Ifu elimnyama kuMasipala iHarry Gwala: Ukufa kwabaholi nenkohlakalo


Ukufa kukaMagaqa kugxilise amehlo esifundeni neMeya iphendula ngezinsolo
IMPELASONTO eyedlule ibingeyomunyu emndenini nasemphakathini waseMzimkhulu. Lomphakathi ubufihla omunye wawo, uMnu uSindiso Magaqa ofe emuva kokudutshulwa ngabantu abachazwe njengezinkabi. Nokho phezu kwalowo munyu, kwabanye usuku lomngcwabo lulethe inhlansi yethemba ukuthi into ekhulunywa emakhoneni mayelana nenkohlakalo okuthiwa idla lubi izosukunyelwa yiziphathimandla.
Lokhu kulandela inkulumo kaloyo obengumngani kaMagaqa, uMnu uLes Stuta oveze ukuthi umufi ufele emanyaleni enkohlakalo ebandakanya ithenda yehholo lomphakathi. UStuta uthe lolu lwazi lwadluliswelwa kwezinye izinhlaka zeqembu. Inkulumo yakhe yenza imilomo yavunana ekutheni kumele kube nophenyo olunzulu. Kuleli sonto elaboHlanga likhulumile noStuta oveze ukuthi selokhu ethula inkulumo yakhe ngeledlule seziqinisiwe ezokuphepha kuye.
“Mina anginandaba nokufa ngoba vele noMagaqa bambulele kodwa amaqabane abone kungcono ukuba angisize ngabantu abazohamba nami uma kukhona lapho ngiyakhona. Ngaphandle kwalokho thina ngeke sithule uma izinto zonakala ngoba uKhongolose akuwona owabantu abathulayo babuke konakala yikho sikhuluma. Namanje ngisamile kulokho engakusho emngcwabeni kaMagaqa ngenkohlakalo eyenzeka eMzimkhulu nokwakhiwa kwaleli hholo elibize imali ephindaphindiwe,” kusho Stuta. Lezi zinkulumo zenze wonke amehlo athi njo kwisifunda iHarry Gwala esiholwa yiqembu likaKhongolose ngaphansi kobuholi bukaMnu uMluleki Ndobe.
Ukuphawula kuka Stuta ngenkohlakalo akholwa ukuthi iholele ekubulaweni kukaMagaqa kwenzenje noMengameli uZuma ujube uphenyo kulo Masipala ngenxa yokubikwa kwenkohlakalo nokungaziphathe kahle kwabanye abasebenzi okukholakala ukuthi bakhwabanisela uMasipala. Uma lolu phenyo seluphothuliwe futhi lugcina luqinisekisa izinsolo ezibhekiswe kwabanye abaholi kungase kuqhume nhlamvana ezinye ziyofekela kulo Masipala. Kuthiwa kunabaholi abathinteka enkohlakalweni yokukhishwa kwamathenda nasekwebiweni kwemali yomphakathi.
Lolu phenyo lujutshwe ngemuva kwezinsolo ezithinta ukukhishwa kwamathenda okufakela umphakathi amanzi, nokukhokhelwa kwezinkampani ngendlela engaqondakali. Kuphinde kuvele ukuthi kukhona namahhotela abekhokhelwa ngaphandle kokulandela imigudu efanele yangaphakathi kwaMasipala. Lolu phenyo lugunyazwe ngowezi-2016 kuZibandlela kodwa luqale mhla zintathu kuNhlolanja wezi-2017. Uphenyo lujutshwe ngaphansi kweSpecial Investigating Unit (SIU) and Special Tribunal Act, 1996 (Act No. 74 of 1996).
Ngokwezinsolo ezibikwa kabanzi yilolu phenyo kuvela ukuthi kunemali yoMkhandlu egcine inyamalala ngendlela engaqondakali kodwa okukholakala ukuthi uma kuphenywa ingabuyiseka. UZuma uthe ngenxa yalezi zinsolo ezingenhla unqume ukuba ajube uphenyo kusuka ekuqaleni ukuze kuvele lonke iqiniso ngokwenzekile. Uphinde akucacise ukuthi ngaphansi kweSigaba soMthetho sowezi-2001 esingu-Section 2(1), ugunyaza ukuba kufanele kuphenyisiswe zonke izinsolo ezihlanganisa nokungaphathi ngendlela uMasipala, ukuphathwa budedengu kwezimali nokuziphatha budlabha kwabasebenzi namakhansela okuhambisana nezenzo zenkohlakalo.
Empeleni sezizonke izinsolo eziphenywa iSIU ngokomyalelo kaZuma zimi kanje:
- Ukuphathwa budedengu kwezimali ngaphakathi kuMasipala;
- Ukuziphatha ngendlela enenkohlakalo kwamakhansela nabasebenzi bakaMasipala;
- Ukuxhashazwa nokukhwatshwaniswa kwezimali zomphakathi okuhlanganisa nempahla kaHulumeni;
- Ukukhishwa kwamathenda ngendlela engekho emthethweni nokungalandelwa kwemigudu efanele;
- Ukweba ngenhloso yokucekela phansi uMkhandlu nokuholele ekutheni kulahleke imali yomphakathi;
- Amanye amacala abaliwe kwezinye izigaba zalolu phenyo athinta inkohlakalo kanti abonakala engena ngaphansi kweSigaba esibizwa ngePrevention and Combating of Corruption Activities Act, 2004 (Act No. 12 of 2004);
- Zonke izinsolo zokungaziphathi kahle ezithinta inkohlakalo eyenzekile okungaba ngonyaka wezi-2010 kuMasingana ngaphambi kokuba kugazethwe uphenyo kuze kufike manje ngesikhathi sokugunyazwa kophenyo, uma nje kuthinta amacala abhekene nalolu phiko ahambisana nokuxhashazwa nokwebiwa kwempahla noma imali yomphakathi kuyofanele bajeziswe abathintekayo.
Nakuba lolu phenyo lungadaluli amagama abantu kodwa kukhona izinsolo zokuthi iMeya uMlululeki Ndobe naye uyathinteka kwezinye zezinto ezimayelana nokuphuma kwamathenda ngendlela engaqondakali. Ngokuthola kwelaboHlanga izinkampani ezithinteka enkohlakalweni yaseHarry Gwala ziyisi-9. Umthombo weBayede uveze ukuthi izinto zimbi ngale ndlela yokuthi imali yokukhokhela abasebenzi kungenzeka igcine ingasekho ngenxa yokuthi uMkhandlu usezinkingeni ezidalwa inkohlakalo.
Izinsolo ezivezwayo ezokuthi abantu bayasaba ukukhuluma ngenkohlakalo kulo Masipala ngoba okewaphawula ‘ukhonjwa ngesibhamu’. Ngesikhathi kuthintwa abaholi benyunyana yabasebenzi boMasipala, iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU), evamise ukuvutha ingabaselwe uma kunezinsolo zenkohlakalo, abaholi bayo baseHarry Gwala bebengafuni ukuphawula ngalolu daba. Omunye ocele ukungadalulwa uvele wathi akakwazi ukuphawula ucela okungenani kukhulunywe noSihlalo, uMnu uThobelani Magqazana. UMagqazana ethintwa, uvele wathi bona abayikhulumi imbudane futhi abayazi indaba yalolu phenyo okuthiwa lujutshwe uZuma eHarry Gwala. “Awubuye ungithinte ngoba ngisendaweni enomsindo. Awunginikeze okungenani imizuzu emihlanu,” kusho uMagqazana.
Nokho kuthe uma esethintwa ucingo ubengasalubambi kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. IMeya yaseHarry Gwala uMnu uNdobe ephendula uthe njengazo zonke izikhungo zikaHulumeni, nabo banazo izinkinga zemali kodwa isimo asisibi ngaleyo ndlela. “Empeleni isimo soMkhandlu wethu sisizamile ukusilungisa kwezemali uma uqhathanisa neminyaka edlule. Ngikhuluma nje siqale uhlelo lokugwema ukusebenzisa imali budedengu njengokuthi sivale indaba yezinkampani ezisiphekelayo uma sinemihlangano emincane yoMkhandlu. Lokhu sibonile ukuthi bekusilimaza kakhulu emalini.
Asigcinanga lapho kodwa sivale nezinhlelo zokukhangisa ezisuke zingenaso isidingo kangako kodwa ezidla imali eningi. Ngakho ngiyethuka uma kunezinsolo ezifana nalezi nezenza sengathi singabaholi asiphethe ngendlela kuMasipala. Okunye engifisa kucace ukuthi akukho lapho okunomholi oyikhansela oseke wahlala ekomitini elicubungula izinkampani ezisuke zihlungelwa ukuthola umsebenzi emkhandlwini. NgokweMunicipal Financial Managemant Act alikho ikhansela elivunyelwe ukuhlala ekomitini elibhidela amathenda oMkhandlu, ngakho ngiyamangala uma sekunezinsolo ezifana nalezi,” kusho uNdobe.
Uqhube wathi iqiniso ukuthi isimo asisihle eHarry Gwala ngenxa yokuthi kunomkhankaso omubi wokuhudula phansi amagama abaholi yingakho konke lokhu okushiwoyo ekubona kuyindlela yokumbeka kabi nokudicilela phansi isithunzi sakhe. Uthe kunodaba lwabasebenzi abayizipoki, yibo njengoMkhandlu abanzela uphenyo bavundulula ukuthi ezinye zezisebenzi zisebenzise uhlelo lokuqashwa kwamavolontiya emphakathini ukuzizuzisa zona ngokuthi zengeze amagama angekho, nayisibalo esiphezulu kwesamavolontiya aqashiwe ngoba benzela ukuziholela leyo mali. Labo basebenzi bamisiwe kanti abanye bavele bethuka basula emsebenzini. UNdobe uthe angasho ukuthi noma sebesulile kodwa uma bethola ugcobho ngabo bazobalandela ukuze babuyise imali bavulelwe namacala.
“Okunye engifisa kucace ukuthi alikho iqiniso ngezinsolo ezivezwayo zokuthi umfowethu uyingxenye yabasebenzi abahola kodwa bengekho kuMasipala. Empeleni waboshwa esebenzela uMasipala kodwa icala lakhe lalingahlangene nezinto zikaMasipala. Ngakho wathi uma eboshwa wesula nasemsebenzini nokwenza ukuthi ingabi bikho imali ayiholayo,” kuchaza uNdobe. Uqhube wathi uhlelo lwamanzi okukhulunywa ngalo benze konke ukulandela imigudu efanele ukuze bathole izinkampani ezizoqhuba umsebenzi. Uthe baqalile kwezinye izindawo bawufakela umphakathi kanti manje bamatasa nedamu elizokwakhiwa eBulwer ukuze liphakele wonke umuntu amanzi. Uveze nokuthi sebevele baqalile ukwakha amadamu azophakelwa yileli elikhulu laseBulwer, baphinde bafaka namapayipi azodonsa amanzi kuleli damu awathumele ezindaweni ezahlukene. Uthe konke lokhu okushiwoyo okubi kwenziwa ngamabomu ukuze kudukiswe umphakathi.
Ube esethi labo abanezinsolo abazenzayo ngamathenda nangokuhola komfowabo nangokuthi yena kukhona inkohlakalo athinteka kuyo ucela balethe ubufakazi ngoba akekho ozobasabisa. Uthe wonke umholi eHarry Gwala unelungelo lokuphakama abuze ngenkohlakalo ngoba yiyona ndlela abasebenza ngayo. IHarry Gwala inomasipala abane ngaphansi kwayo okuyiDkt uNkosazana Dlamini Zuma eyayaziwa ngeKwaSani iNgwe, uMzimkhulu, iGreater Kokstad noBuhlebezwe.