Siya ngokuba sibi isithombe esesidwetshwe ngoMsholozi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Amaqembu aphikisayo nabathile kwabezindaba baphumelele ukutshala okuthile ngoMengameli wezwe nomholi ka-ANC
Ngokwemibiko kubukeka imithombo yezindaba , abahlaziyi kanye namaqembu aphikisayo bekwazile ukwakha isithombe esithile ngoZuma; okuyisithombe somholi onomgolo, oliqola nongabahloniphi abantu baseNingizimu Afrika kanye noMthethosisekelo. Lesi sithombe esidwetshwe siphindwaphindwa njalo kwabezindaba njengoba sekukhona namaphephandaba asephila ngakho ukunisela lokhu kubafundi nasezakhamuzini zakuleli nezomhlaba.
- Igama liyamlandela
Elinye lamagama kaMengameli uZuma nguMhlanganyelwa. Noma ingekho incazelo eqondile ngalo kepha libukeka seliphenduke isiphrofetho njengoba esehujwa nhlangothi zonke. Okufike kubukeke kuyinkinga wukuthi akuwona aphikisayo wodwa agadla kuZuma kepha nakwabo imbala kuKhongolose ziyambovula. Ebhukwini lakhe iThe People’s War, alethule kamuva nje lowo owayenguNgqongqoshe Wezokuphepha kanye nomeluleki wakhe uZuma, uMnu uCharles Nqakula ushiya angalazi kokaMatomela (abakwaZuma).
“Bonke abantu kufanele babone futhi bakholwe wukuthi umengameli omusha ka-ANC unakho konke okudingekayo ukuba ahole izwe emvakokhetho lwangowezi-2019. Ngalokho-ke kufanele uZuma asule masinya kwesokwengamela izwe emva kokuba i-ANC isikhethe abaholi bayo,” kusho uNqakula ebhukwini lakhe. Akagcini lapho ngoba uyagadla nakulabo abahola noMsholozi, okuyiSigungu Esiphezulu seqembu.
“Ukaputeni namatilosi omkhumbi we-ANC akazi ukuthi kufanele awushayele kanjani lo mkhumbi ungangqubuzi idwalaqhwa endlenei yawo. Abakwazi ukuhlukana nenkohlakalo ezikhundleni abakuzo zombutho, futhi abakwazi ukubhekana nobubi osekudale uqhekeko. Sebehlukaniswe ukwenza okungalungile osekucishe kube yingxenye yabo yokuphila kuwo wonke amazinga obuholi. Inkinga yabo [abaholi abakhona manje] ukungakwazi ukuqeda ububi nokuxosha abenzi bobubi,” kubhala uNqakula.
Lokhu kukhuluma kukaNqakula kulandela lokho okwashiwo yiKomiti Lomakadebona baleli qembu nabo abasho okufanayo, ukuthi ubuholi bukaZuma buntekenteke, akunambono futhi bunuka phu umsanka wenkohlakalo. Amaqembu aphikisayo wona ahlomula kakhulu ngalesi sithombe esingoZuma ngoba akasazihluphi ngokuqhamuka nezinhlelo zawo kepha asede efudumeza, egadla kulokhu akubiza ngezigemegeme zikaMsholozi.
Kwabezindaba khona zimbiwe yinsele njengoba kwavela osekubizwa ngeposizincwadi (emails) kwakwaGupta. Le mibhalo iveza ukuxhumana kwalo mndeni nabathile kuHulumeni nokuhunyushwa ngokuthi kuwubufakazi benkohlakalo kanjalo nokuthi umndeni wakwaGupta kawugcinanga nje ngokubamba abaholi ngamakhwahla kepha nezwe imbala. Konke lokhu (isithombe esikhona) kuthiwa kungenxa kaMsholozi. Umkhankaso lapho izakhamuzi zakuleli zagcwala umgqwaqo zithi uMsholozi akehle esikhundleni waba yikho ukuqhubeka kokubazwa kwesithombe somholi oseliqaqa ezweni neva okumele libangulwe.
Sekungathi kuyizolo lapho uMsholozi ayelinoni kuwo wonke umuntu ethathwa njengomholi ozoqinisekisa ukuthi uHulumeni neqembu lakhe liya kubantu. Okwenzekalayo akuthusi ngoba kulabo abaqonda kabanzi ngepolitiki kukhona ukuvumelana ukuthi kupolitiki okumqoka akukhona okuliqinisi kepha okuyingozi kakhulu wumcabangokubuka okuyiwo ogcina usuyisithombe esisala emqondweni wabantu, okwamanje isithombe ngoMsholozi asisihle futhi kusemandleni akhe neqembu lakhe ukuba basidwebe kabusha.