Now Reading
Inkululeko yezomnotho: Uhlala kuphi umnotho?
Dark Light

Inkululeko yezomnotho: Uhlala kuphi umnotho?

Uma sikhuluma ngomnotho sivamise ukukhuluma kube sengathi yinto oyifica ibekiwe endaweni ethize, bese uzithathela leyo oyithandayo ushiyele nabanye. Pho uma kunjalo, kwenziwa yini abanye bangafinyeleli lapho kuhlezi khona umnotho, lapho bewuthatha khona abanye? Kwesinye isikhathi kuyafika emqondweni ukuthi omunye umuntu uwudlula endleleni umnotho, angawuboni, kuthi olandelayo afike azicoshele into ezihlalele obala. Kuyenzeka futhi ukuthi omunye umuntu awuthathe ezandleni zakho umnike ngesihle, kuthi into ongazenzela nawe unqume ukwenzelwa ngomunye umuntu umkhokhele anothe. Omunye uze akhononde ngokuthi ubona omunye umuntu ebhukuda emnothweni athi, “Lona usuthi imali yethu.” Iqiniso wukuthi usuke engayithathanga ngenkani.

Kanti ngokwempela umnotho uhlala kuphi? Kunemibuzo okuthi uma umuntu ewubuza kube sengathi akaphilile kahle engqondweni. Omunye waleyo mibuzo ofikayo emqondweni wami ngothi: ‘Ihlalaphi intokozo yomuntu?’ Abanye bangaphendula bathi ihlala enhliziyweni noma engqondweni yomuntu. Uma ngingabuza ukuthi ‘uhlalaphi umnotho’ kungabe sengathi ngibuza umbuzo onzima futhi ongenangqondo. Kodwa wumbuzo okudinga sizibuze wona ukuze sifinyelele emnyombeni, lapho kukhona umnotho. Nawo lo mbuzo singawuphendula ngokuthi umnotho uhlala engqondweni, kodwa sekudinga sedlule lapho sibuze ukuthi, ‘Pho umnotho utholwa ngabanjani?’

Uma ngicabanga utholwa yilabo abanamehlo abuka izinto agxile, abanezindlebe ezizwa kweqe ezingeni elejwayelekile, abacabanga bedlule enkingeni kepha bafinyelele esixazululweni. Umnotho usezintweni ezejwayelekile kubantu, okuthi uma bezibona abantu babone izixazululo sezinkinga zabo. Namhlanje ngithanda ukuba sibuke enye yezinto abathile ababona umnotho kuzo. Ngifikelwa yileyo yokuphela kwempilo yomuntu. Sizalwe sakhula sazi ukuthi ukufa kusendleleni. Uma sekufikile siyazazi izinto okumele sedlule kuzo. Kubantu abaningi ukuphela kwempilo yomuntu kusho into ejulile futhi kuwumsuka womqondo womnotho. Omunye ubona ithuba lokusiza labo abashonelwe ngokubangcwabela. Kodwa kumele sikhumbule ukuthi asikwazi ukuqala ukukhuluma ngokufa ngenkathi sekushone umuntu. Le ndaba iqalwa umuntu esaphila kwenziwe isivumelwano kukhokhwe nezimali kusekuhle nje. Uma ngicabanga umuntu oqale ukubeka imali yommgcwabo eseneminyaka engamashumi amabili nesihlanu eqala ukusebenza, angafi, futhi kungafi muntu nasemndenini aze abe neminyaka engamashumi ayisihlanu. Uma lowo muntu ebeka ikhulu lamarandi ngenyanga usuke eseqede iminyaka engamashumi amabili nesihlanu. Lapho usuke esebeke imali ebalelwa ezi-R30 000. Imvamisa labo esilondoloza kubo bathi bazokhokha izinkulungwane eziyishumi uma sekushoniwe. Asishintshi isivumelwano noma ngabe sewukhokhe malini. Imfihlo isekutheni lowo okulondolozelayo yena usuke esenze malini. Ngiyazi ukuthi sibeka imali engaphezulu kakhulu kwalena engiyishilo.

Ukukhumbuza umuntu imali yokuthi uma esefile uyomngcwaba yinto ejulile kodwa edingekayo. Lokhu kungicabangisa nalolo hlobo lomshuwalense umuntu awukhokhela esaphila ekhokhwa uma esefile labo abasele bathole imali abazophila ngayo. Kulolu hlobo lomshuwalense akazuzi lutho esaphila lowo okhokhayo kodwa kusizakala labo abasele. Kwesinye isikhathi siyaye sikhokhe imali nyangazonke yokuthi uma imoto ishayisa noma kuvela ingozi ethile, kumbe intshontshwa izindleko zokulungisa isimo zithwalwe yilowo obethatha imali. Ayibuyi le mali uma imoto ingantshontshwanga, noma ingashayisanga, kodwa uzizwa uvikelekile ukuthi uma kuvela ingozi ngeke ube nenkinga.

See Also

Ziningi izinhlobo zemishuwalense. Engifisa sikubone kule ndaba wukuthi kunabantu abangaphumuli becabanga ukuthi bazoyikhipha kanjani imali ephaketheni lomuntu. Phela kuyacaca ukuthi kumshuwalense umuntu usuke ekhokhela isethembiso. Isethembiso phela yilapho ukhokha khona imali ngethemba lokuthi iyobuya seyiphindiwe uma kwenzeka lokho ozivikela kukho.

Zikhona-ke izinkampani ezisungulelwe ukudayisela abantu isethembiso zibagcinele nemali yabo. Bengizibuza ukuthi zikhona yini izinkampani zaboHlanga ezidayisa ngesithembiso. Ayikho inkampani ezimele yaboHlanga edayisela abantu umshuwalense. Akusikho ukuthi asinazo izifundiswa ezingakwenza lokho, kodwa kuyacaca ukuthi ikhona inkinga ndawana thize. Sigcina kubona omasingcwabisane, kodwa asinayo inkampani okuyiyona ephethe umnotho womshuwalense okungeyaboHlanga. Inkinga yenkululeko yomnotho ijulile kunalokho esikubuka ngaphezulu nje sithalalise. Uma sesinayo inkululeko yomnotho kuyosho ukuthi phakathi kwezinkampani ezinkulu ezibalwayo emnothweni womshuwalense kubalwa nezinkampani zaboHlanga esezakhe amabhilidi alotshwe igama lawo okuwuphawu lomnotho obekiwe. Sisenomsebenzi omkhulu njengesizwe osasimele. Lo mnotho aboHlanga bawuhambisa ngezandla zabo bewuyisa kulabo abawubekayo. Umnotho ukubo aboHlanga kodwa futhi usemqondweni womuntu.

  • UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za
Scroll To Top