Luyajiya olomhlaba wesizwe naMathenjwa


INkosi yesizwe saseNtembeni isolwa ngokuqhatha umndeni kanye nesizwe
SEKUQUBUKE inkombankombane esizweni saseNtembeni eMthonjaneni emveni kokuvela kokukhuluma okuveza inkosana yalesi sizwe njengomuntu ‘owathengisa’ ngomhlaba woBukhosi emalungwini eThenjwa (Trust). Umndeni weNkosi uThandazani Zulu umsola ngokuthi yonke le minyaka kunokuqhubulushana phakathi kwawo kanye namalungu eMagwaza Community Trust kanye neMakhasaneni Community Trust ngesimanga sakhe.
Amalungu omndeni athi le nkulumo ifakazelwe yisethulo esenziwe nguMnu uLionel Maguva Mthimkhulu owakhe KwaMagwaza oveze ukuthi empeleni umhlaba (okwamanje okuseyisicelo) banikwa yiNkosi igunya lokuba bafake isicelo njengenhlangano yomphakathi. Esewonke amapulazi okukhulunywa ngawo ali-100 oningi lawo aphethwe zinkampani zamahlathi uSappi noMondi. Okhulumela umndeni weNkosi, uMntwana uSipho Zulu ubikele iBAYEDE ukuthi uMnu uMthimkhulu udalule lokhu ngoLwesihlanu olwedlule emhlanganweni obubanjelwe ehholo likaMasipala uMthonjaneni. Uthe inhloso yomhlangano bekungukuzokwethula emphakathini ithimba lochwepheshe kwezomhlaba ebelivela esifundazweni iMpumalanga nokungamalungiselelo okuhlala kwesigcawu seKhomishana yomhlaba.
“Leli thimba longoti laseMpumalanga lenhlangano i-Agnowz belizokwethulwa yizikhulu zakwaLand Claims Commission zaseMgungundlovu okubalwa kuzo u-Advocate uMzo Mthembu. UMnu uSandile uDlalisa ubikele abebesemhlanganweni ukuthi ithimba longoti be-Agnowz liqokwe nguMnyango Wezomhlaba ukuzobalekelela ngemuva kwesimemezelo esenziwe nguMengameli uZuma” kusho uMntwana uSipho Zulu.
Uqhube wathi: “Sethuke kwaphela nasozwaneni sizwa, uMnu uMthimkhulu ethi yiNkosi kanti eyabagunyaza ukuba bakhe amaCommunity Property Association (CPA) nokuthi wabapha isicelo saseNtembeni ukuze bazitapela umhlaba weMbube. Bathi iNkosi yathi kabazithathele ngoba yona ayifune mapulazi.”
UMntwana uZulu uveze nokuthi uMthimkhulu uze wathi uMehluleli owayenguSihlalo weKhomishana waze wayibuzisisa INkosi ukuthi ngabe iqonde ukuthi isicelo sokubuyiselwa umhlaba usidlulisela kumalungu omphakathi na, neyaphendula ngokuthi yebo kunjalo. Emuva kokwehluleka ukuthola uMthimkhulu ukuba aziphendulele, elaboHlanga libe selithinta uNks uMhlophe Biyela onguNobhala weMakhasaneni Community Trust obekhona emhlanganweni. Ebuzwa uNks uBiyela ukuthi kuyiqiniso yini kuthi bagunyaza yinkosi ukwakhe amaCPA, nokuthi lesi sinqumo sathathwa kuyiKhomishana eyayihlezi eMthonjaneni, walile ukuphawula. “Yize bengifisa ukuphawula ngalolu daba kodwa angikwazi ngoba angigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba. Xhumana noSihlalo wethu uMnu uMandla Dludla ozokunikeza yonke imininingwane,” kusho uNks uBiyela.
ElaboHlanga libe selithinta uDludla ophikile ukuthi kwabakhona iKhomishana eyahlala: “Ayikho iKhomishana eyahlala eMelmoth, kodwa okwenzeka sanikezwa ilungelo eligunyazwe nanguMthethosisekelo ukuba sizifakele izicelo ngokuzimela,” kusho uDludla. Elinye ilungu lomndeni uMntwana uKhumbulani Zulu noyisekela leNkosi ekomitini laBantwana uthe: “Le nkosi ihlale ibonakala ibambe imihlangano ngasese nabantu bamaCPA. AbaseMakhasaneni basanda kumethuka enkantolo bethi usezama ukubajikela ekubeni bemondla ngezimali zabo. Futhi bamthengele nesifalakahla semoto ahamba ngayo,” kusho uMntwana uZulu.
INkosi iyaziphendulela
Ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlangothi ziyaziphendulela, elaboHlanga lithinte iNkosi uZulu yamnika ithuba lokuthi aphawule. “Ngamanga aluhlaza lawo. Noma ngabe sengigula kangakanani ngekhanda angisoze ngidayise ngomhlaba kababamkhulu. Yimi engafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba. Ngaqoka abafowethu ukuba kube yibo abelusa lesi sicelo futhi bayangibikela ngokuqhubekayo. Ngakho uma kukhona okungasahambi kahle ngaso ngabafowethu engabaqoka okuyomele baphendule. Bayanginukubeza abasho lokho. Futhi angifuni nokubazi laba abangiqambela amanga,” kusho iNkosi uZulu.