Kuningi okungafundwa ngebandla lamaLuthela



UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
MHLA zingamashumi amathathu nanye kuMfumfu wezi-2017 amaLuthela abegubha uMkhosi wokuphela kweminyaka engamakhulu ayisihlanu laqalwa. Leli bandla laqalwa nguMartin Luther. ULuther wazalwa mhla zilishumi kuLwezi ngowe-1483 edolobheni i-Eisleben, eGermany. Ngonyaka we-1505 uLuther wangena eNyunivesi yase-Erfurt, eGermany. Kwathi ngonyaka we-1507 wagcotshwa waba nguMphristi weBandla lamaRoma. Ngonyaka we-1510 isigodlo samaRoma samthumela eRome.
Ngonyaka we-1512 uLuther wazuza iziqu zobudokotela ezifundweni zethiyoloji eWittenberg University. Kwathi zingamashumi amathathu nanye kuMfumfu we-1517 waphisela imibhalo yakhe eyayinamaphuzu angama-95. Le mibhalo idume ngokuthi iMartin Luther’s 95 Thesis. ULuther wayefuna ukuba iBandla lamaRoma liyeke ukusebenzisa inkolo ngokucindezela amakholwa. Futhi wayefuna ukuba amakholwa azifundele wona iBhayibehli kunokuba lisetshenziswe ngabaphathi beNkolo njengoMthethosisekelo wezwe.
Inhloso kaMartin Luther kwakungeyona eyokuhlubuka eBandleni lamaRoma. Ezintshumayelweni zakhe kakuveli ukuthi washumayela ngokwehlukanisa kweBandla lamaRoma. Ngonyaka we-1521 uLuther wabekwa icala lokuphendukela iBandla. Kwathiwa makahoxise izinkulumo zakhe ezazisola izikhulu zeBandla. Kodwa wenqaba ukuhoxisa izinkulumo kanye nemibhalo yakhe engama-95.
UPhapha waseRoma wammisa ekuphatheni inkonzo. Nalapho esevela phambi kukaKaiser Kurfuest Friedrich eReichstag, edolobheni iWorms, eGermany wenqaba uLuther ukuhoxisa imibhalo yakhe. UFriedrich wathumela uLuther ejele edolobheni Wartburg ngase-Eisenach, eGermany.
Ngesikhathi eseWartburg uLuther wathola ithuba lokuhumusha iThestamente Elisha elalisuselwa olimi lwesiLatini elisa olimini lwesiJalimani. Ngaleso sikhathi sasingabhaliwe isiJalimani. Abantu babekhuluma ngezilimi ezehlukeneyo. Ngokuhumusha kwakhe iThestamente Elisha uLuther kwaqala ukubhalwa kolimi lwesiJalimani lokhu esikubonayo namuhla.
Ngonyaka we-1522 uLuther wabuyela eWittenberg. Kwathi ngonyaka we-1525 waganwa nguKathrina von Bora owayelisisitela kulo leli dolobha. Ngonyaka we-1524/1525 abalimi baseGermany benza umbhilikisho bengavumelani nokucindezelwa kwabo ngobasi emapulazini. Abalimi babecabanga ukuthi uLuther uzosekela umzabalazo wabo, kodwa waphikisana nesenzo sabo.
Ngowe-1529 iNkosi yedolobha iSpeyer, eGermany yakusola ukubhekwa kukaMartin Luther abaholi abasebembiza ngengozi eBandleni lamaRoma. IBhayibheli elalihunyushwe nguLuther lavela esizweni samaJalimane ngowe-1534. Sesishilo ngenhla ukuthi iBhayibheli lalisetshenziswa njengoMthethosisekelo wezwe iGermany. Abantukazane babegwetshwa intambo ngokusebenzisa iBhayibheli. Babengakwazi ukuzifundela iBhayibheli ngoba lalibhalwe ngesiLathini. Futhi iBhayibheli kwakuyiNcwadi yezikhulu zeBandla kuphela.
Mhla zilishumi nesishiyagalombili kuNhlolanja we-1546 wafa uMartin Luther edolobheni lase-Eisleben. Wafa washiya eselakhile iBandla lamaLuthela. Namuhla leli Bandla litholakala kuwo wonke amazwe emhlabeni. Egermany, kalikho idolobha elingenawo umfanekiso kaMartin Luther. Idolobha laseWittenberg libizwa ngokuthi iMartin Luther City. Minyaka yonke izigidi zezivakashi ezivela kuwo wonke amagumbi omhlaba zihambela leli dolobha ukuzobona isicabha uLuther aphisela kuso imibono yakhe yenguquko ayefisa yenziwe liBandla lamaRoma.
Ukuvela kweBandla lamaLuthela kwenza amaKhatholika ashaya uMthetho ovimbela ukuganana phakathi kwamakholwa angamaRoma nangamaLuthela. Kanjalo nezingane ezikoleni zehlukaniswa ngokwenkolo yabazali bazo. Kwaba noMthetho okwenza kube yisono ukwehlukanisa kwabantu abaganeneyo. Zolo lokhu amaKhatholika aseRepublic of Ireland abemangalele iBandla lawo ngokuthi lo Mthetho ongakuvumeli ukwehlukanisa mawesulwe, uphele. Bawina abamangali. Sekuvunyiwe ukwehlukanisa eRepublic of Ireland. Njengamanje umzabalazo sekuyilowo wokuthi mabavunyelwe ukuganwa abefundisi beBandla lamaKhatholika. Le nguquko yaqalwa nguMartin Luther.
- UDkt uHerbert Mnguni uzinze eGermany