Sekunomkhuba wokushuphula olimini lwethunga



UDkt uMbatha ungungoti wolimi umbhali weSichazamazwi sesiZulu.
KUNOMKHUBA owenziwa ngabathile wokushuphula izinhlamvu ezithile eziqalweni zamagama esiZulu. Lo mkhuba uvamise ukwenziwa ngabakhuluma isiNgisi. Okuxakayo kulaba abakhuluma isiNgisi abagila lo mkhuba wukuthi akubi ngabamhlophe bodwa kodwa nabo aboHlanga bayawenza lo mkhuba. Kunzima ukukuchaza lokhu uma kwenziwa ngisho ngabantu boHlanga. Kusobala ukuthi umuntu unele akwitize isiNgisi bese esezibona kufanele enze konke okwenziwa ngamaNgisi uma ekhuluma ulimi lwawo. IsiZulu sona sakubona sakubeletha. Kuthi lo mkhuba ulindeleke kulabo abangasincelanga ebeleni isiZulu uthole ukuthi nabo laba abasincele ebeleni baba mdibi munye nalaba abagila lo mkhuba.
Kuningi okugilwa wukushuphula izinhlamvu ezithile zeziqalo emagameni esiZulu. Okugqamile okulethwa yilo mkhuba emagameni esiZulu yilokhu: ukuguquka kwalokhu ochwepheshe bolimi lwesiZulu abakubiza ngokuthi yizingcezu zenkulumo; ukuguquka kwencazelo yegama nokuphinyiswa kwegama eselikulesi simo ngenye indlela. La mabizo aguquka angabe esaba ngamabizo uma sekushuphulwe izinhlamvu ezithile zeziqalo zawo: udonga, umuthi. Uma ushuphula uhlamvu u- olusekuqaleni kula mabizo amabili kusala la magama: donga, muthi. Igama elithi donga nelithi muthi omabili aseguqukile ekubeni ngamabizo aba yilokhu okuthiwa isibizo.
Liyahlekisa leli elithi donga ngoba umuntu angaze abe nomcabango wokuthi kuthiwa Donda kanti phinde. Laba abagila lo mkhuba ubathola sebeguqule ngisho impimiso yala magama sebewaphimisa sengathi baphimisa amagama esiNgisi. Bakwenza kufanele futhi lokhu ngoba bangawaphimisa kanjani la magama uma kungekhona ukuthi babiza abantu abaqanjwe ngawo. Kulula ukumemeza uDonda noma uMuthi uma kungamagama abantu. Uma kungamagama abantu lawa vele awulusebenzisi uhlamvu lokuqala lwegama. Lapha kusuke kungamenyezwa muntu. Kusuke kugilwe umkhuba odunga ulimi lwesiZulu ngokuthi kushuphulwe izinhlamvu zokuqala zeziqalo zamabizo.
Ebizweni elithi ilobolo lona kuvamise ukuthi kushuphulwe uhlamvu lokuqala lwebizo bese lisala leli gama selimi kanje: lobola. Uma selimi ngalolu hlobo leli gama lisuke lingaseyilo ibizo. Lisuke seliyisenzo esisendleleni ephoqayo. Umuntu othi lobola esikhundleni sokuthi ilobolo, kuvele kuzwakale sengathi kukhona amphoqayo ukuba akhiphe izinkomo zamabheka alobole. Kuze kuguquke ibizo libe yisenzo nje kungenxa yokushuphulwa kohlamvu lwesiqalo sebizo i-. Nakhona kuleli gama kuguquka nendlela eliphinyiswa ngayo. Laba abagila lo mhkuba ngeke usabathinta uma sebezakhele la magama abo sebewaphimisa kube sengathi bakhuluma isiNgisi.
Abagila lo mkhuba bakwenza lokhu ngisho noma beqondise ezilimini zona lezi zaboHlanga. Igama elithi isiZulu bavele basishuphule sonke isiqalo ligcine lisele sekuthiwa: Zulu. Uma ubabuza ukuthi bakwenzelani lokhu bavele bakutshele ukuthi bakhuluma kanjena uma bekhuluma isiNgisi. Uma sebesho njalo bagcina sebefake namagama amakhulu esiNgisi bathi indeed. Kusuke kungaselula-ke ukutshela iNgisi uma selike lathi indeed. Uma likhuluma kanjena iNgisi lisuke selikutshela ezikaBhoqo. Wena ongelona iNgisi uvele ubone ukuthi ngeke usamenza lutho lo muntu osekhuluma kanjena. Lokhu kukhuluma kunesikhulu isikhophe esishiya eminingi imibuzo.
Laba abakhuluma kanjena bathi amaNgisi angavuma yini uma igama elithi English lizobizwa noma libhalwe lingasenalo uhlamvu E- kuvele kuthiwe Nglish? Angayivuma ungahleka le nsambatheka amaNgisi! AmaBhunu-ke wona angabhoka akhahlele uma kuzogilwa lo mkhuba olimini lwawo. Ungawuthunda uwuphuze uma uzoshuphula uhlamvu A- egameni elithi Afrikaans ulibize uthi Frikaans. Ngendlela angezwa lutho ngolimi lwawo amaBhunu nalokho okuphathelene nobuwona mhlawumbe angakubopha nokukubopha uma ugila lo mkhuba. Ezilimini zomdabu khona kwenzeka imihla namalanga uthole ukuthi abanikazi balezi zilimi bathule kuhle komuntu emumethe umuthi wecala.
Kuyadabukisa lokhu okwenzeka ezilimini zomdabu kube kungenzeki ezilimini zabamhlophe. Abomdabu nabo bavele basibukele sibhebhetheka lesi sangcokolo. Kunzima ukuqagula ukuthi kuyogcinaphi uma kunjena.
– UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.