Lowo ongawakhi umnotho ufadabalisa intuthuko
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/07/author-icon-02.png?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Blessed-Gwala2.jpg?fit=1024%2C683&ssl=1)
IMPILO inezinselelo ezahlukahlukene, ikakhulukazi ngoba umuntu akakwazi ukubhula engesangoma ukuthi yini ezokwenzeka ngosuku olulandelayo. Ngenxa yalokhu uhlale ubona abantu bezama izindlela ezahlukene zokwenza impilo ibe nempumelelo futhi umuntu abe nekusasa eliqhakazile.
Kuyo yonke le mpicabadala yempilo umuntu nomuntu uzithola engena ngandlelathize emnothweni. Indlela athinteka ngayo umuntu emnothweni kungenzeka kube wukuthi umnotho udla kuyena, yena akadli lutho emnothweni. Bakhona abantu okungabakhathazi lokhu. Uyathanda noma akathandi umuntu nomuntu uzungezwe wumnotho futhi uyazikhethela iqhaza azolibamba emnothweni.
Uma ngenza isibonelo salokhu ngingasho nje ukuthi kunabantu abaphila impilo yokuthenga kuphela, abangenayo into ethile abayenzayo engenisa umnotho. Laba bantu umqondo wabo awukhathazeki ngalokhu ngoba abaziboni beneqhaza abangalibamba enkululekweni yabo yezomnotho. Umuntu oyilolu hlobo uyisigqila esivaleke amehlo esimpilo yaso iphela lapha eduze. Lo muntu ngingamfanisa nomuntu ongasebenzi kodwa ophila ngokukhangeza abe esethatha leyo mali athenge, bese elindela ukukhangezwa futhi. Lolu hlobo lomuntu ngingalufanisa nomuntu othola imali yesibonelelo sikaHulumeni, olinda kuphele inyanga aye kokhangeza, ayidle ayiqede. Laba bantu abafaki lutho emnothweni kodwa bayathatha nje kuwo. Emqondweni wabo akukho ukuthi bangase baqhamuke namasu enqubekela phambili, futhi abaziboni benesiphiwo esithile sokukhulisa umnotho. Yilolu hlobo lomuntu okwenziwa umfanekiso ngalo uma kukhulunywa ngamathalente alishumi eBhayibhelini, lowo owanikwa ithalente laba linye walithatha walithukusa. Umnotho awubadingi abantu abayilolu hlobo ngoba badla okukhona kodwa abangenisi lutho olusiza isizwe empilweni yaso. Lolu hlobo lwababantu luyavilapha aluziniki ithuba lokufunda imibhalo enezinhloso zokukhulisa zikhulule abantu ngokomnotho. Ngike ngezwa ukuthi kulaba abathola imali yesibonelelo sikaHulumeni kunabathile abakusophayo ukukhulelwa ukuze bathole abantwana baholelwe nguHulumeni. Abanye babo baze bakhulelwe bephindelela ngamabomu ukuze kwande imali yesibonelelo abayithola kuHulumeni. Uma sebeyitholile le mali yesibonelelo abayisebenzisi ukusiza izingane zabo, kodwa bayidla bume bethenga izibiliboco ezingabasizi ngokwempilo nangokukhulisa izingane zabo. Wuhlobo olunje lomuntu oletha isisindo emnothweni ngoba akafaki lutho emnothweni wezwe. Sizobuye sixoxe kabanzi ngalokhu nomthelela wakho emnothweni.
Enye indlela yokuba yingxenye yomnotho yileyo yokwenza okuthile okungenisa imali, kumbe okukhulisa umnotho. Ngandlela thize ukukhula komnotho womuntu owenza umsebenzi othile kuyawukhulisa umnotho wezwe kusizakale nabanye abantu. Noma yikuphi okusebenzayo ngendlela eyamukelekile kubantu nesemthethweni, okwenza ukwazi ukuziphilisa nokuphilisa abasondelene nawe, kuyafaka esivivaneni somnotho. Laba bantu bayabalwa nabantu abakha umnotho ngoba benza okuthile, abahlali bekhangezile nje ukuthi bazonikwa okuthile nguHulumeni noma ngabantu abathize. Abanye balaba bantu engibachazayo baqashiwe bayahola emva komsebenzi abawenzayo. Angehlukana amazinga omsebenzi owenziwayo nomhlomulo otholakalayo, kodwa yibo laba bantu abenza umnotho ube esimweni esihle. La magama engiwasho lapha ngenzela ukuthi nalowo ongaboni ukuthi akwenzayo kunomthelela emnothweni, azi ukuthi umnotho wakhiwa futhi ukhuliswa ngabantu bamazinga ehlukene, nangezindlela ezehlukene. Ngelinye ilanga siyokwenaba nakulokhu.
Namuhla ngifisa siqhubeke sibheke ukuthi yiziphi izinto ezisiza abantu bangene bahlale bagxile futhi bakhule emnothweni. Yiziphi izinto eziyosiza aboHlanga bakhululeke ngokomnotho.
Ukuba masumasu: Awukwazi ukukhuluma ngomnotho ungacabangi ngemali. Imali iyingxenye enkulu yomnotho, futhi yiyo eyenza umuntu osemnothweni azizwe efudumele enokuzethemba. Imali-ke iyiwele elidinga umuntu abe masumasu ukuze azigcine esemnothweni. Iphunyuka kalula kumuntu ongenazo izindlela zokuyigcina ilondolozekile. Ukuze ilodolozeke idinga ukuhlala isephaketheni ingaphethwe nje ngesandla ngoba iphuma kalula esandleni. Uma ngikhuluma ngomnotho osesandleni ngikhuluma ngomnotho ongavikelekile ngoba isandla senza imisebenzi eminingi ngale kokuphatha imali. Amaphakethe ahlukahlukene angenza umnotho uvikeleke, ugcineke futhi ukhule. Likhona iphakethe leli elijwayelekile elisezintweni ezigqokwayo, kumbe isikhwama esiyifihlayo imali. Ezinye izinhlobo zamaphakethe ngamabhange kanye nezinhlangano ezithile lapho kulondolozwa khona imali ukuze yande kukhule umnotho. Umuntu ohlakaniphile ngokomnotho uyawafuna amasu athembekile futhi ahloliwe azokwenza umnotho ukhule futhi agxile enkundleni yomnotho. Elinye lamaphakethe kungaba wukuthenga izinto ezithile eziwumgogodla womnotho, okuthi ngokuqhubeka kwesikhathi zikhule ngenani, bese kukhula umnotho azizwe ekhululekile lowo oyingxenye yalowo mnotho okhulayo.
Ngenxa zokuthi inkundla yomnotho inabantu abehlukahlukene, futhi abazinhloso zabo zehlukahlukile, kuyadinga ukuthi umuntu okulenkundla abe nolwazi olubanzi futhi olujulile futhi ahlakaniphe. Ukuhlakanipha kutholakala ngezindlela eziningi esizobuye singene kuzo ngelinye ilanga. Kuhle wazi ngenkundla okuyo ukuze ube namasu okulwa izimpi ezivukayo kulenkundla. Abantu abasenkundleni yomnotho babuka isimo somnotho ngaphambi kokuthatha isinyathelo esibheka phambili.
Ukuzihlanganisa nabamqondo-fana nowakho: Kunesisho sesiNgisi esithi ‘izinyoni zohlobo olulodwa zindiza ndawonye.’ NgesiZulu siyaye sithi ‘ubucwibi obuhle ngobuhamba ngabubili.’ Uma uwedwa usuke unomqondo owodwa, kanti uma nibabili seninemiqondo emibili, noma engaphezulu kwemibili. Inkundla yomnotho akusiyo indawo yokusebenza ngawedwana uthembe ukuphumelela ngokuphelele. Ngenxa zokuthi yinkundla enabantu abambalwa kuyinto engelula ukuthola umuntu ocabanga ngendlela ezwanayo nawe. Kunabantu abakholelwa ekutheni imali uma isikhona kuyathengwa ngayo, kanti abanye bakholelwa ekutheni imali kumele ilondolozwe futhi izalaniswe. Lokhu nje kukodwa kungakudala ukwehlukana kubantu abebefisa ukusebenza ndawonye enkundleni yomnotho.
Ngakho-ke kuhle umuntu osendimeni yomnotho angasebenzi ngayedwana. Ngike ngakusho komunye umbhalo ukuthi izinkampani ezinkulu ezidlala indima enkulu emnothweni akusizo eziphethwe ngumuntu oyedwa. Ekwahlukaneni kwabantu ngokucabanga nokwenza kukhona amandla acashile adinga ukusetshenziswa ukuze athele izithelo ezinhle. Uma ngithi zihlanganise nabantu abamqondo-fana nowakho angiqondile ukuthi uma ungumuntu onovalo zihlanganise nabantu abanovalo. Lokho ngeke kukusize ukuthi ukhule. Akunakukusiza ukuthi uma ungumuntu onenkani kumbe oziqhenyayo uzihlanganise kumbe uzisondeze kubantu abanenkani njengawe, ngoba akekho ozokhuza omunye. Kunezimpawu ezithile okumele uzibheke kumuntu nakuwe ukuthi zidinga ukuhlanganiswa nophawu olunjani ukuze zisebenze ngempumelelo. Uma ungumuntu ocabangisisayo angasheshi ukuthatha isinqumo ngaphambi kokuqiniseka, kungakuhle uhlangane nomuntu oyithandayo impumelelo futhi ocishe abe namawala. Lokhu kuhlangana kungakhipha imiphumela emihle uma kuphathwa ngendlela ethile.
Ngamanye amazwi into okumele uyiqikekele uma uhlangana futhi ufuna ukusebenzisana nomunye umuntu, wukuthi umgomo enihlose ukufinyelela kuwo uyefana yini. Akusebenzi ukuhlanganisa izihlelo zokuhamba nomuntu ohlela ukuya eLimpopo wena uhlelo lwakho lungolokuya eKapa. Iqiniso wukuthi nobabili nihlose ukuhamba, kodwa aniqondile ukuya ndawonye. Izinhlelo zenu azizukufana. Kuhle uzihlanganise nabantu abaya lapho ufuna ukuya ngakhona ukuze nibonisane ngohambo nezinselelo ezifanayo.
Ukuphetha olwanamuhla ngithi hlolisisa ukuthi uhlangana nabantu abamqondo-fana nawe. Uma uhlangana nevila usengozini yokuzithola sewuvilapha ngoba lesi sifo siyathathelwana. Yindlela enesizungu lena uma ungumahambayedwa, futhi ongazithola weduka kuyo.