Sithinteke ngezindlela ezihlukene ngengculazi

NJENGOBA namuhla umhlaba ugubha iWorld Aids Day lapho kukhunjulwa khona abaphila negciwane lengculazi nabathintekile ngezindlela ezehlukene ngenxa yalo, kuyathokozisa ukuthi iNingizimu Afrika isibalwa namanye amazwe asephumelele ukwehlisa izinga lokubhebhetheka kwaleli gciwane. Izinhlelo zikaHulumeni okuhlanganisa ukugqugquzela ukuhlolelwa lesi sifo nokukhuluma ngaso ngokuvuleleka emphakathini ngokunye okube neqhaza elibalulekile ekwehliseni izinga lokusabalala kwaso.
Namuhla ingculazi ayisathathwa njengobhubhane lwesigwebo sentambo, okuyisithombe esakhiwa emiqondweni yabantu ngesikhathi kuba nezigameko zokuphuma kwemiphefumulo ngenxa yayo e-Afrika eminyakeni edlule. Namuhla eNingizimu Afrika esikhululekile, uHulumeni ukwazile ukuletha imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane ukuze osenalo akwazi ukuphila iminyaka eminingi. Sikusho ngeqholo ukuthi kulesi sikhathi, ingculazi isiyisifo okuphilekayo naso inqobo nje uma uzolandela imigomo yokuthatha imishanguzo ngendlela, nokudla ukudla okunomsoco. Ukuzibophezela kukaMengameli uZuma sikubonile lapho ehlolelwa ingculazi esidlangalaleni, futhi etshela nesizwe sonke ngemiphumela yokuhlolwa kwakhe. Lokho nje kukodwa kugqugquzele abantu ukuba baphume bayozihlola ukuze bazi ngesimo sabo. Kuningi esisengakwenza njengokulandela izindlela ezethulwa uMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni ezweni lakhe ekutheni ashumayele ivangeli lokuba abantu abangakafiki esigabeni sokwenza ucansi bazithibe, njengoba leliya lizwe lakwazi ukwehlisa ngendlela emangalisayo izinga laleli gciwane.
Ngesikhathi kugujwa lolu suku ngowezi-2015, abaholi bomhlaba bazibophezela ngokusayina usomqulu iSustainable Development Goals, ngenhloso yokuba abantu bonke babe sebekwazi ukuthola kalula usizo lokwelashwa ngowezi-2030. Kungalesi sizathu indikimba yalolu suku namuhla ithi “Right to Health” okungukuthi umuntu unelungelo losizo lwezempilo. Isiqubulo salo nyaka sithi, Wonke umuntu uneqhaza angalibamba ekulweni nengculazi ukuze singakhuli isibalo sabantu abayizigidi ezingama-36.7 sabaphila nalesi sifo emhlabeni ngokwezibalo zakamuva zeWorld Health Organisation (WHO). Kubantu abalinganiselwa kumaphesenti angama-55,9 bakuleli izibalo zangoNhlangulana ngowezi-2016 zaziveza ukuthi kunabantu abayizigidi eziyisi-7 abaphila negciwane lesandulela ngculazi kuleli. Ukudlanga kwengculazi kunomthelela ongemuhle emnothweni wezwe ngoba kusetshenziswa imali enkulu kuthengwa imishanguzo futhi nabantu abasulelekayo baphethe ngokushona kusuke kusabhekwe lukhulu kubona ekusimamiseni umnotho wezwe. Ngalolu suku asidlinze sikhumbule ukuthi kuqala kithina njengesizwe ukubaluleka kokulwa nengculazi, izinhlelo zikaHulumeni zikhona ukwelekelela nokuthasisela kwesikwenzayo.