Now Reading
Isicathamiya umculo onomlando wegugu lesizwe
Dark Light

Isicathamiya umculo onomlando wegugu lesizwe

Umculo wesicathamiya ungomunye wamagugu asemqoka esizwe sethu kanti ukusunguleka kwayo kunezimpande KwaZulu-Natal.

Njalo ngoMgqibelo, ezinzulwini zobusuku emathunzini amahositela asezimayini, izinsizwa zamaZulu ezabe zingabasebenzi basezimayini, ngemuva kokusebenza kanzima isonto lonke zazizijabulisa ngomculo. Bekude nemindeni yabo abebiyishiye emakhaya bephoqwa isimo sendlala nemithetho yengcindezelo eyayithi kumele bakhokhe ukhandampondo nentela yezindlu. Labasebenzi babesebenza kanzima ezimayini zegolide nedayimani  abanye besemafemini agqilazayo.

Umsebenzi wawunzima kakhulu, nenkokhelo ifana nento engekho. Ukuziduduza  bekulangezelela futhi beqikelela ukuxhumana negugu labo lomculo. Abasebenzi babezithokozisa ngomculo nangomgido ohambisana nokusina.  Lapha-ke sikhuluma ngeNingizimu Afrika yasemandulo nalapho umculo wesikhwela jo wawucasula futhi uphazamisa lapho kwakuhlala khona abelungu abebeyizimfolomane. Ukubalekelana nokuthi kube nengxabano, abasebenzi, ngokuhamba kwesikhathi baguqula indlela ababecula nababedansa ngayo. Ukugxoba phansi okubanga umsindo okuhambisana nokumemeza kwaba yinto yakudala. Lokho kwaguqulwa ngokugxotshwa kwezinyawo ngokungenamsindo okuhambisana namazwi amtoti aphelezelwa ukudansa osekuhleliwe ngendlela yokuthi kwakungasezwakali ezindlini zezimfolomane.

Abasebenzi ababecula lo mculo baqala bazibiza ngokuthi bango “cothoza mfana” kanti ngokuhamba kwesikhathi babe sebebiza lo mculo wabo omusha ngokuthi “Isicathamiya” – okusho ukunyathela kancane  sakucathama ube ushaya phansi ngokuthambile. Lo mculo owamadoda ayekhumbule futhi elangazelela ukuba semakhaya ebulawa isizungu emadolobheni.  Ngumculo othokozela isiko ube futhi ukhalaza ngokuhlukumezeka komphefumulo yingakho uthi uwusizi uphinde uvuse usinga. Lona ngumculo weSicathamiya!

Lo mculo waziwa kakhulu njengomculo wabesilisa abacula ngamaphimbo engaphelezelwa yilutho kanti ubuye ubizwe ngo “cothoza”, “jazibhantshi”, “ngomabusuku” noma “isikhunzi”. Njengamanje waziwa kakhulu ngokuthi “Isicathamiya” – ngenxa yokuthi lapho ucula awunyakazi kakhulu futhi awushayi phansi mawala – uhamba ngokucotha njengekati. Endaweni yasogwini lo mculo kudala ububizwa nge “isi-blues” – umataniswa nomculo waboMdabu abazinze e-USA nabafika khona bethunjiwe benziwa izigqila. Amaqembu asoGwini awudumisile kubalwa i-Easy Walkers neXolo Home Boys. Ubudlisa kakhulu endaweni yasemtateni nasehositela eDalton, eThekwini.

Lo mculo ukwazi ukuwubona ngendlela okugqokwa ngayo ngokuswenka kube kufaniselwene kudliwe indwangu ekhangayo. Yikhango ubuye uteketiswe ngokuthi umculo woswenka izinsizwa zengqephu ezingahlalwa mpukane ngenxa yabo njalo ubunono womculo abawuculayo.  Amagilavu amhlophe qwa awasali kulo mculo wesicathamiya kanti nezicathulo zakhona ezimibala ekhangayo zidla lubi lapho sezigqokwe zahambisana nomfaniselwano wakhona.

Kunesiko elaziwayo kwabacula lo mculo, elihambisana nokusondelana nomuntu wesifazane lapho kulungiselelwa ukuyoncintisana kanti akwenyusi izinhlonzi ukusetshenziswa komuthi ngamaqembu esicathamiya. Lokhu kuthathwa njengomkhuba osalisiko. Konke lokhu kwenziwa lapho kuzilungiselela nalapho kubhekwa ukuthi oshuni ngabe bahlangene kahle nalapho izindlela ze-alto netenor kuyizo ezidlisayo ziphelezelwa umgqumo wesigqi samazwi ebass nogqamile bese kube ilowo ohamba phambili. Kuvamise ukuba amalunga abe yishumi kodwa engeki emashumini amabili nesihlanu. Akhona amanye angaphansi kweshumi kodwa okwenza isigqi sebass sithi ukwehla ikakhulu uma zingekho izimbodlomane zamazwi. Kuyihlazo elibi kabi nelijivaza lo mculo uma kubonakala ongumculi wawo ebonakala ephuzile ebe esagqoke nemfaniswano yeqembu. Angisayiphathi-ke eyokuziphatha budlapha emphakathini. Lona ngumculo okhuthaza indlela enhle yokuziphatha nokuziqoqa okuhambisana nenhlonipho yesintu. Lokhu kukhuthaza nokuhloniphana kumaqembu ngokwezigodi zawo ngisho ngabe ayancintisana ezwana umphoso kuhle kwezinsizwa zingcweka. Indawo iYMCA kuBeatrice Street eThekwini yaziwa kakhulu njengenkundla yesicathamiya. (Kuyadabukisa-ke nokho ukuyibona iseyindawo nanamhlanje enganakiwe kanti inomlando oyigugu kithi).

Sekungumlando ukuthi iqembu lesicathamiya elidumise lomculo kakhulu emazweni omhlaba yiLadysmith Black Mambazo neyasungulwa uSolwazi uJoseph Shabalala. Kanti amaqembu afana neDurban Black Drifters, iMpangeni Home Tigers, iColenso Abafana Benkokelo, iKing Star Brothers, iMtuba Thulisa Brothers, angamanye awuphakamisele phezulu kakhulu lo mculo. Kubalulekile ukungakhohlwa amaqembu afana neMzolo Mbube Group, iLadysmith Red Lions kanti uSolomon Linda waziwa kakhulu ngeculo lodumo iMbube neselantshontshwa kaniningi emhlabeni. Kumanje kunabafana abancane ababizwa ngeThe Legacy nabo abanyathela ezinyathelweni zabasunguli balomculo yize bona-ke sebebuye bawusheba nesimanje ukuwugxilisa ngendlela entsheni yanamuhla.

See Also

Okubalulekayo ngalo mculo ukuthi ukhuthaza uthando, inhlonipho, ukuzigqaja, igugu nesiko ube udlulisa nemiyalezo emihle yobuciko neyakhayo ezintweni eziningi ezithinta impilo emiphakathini. Ungumculo wokuthula noxolo ngeke uzwe kukhona ukungcofana kuwo. Lona ngumculo okungalula ukwakha ngawo ukudlelana kwezizwe nokukhuthaza ukubekezelelana. Kulo mculo ngeke uzwe kukhulunywa ngendaba yezimali kuwo uthando nokugcina igugu nokudlulisa umyalezo iyona nto eqhakanjiswayo. Yikho namanje sekufana nesiko ukuba kube nesiteki sembuzi kuwo.

Njengomculo oyigugu lesizwe kubalulekile ukuxhaswa kwalo mculo kanye nokusekelwa ngendlela kwabayingxenye yawo. Ukuba sikwelinye izwe ngabe lo mculo njengegugu lesizwe unesabelomali sawo nje uwodwa ikakhulu njengoba iLadsymith Black Mambazo seyawuqophela nomlando wamaGrammy Awards amane. Ezindaweni ezifana no-Ireland umculo wakhona unesabelomani engasukumi phansi nokwenza ukuthi ungabonakali ushabalala kumbe uphela.

Asibungaze inyanga yethu yamagugu nomculo wegugu lethu isicathamiya.

Scroll To Top