Indala inkulumompikiswano ngabelungu ku-ANC



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Lena yingxenye yesitatimenmde sangomhla zili-17 kuZibandlela ngowe-1949 (Programme of Action: Statement of Policy adopted at the ANC Annual Confrence). Nxa kucutshungulwa kabanzi lezi zinkulumo kukhona ukuvumelana ukuthi umongo womzabalazo waboHlanga kuleli wawungewona owokuletha idemokhrasi. Umongo walo mzabalazo kwakuwukulwela umhlaba (inkululeko) owawuthathwe ngosidlame bamadlagusha okwalandelwa wukwakhiwa kombuso wamaKoloni owaholwa ngamaNgisi namaKoloni ezikhathini ezehlukene. Lokhu kukhuluma sikuzwa ngisho eziqubulweni zamaqembu okuqala ombangazwe kuleli. Isiqubulo se-African National Congress (ANC) esithi ‘Mayibuye i-Afrika’ kanye naleso sePan Africanist Congress (PAC) esithi ‘Izwe Lethu’ ngezinye ezifakazela lokhu.
Kulezi ziqubulo kwakungekho ukungabaza ukuthi ngubani lo okuthiwa akabuyise umhlaba (i-Afrika). Kumqoka ukuqonda ukuthi ngokufuna inhlabathi (umhlaba) yabo, aboHlanga babengakhulumi ngenxenye eyodwa okuwukulima kepha babekhuluma ngayo yonke ingcebo etholakala kuwo, okubandakanya nezimbiwa. Okunye okwakunganyanyalatwa kukho wukuthi ngubani lona othathe umhlaba nocindezele aboHlanga. Encwadini eyabhalwa ngulowo owayengumholi nowayeyingxenye yokubunjwa kweCongress Youth League (namuhla osekuthiwa yi-ANCYL), U-Ashby Solomzi Mda owaziwa emlandweni njengo-AP Mda eyibhalela uMnu uGodfrey Mokgonane Pitje mhla zingama-24 kuNcwaba ngowe-1948 wakuveza kwaba sobala lokho okwakuwumbono kaVukayibambe uthi: “AbaMnyama bawuhlanga olunqotshiwe, ukucindezelwa kwabo kuwukucindezelwa ngokobuhlanga, ngamanye amazwi, abacindezelwe ngokwezinga labo. Bacindezelwe ngokwebala labo njengabohlanga oluthile – ngokuqoqeka kwabo – ngokobuzwe. Ngamanye amazwi, bahlukumezeka ngokwesizwe.”
Le nkulumo yabe iwumbono olandelwa ngabaningi ngaleso sikhathi kuvukayibambe njengoba kwakukhona ukuvumelana ukuthi isithiyo enkululekweni yaboHlanga ngabelungu. Lokhu kwadala ukuthi abantu abafana nomholi wokuqala we-ANC Youth League kusuka ngonyaka we-1944 kuya kowe-1947, uMnu u-Anton Muziwakhe Lembede bangananazi ekuchitheni ubuholi babelungu emzabalazweni waboHlanga. Embhalweni wakhe owashicilelwa yiNkundla Yabantu ngoNhlaba we-1946, uLembede uthi: “Umholi wama-Afrika uzoqhamuka okhalo lwabo. Akukho sifikanamthwalo esingaba ngumholi weqiniso nowuyena yena wama-Afrika ngoba akukho sifikanamthwalo esingahumusha ngokweqiniso nangokuyikho ugqozi lwama-Afrika olungolwama-Afrika kuphela. Ezinye izifikanamthwalo okungaba ngezase-Asia noma zase-Europe ezizenza abaholi abangama-Afrika kufanele badicilwe futhi bachithwe.”
Lo mbono wabaholi bakaKhongolose ukuveza ngokusobala ukuthi le nkulmo ekhona mayelana nobugovu kwabathize kubelungu ngomnotho nokuqhoqhobala amandla akuyona into entsha. Okwenzekayo wukuvuka kwenkulumompikiswano endala eyaze yadala ukungezwani ngaphakathi enhlanganweni. Yize le nkulumompikiswano ike “yeluswa” ngabaholi bale nhlangano kubukeka njengoba kwakunjalo ngeminyaka ye-1940 umlando usuyaziphinda.
– Lolu chungechunge luyaqhubeka ngesonto elizayo.