyokapakela nasengqungqutheleni yangoZibandlela yokukhetha ubuholi bukazwelonke. Abaphambili emjahweni wokuqokelwa ukuhola i-ANC njengoba izinto zinjena uMnu uRamaphosa, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, uNks uLindiwe Sisulu noDkt uZweli Mkhize. Njengoba sezihubela sakusha ngale ngqungquthela, abaholi beSigungu Esiphezulu kuKhongolose baphuma bengena kulezo zifundazwe ezinezinkinga zemibango bezama ukubhula umlilo obonakala usudlulele nakumalungu osekunovalo lokuthi uzoba nomthelela okhethweni lukazwelonke ngowezi-2019.

Ukuhambela kwabaholi abaphezulu kulezo ziFundazwe ezinomsindo kubukeka kunhlanga zimuka nomoya ngoba kwezinye izindawo kuba sengathi izinto ziyalunga kodwa labo abathintekayo, uma bephuma emihlanganweni bavele baphume sebecula elinye iculo elehlukile kulokho abasuke bevumelene ngakho nobuholi bukazwelonke. Izifundazwe nezifunda ezithintekayo zifinyelele esigabeni sokugqigqa ezinkantolo ngemuva kwesikhathi kube nokuphazamiseka kwezingqungquthela obekuba yizizathu zokungameleleki kwamagatsha athile noma kube ukuthi ingqungquthela ihlale kungalandelwanga imigudu efanele.

Ngowezi-2015 kwaba nezinkinga ngengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazweni iWestern Cape, nalapho isifunda iDullah Omar saphakamisa ukuba buhlakazwe ngoba sithi bukhethwe ngendlela engafanele. Lokhu kudale uqhekeko olunzima kulesi sifundazwe olugcine luholele ekutheni kuhlakazwe ubuholi besiFunda iDullah Omar. Kuthe ekuqaleni kwalonyaka kwathathwa isinqumo sokuba kumiswe uSihlalo waseWestern Cape uMnu uMarius Fransman ngezinsolo zokudicilela phansi isithunzi senhlangano.

Uqhekeko luvele lwaba mandla kangangokuthi kuphoqeleke ukuthi i-ANC ijube ithimba labaholi bakazwelonke ukuba bazolungisa isimo ngoNtulikazi kodwa bahluleke bancama. E-Eastern Cape muva nje kube nodlame kwashaywana ngezihlalo phakathi kwamalungu abeseka uMnu uPhumulo Masualle noMnu u-Oscar Mabuyane. Uhlangothi lukaMasualle lunikele enkantolo nokho egcine ivune labo abeseka uMabuyane okumanje nguye onguSihlalo we-ANC e-Eastern Cape. ENorthern Cape nakhona izinto azihambi kahle ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi eqale ngokuthi obenguNdunankulu uNkk uSylvia Lucas akhiphe labo abebengahambisani naye kuKhabhinethi yakhe.

Lokhu kugcine ngokuthi athole ukugxekwa kanti kube nesimo lapho amalungu emashele ekomkhulu le-ANC eLuthuli House beyokhala ngokuthi kunokukhwabaniswa kobulungu. Nakuba kulesi sifundazwe bengazange bayisane ezinkantolo kodwa isimo sishube kakhulu kwaze kwafika lapho uNkk uLucas eduba ukwamukela ukuphakanyiswa kwegama lakhe ngemuva kokuba kunqobe uMnu uZamani Saul waba nguSihlalo omusha kaKhongolose. ENorth West ngaphansi kwesifunda iBojanala, kube namalungu egatsha athathe inhlangano ayifaka enkantolo ngoba ekhononda ngokuthi ingqungquthela yaqhubeka eshiwe ngaphandle. Inkantolo yabavuna ekuqaleni kodwa kuthe uma i-ANC isiphikisana nalesi sinqumo nayo inkantolo yayivuna ngenxa yezizathu ezibekile.

See Also

Kumanje KwaZulu-Natal ongaphansi nongaphezulu ngombango wobuholi, kulandela isinqumo senkantolo sokuchitha abakhethwa engqungqutheleni yangowezi-2015. Abahlaziyi bezombusazwe babe nemibono ejulile ngale nkinga ekhungethe uKhongolose yokuhambisana ezinkantolo nokulwa kwangaphakathi ekubeni ingqungquthela kazwelonke isiseduze. USolwazi uBheki Mngomezulu uthe inkinga esidala konke lokhu ukuthi amalungu amaningi asebona izinkantolo ziyindlela enqamulelayo yokulungisa izinkinga zangaphakathi.

“Okunye ukuthi i-ANC ibhekene nesimo lapho isiphelelwe khona amalungu ayethanda inhlangano ngaphezu kwezikhundla. Empeleni abantu abakule nhlangano sebebonile ukuthi uma befuna izwi labo lizwakale kahle kufanele uma behlulwa nomabengagculisekile ngezingqungquthela bavele baqonde ezinkantolo. Konke lokhu kudalwa ukusondela kwengqungquthela yokukhetha ubuholi kazwelonke ezoba ngoZibandlela, okubenza babone ukuthi uma belinda izinhlaka zangaphakathi ukuba zibheke izikhalo zabo bazolimala. Okunye kubonakala sengathi i-ANC ibhekene nobunzima bokusebenzisa isigaba somthetho wayo esigunyaza ukuthi labo abafaka iqembu enkantolo bafana nabasuke sebezixoshile ngenxa yokuthi zonke izinhlangothi zibheka enkantolo njengenkundla esiyisixazululo eqenjini,” kusho uMngomezulu.

UMhlaziyi, uMnu uProtas Madlala uthe lesi simo sikhomba ukuthi ukube i-ANC iyajula kahle ngabe iyayihlehlisa le ngqungquthela ukuze ilungise izinkinga. “Nakuba kunzima ukuthi singayibona i-ANC iyihlehlisa ingqungquthela kodwa uma ubheka kubonakala kungaphezu kwamandla njengoba kuqale kwaba iKwaZulu-Natal egijimele enkantolo, maqede kwanda izifundazwe eziyokhala ezinkantolo. Umuzwa oqhamukayo othi uma bevuma le ngqungquthela kazwelonke ukuba ihlale kuyacaca ukuthi sizogcina sibona lokhu kwase-Eastern Cape abantu beshayana ngezihlalo,” kusho uMadlala.

  • Lolu wushicilelo olwaphuma zi-5 kuMfumfu-12 kuMfumfu 2017
Scroll To Top