Now Reading
INkosazana uMkabayi kaJama embusweni kaZulu
Dark Light

INkosazana uMkabayi kaJama embusweni kaZulu

INKOSAZANA uMkabayi kaJama wakwaZulu kwabaningi waziwa njengowesifazane owayenganaluzwelo ngezinqumo zakhe. Kodwa okuhlalukayo ngaye ukuthi ukube wayengekho ngabe namhlanje asikhulumi ngombuso wakwaZulu. Kufanele ngabe amaciko abhala awaqedi imisebenzi yezobuciko ngeNkosazana uMkabayi, ngezinkondlo, imidwebo, imidlalo yeshashalazi enhlobonhlobo ukukhuthaza abesifazane abasakhula, amaculo nokunye okuningi.Lokhu kwenzeka kalula kwezinye izizwe ikakhulu ezaseNtshonalanga lapho amaqhawe namaqhawekazi azo ebekwa phezulu, kungakhathaleki ukuthi ayenasici sini ekuphileni kwawo.

Thina kwaNtu sinesisho esihle esifakazela lokhu “Akukho soka lingenasici” kanti futhi “Akusilima sindlebende kwabo” sibuye sinezezele ngokuthi “Izibi zendlu ziyambelwa”. Muningi umsebenzi osahlalele amaciko ethu ekuqhakambiseni okungokwethu okuyigugu ngathi ukuze singazenyezi phakathi kwezinye izizwe. Amaciko kufanele ngabe yiwo akhanyisa ubhaqa lapho kumnyama khona. INkosazana uMkabayi wazalwa eyiwele kanti ngokwesiko kwakufanele abulawe yena – lokhu okuhlonishiswa ngokuthi kwakumele ‘endiswe’. Ngenxa yozwelo nesihe sikayise iNkosi uJama akazibonanga eba nesandla ekubulaweni kwengane yakhe nokufakazelwa amazwi akhe okumphephisa lapho ethi:

“Emithanjeni yale ngane kunkeneneza igazi lami”. Ngaleyo ndlela iNkosazana uMkabayi wakwazi ukuqhubeka nempilo kanye newele lakhe uMmama. Lokhu kwenza isizwe singasithakaseli nhlobo isenzo seNkosi uJama kwaba nenkonondo enkulu esizweni. Ukukhonanda kukanina wamawele kwafana nosawoti othelwe esilondeni esizweni ngoba bonke babethi lo mkhokha uvulwe yiyo kanye iNkosi uJama ngokusindisa uMkabayi owayesethathwa njengomkhokha esizweni.

Ngenxa yokuthi iNkosazana uMkabayi yona yabe iliqhalaqhala futhi iqinile izikhulumela kunodadewabo uMmama kwenza ukuthi isizwe samaZulu siphume naye iqhubu simzonde kakhulu kunakuqala njengomlethi wosizi esizweni. Isigcwagcwa sakhe samenza waqina kakhulu kunakuqala ngoba azi ukuthi vele akafunwa muntu. Wonke amashwa namashwanguba esizwe athweswa phezu kwamahlombe akhe. Kulokho kuzondwa kwakhe isizwe kodwa iNkosazana uMkabayi yayingakhohliwe ukuba nendlebe ebukhali ekuzweni izikhalo zesiswe sakwaZulu ikakhulu leso sokungabi naye owayezothatha iSihlalo soBukhosi uma iNkosi uJama seyibizelwe kweloyisemkhulu, kwabaphansi.

Lokhu kwamenza waba nempokophelo yokwelapha lesi silonda sesizwe ngokuthi kube nguye osukumayo afunele isizwe iNdlovukukazi eyayingalethela isizwe iNkosana. Nempela emshikashikeni wakhe wazijuba walingisa okwenziwa izinsizwa wahamba wayoshelela uyise intombi yakwaSibiya koSotobe, uMthaniya. Nembala le ntombi yehlulwa ngamazwi kaMkabayi kwazise futhi wayengowaseBukhosini nempela yamqoma uyise kaMkabayi noMmama, iNkosi uJama. Kulokhu kweshela uMmama wayephelezela udadewabo. UMthaniya wagana iNkosi uJama wazibula ngendodana eyaba iNkosana yesizwe. INkosi uJama waqamba iNkosana yakhe ngokuthi uSenzangakhona ebonga ezinganeni zakhe ukuthi nembala “zenzengakhona ukumtholela unina wesizwe” osezibule ngendlalifa eyayikade ilindelwe esizweni naso singasazi ukuthi kumele kwenziwe njani.

Lesi senzo sikaMkabayi saguqula izinhliziyo eziningi esizweni sagcina sesimthanda simhlonipha njengeNkosazana yaso. Lokhu kwaqina kakhulu nalapho iNkosi uJama owayesethathwa njengomuntu wamaphutha esethatha intokazi yeThonga eyafika ivele isizithwele eyifaka esigodlweni njengeNdlovukazi yakhe. Lokhu kwaphinde kwanenga isizwe ngoba nalapho eselulekwa waqinisa ikhanda wathi yena “uzojiyisa enhlameni efike nenkosazana yeThonga”. Nempela ingane yomfana eyazalwa iThonga yabizwa ngoSojiyisa kanti lapho isizwe sabe sinovalo olukhulu ukuthi sesiyobuswa iThonga elalizalwe kuqala kunoSenzangakhona.

INkosazana uMkabayi wazenza mubi esizweni lapho ekukhothameni kweNkosi uJama emangaza sonke isizwe esitshela emehlweni ukuthi nguye owayezobambela umfowabo uSenzangakhona uBukhosi kuze kube uyakhula bese emgudlukela. Lokhu wakwenza ngoba ethi akethembi muntu kanti wesabela impilo kaSenzangakhona kulowo ongambambela ebesezwa isikhundla sifudumele kamnandi bese enqaba ukumdedela kunalokho hleze ambulale. Kwethuka izwe lonke ngalesi senzo sikaMkabayi kanti yena akakugqizanga qakala lokho ngoba yayingekho into emthusayo ngenzondo ngaye. Lokhu isizwe sikaZulu sasithi yinto engakaze yenzeke ngisho nasemlandweni. Kodwa ukububula nokubalisa kwesizwe akusizanga lutho ngenxa yolaka nokuphokophela kweNkosazana uMkabayi. Nempela yaba ibambankosi yaqopha umlando wokuba ngowesifazane wokuqala kwaZulu ukuba iNkosi!

Ukungananazi ngezinqumo zakhe uMkabayi kwaphinda kwamangaza isizwe lapho ehlomisa impi ihlasela iyobhuqabhuqa umuzi kaSojiyisa owayesecunulwa nawukuthi ubizwa ngokuthi uMandlakazi. Lokhu kwathusa isizwe sambiza ngomuntu owomele igazi ngesenzo sakho. Ngakolunye uhlangothi yena okwakusemqoka kuye ukuvikelwa kombuso kaZulu nokulandela ulibo oluyilo njalo.

Lapho esekhulile uMntwana uSenzangakhona nembala iNkosazana uMkabayi yehla ngenjabulo esikhundleni isinikezela kumnewabo. Ngeshwa iNkosi uSenzangakhona akazange abuse isikhathi eside nokwalandelwa ukuthi umbuso uthathwe iLembe iNkosi uShaka, naye awuthatha ngejozi emva kokugudluza umfowabo uSigujana emini libalele. Kwamjabulisa kakhulu nokho ukuthatha kweLembe uMkabayi ngoba kuye wayebona umuntu ofana naye ngesibindi futhi owayekhule enyamanambana njengaye. ILembe yilo elakha umbuso kaZulu wafinyelela esicongweni okwamthokozisa kakhulu uMkabayi.

Yize kunjalo kodwa iNkosazana uMkabayi kayizange inanaze ukwesekela umbono wabaNtwana uDingane noMhlangana besizwa uMbopha ekugudluzweni kweLembe ngoba belisola ngonya nesihluku esizweni. Leli tulo lalingeke liphumelele ngaphandle kokuvundiswa iNkosazana uMkabayi. Nguye futhi uMkabayi owahlelela uDingane icebo lokugudluza uMhlangana nelaba ukuminziswa emfuleni kukaMhlangana. Lokhu kwenzeka ngesikhathi sekufanele kukhethwe ukuthi ngubani ozothatha phakathi kukaDingane noMhlangana. INkosazana uMkabayi yathi abaNtwana ake baye kogeza emfuleni kanti usebophe ifindo nezinceku ukuthi zifike zicindezele uMhlangana emanzini aze afe. Kwathi uma sekulethwa umbiko kulindwe abaNtwana ukuba babuye kwasukuma yena kuqala uMkabayi wathi abaphansi sebeyiqokile iNkosi ezobusa.

INkosazana uMkabayi ayizange igane ngoba yayithi owayo umendo ukubhekela umbuso wakwaZulu nokubonga isipho sempilo asiphiwa uyise uJama ngalokho wasezibophezela ekusebenzeleni isizwe kunokuya kogana. Kwala noma izesheli ngisho ezingaMakhosi zifika ziphindelela kuye kodwa wathi; “ucu alulingani” kanti kuye abukho ubuhle obudlula izintaba zakwaZulu. Waphila isikhathi eside waze wendiswa iNgonyama uMpande owamthuthela ebaQulusini ngoba emsaba uma eseduze kwakhe. Esezohamba emhlabeni uMkabayi wakuveza ukuthu iNgonyama uMpande yenza ubuhlakani ngokumendisa ebaQulusini siqedela umsebenzi okwakumele wenziwe nguyise uJama.

See Also

INkosazana uMkabayi waqatha enkulu indima emlandweni wokwakhiwa kombuso kaZulu etshengisa amandla angaphezulu kwalawo abhekwe kowesifazane ngokwesiko, ebeka futhi eba nesandla ekugudluzweni kwaMakhosi angasawadingi. Igalelo lakhe nanamuhla lisahlonishwa esizweni samaNguni kanti watshengisa indlela yokuthi nabesifazane bayakwazi ukuzimela futhi batshengise amandla amakhulu. Walishiya leli enesizungu eyedwa ebaQulusini kanti esizweni samaZulu namanje kusenexhwala ngeqhaza alibamba ekugudluzweni kweSilo sakwaDukuza, iNkosi uShaka.

INkosazana uMkabayi ingomunye besifazane ababalulekile kuleli ikakhulu njengoba kugujwa inyanga yabesifazane futhi kunomoya ovunguzayo othi kungathi leli lizwe selikulungele ukuphathwa ngowesifazane njengoba kwenza iNkosazana uMkabayi. Yingakho-ke namuhla kwezobuciko sibungaza:
USoqili!
Iqili lakwaHoshoza
Elidl’umuntu limyenga ngendaba;
Lidl’uBhedu ngasezinyangeni,
Ladl’uMkhongoyiyana ngasemaNgadini,
Ladl’ uBheje ngasezanuseni.

UBhuku lukaMenzi,
Olubamb’abantu lwabenela;
Ngibone ngoNohela kaMlilo, umlil’ ovuth’intaba zonke,
Ngoba lumbambe wanyamalala.

Inkom’ekhal’ eSangoyana,
Yakhal’ umlomo wayo wabhoboz’izulu,
Iye yezwiwa nguGwabalanda
Ezalwa nguNdaba wakwaKhumalo.
Intomb’ ethombe yom’umlomo.
Zaze zayihlab’imithanti zawonina.
Umthobela bantu izinyoni,
Bayazibamba usezibuka ngamehlo.

UVula bangene ngawo onk’amasango,
Abanikazimuzi bangene ngezintuba.
UMcindela kaNobiya,
UMhlathuz’ uzawugcwal’ emini.
Imbibakazan’ eyaqamb imigqa kwaMalandela,
Yathi ngabakwaMalandela,
Ithi yikhona bezoqananaza ngazo zonk’izindlela.

Scroll To Top