Isingaqhuma noma yinini intabamlilo eKorea


Ngenhloso iNorth Korea ifaka ingcindezi kepha kukhona abathi singahle sibuye nomkhwezeli
Sekuyakhula ukukhathazeka kubaholi bamazwe mayelana nalokho okuqhubeka eKorea Peninsula. Lokhu kudalwa wukuzazelana kwezitha ezindala okuyiNorth Korea neSouth Korea. La mazwe azakhamuzi zawo zizelanayo ehlukaniswe yizinkolelo zepolitiki. Elasenyakatho (North Korea) leseka izimfundiso zikaKarl Marx noFriedrich Engels ethi, umnotho akuwona owomqashi kepha ungowabasebenzi. Iningizimu (South Korea) yona yeseka imibono ka-Adam Smith ethi kubamba ezingelayo, umnotho awuhlomulise umqashi kuqala umsebenzi athole okusalayo. Ukwehlukana kwale mibono kwaholela empini eyathatha iminyaka emithathu phakathi kowe-1950 kuya kowe-1953. Isixazululo se-United Nations Security Council kwaba ngukuthi izwe elabe lihlangene lehlukaniswe phakathi, kube khona iNorth kanye neSouth Korea.
Ubutha bala mazwe ayizikhondlakhondla aba magwala babili, kukhona abeseka iNorth Korea nalawo eseka iSouth Korea. I-United State of America (USA) ayikufihli ukuthi yona iyofa lapho kufa khona iSouth Korea nokuyisinqumo esincike kakhulu kwezomnotho. Kanjalo nezwe elabe laziwa ngeSoviet Union manje eselibizwa ngeRussia lasho okufanayo ngeNorth Koera. Lokhu kwesekwa yizikhondlakhondla kuhle kubi. Kuhle ekutheni kwenza la mazwe womabili angadudulani kepha kubi ngoba izikhondlakhondla lezi zibukeka zikuthokozela ukuba khona kwenkinga ngoba lokho kuvuna ezomotho wamazwe azo. Kubo ukuqhubeka kwalesi simo ziyokusukumela kakhulu nxa kuthinta ukuphepha nezomnotho emazweni abo.
Ukufadalala kweSoviet Union kwenza iNorth Korea ingabe isaba naye umlingani wezempi nomnotho. Lokho kwalandelwa wunswinyo lwaleli lizwe nokwabe kuhlose ukuba yehlele ngezansi phakathi kokunye iyeke uhlelo lokukhiqiza izikhali zenuzi. Unswinyo lwenza inhlalo yaba nzima eNorth Korea kwathi ngakolunye uhlangothi iSouth Korea yona yazithola inakekelwa nxa zonke, kwezomnotho nakwezempi. Kuyimanje isithombe sala mazwe womabili angomakhelwane kasifani, elaseNorth Korea lisemuva le nxa kufika kwezomnotho nobuchwepheshe kuthi iSouth Korea yona ibe nabo bonke ubuxhakaxhaka besimanje.
Ukucija kwemikhonto
Ukhetho lwase-USA lubukeka luyimbangela yezigameko zakamuva lapho iNorth Korea ivuka khona umbhejazana ithumela imikhonto yomlilo igagazisa omakhelwane. Umholi waseNorth Korea uKim Jong-un akakufihli ukuthi ufuna bagezelane neSouth Korea kanye nabalingani bayo. Lo mholi njengoba egqabula amaketango nje, abaholi bamazwe amesekayo kwezomnotho okuyiRussia neChina bathule, yize kukhona abakwenzayo buthule ukuqinisekisa ukuthi imikhonto kayiciji kuze kufikwe lapho impi ingeke isagwemeka khona. Akuyona nemfihlo ukuthi la mazwe okuyiRussia neChina bathule ngamabomu ngoba bazi kahle ukuthi lolu daba luzophelela ku-UN Security Council nayilapho i-USA ebukeka izithwele kulezi zinsuku kuyophoqeleka ukuba yedlule ngakubo izocela ukwesekwa uma sekunesiphakamiso ngeNorth Korea. Okwenzeke emasontweni edlule lapho i-USA ihlasele khona ngebhomu elikhulu kunawo wonke emhlabeni iGBU-43/B Massive Ordinance Air Blast (MOAB) izihonga ze-ISL kwenza ziqine izinsolo zokuthi leli lizwe lingase linengwe bese ligadla eNorth Korea nokuyinto engaguqula umdlalo kupolitiki yamazwe ngamazwe. Ukugadla kwe-USA kungafaka amazwe angaphansi kweNato angabalimgani ne-USA ingcindezi yokuthi nawo athathe ezawo. Lokhu kuke kwenzeka empini eyabe ine-Iraq lapho ukungena kwe-USA kwadonsa namazwe angaphansi kweNato.
Umholi waseNorth Korea akasona isithutha, uyazi ukuthi uma efika i-USA empini lokho kuyoba nomthelela kupolitiki yangaphakathi e-USA. UMengameli wase-USA uMnu uTrump uyophoqeleka ukuba abhekane nabantu angaxabene nabo okuyiRussia neChina nokuyinto ayigwemayo eSyria lapho amaRussia emi ngasohlangothini lukaHulumeni waseSyria kanti i-USA yona yeseka amavukelambuso. Lokhu uTrump uzama ukuziqhelelanisa nakho nagxeka owayenguMenagmeli u-Obama ngokugaxelisa i-USA. Nokho umlando uyakuveza ukuthi bayingozi omengameli base-USA uma bengaphansi kwengcindezi. Lokhu kwavela kwacaca ngesikhathi owayenguMengameli uClinton ayikhomba eSomali eyamaMelikana, wafika umfo kaBush naye wayihlohla e-Iraq ukuba ethumela umbutho wezempi ukuba uyosoconga uSadam Hussein, emva kokusolwa ngokuthi akanalo iqhinga lokugwema ukuhlaselwa njengoba kwenzeka ngowezi-2001 behlaselwa yi-Al Qaida ka-Osama Bin Laden. No-Obama naye akasalanga ngaphandle ngoba uyiphakile wayikhomba eSyria. Osekulindiwe manje izimpi zikaTrump okubukeka sengathi iNorth Korea ne-Iran iyinoni kuye okwamanje ngakho eNorth Korea isikhuni singahle sibuye nomkhwezeli kungekudala. Ngakolunye uhlangothi umholi waseNorth Korea ugembulela ukuthi amazwe omhlaba alihloniphe izwe lakhe aye etafuleni nayilapho unswinyo lungahle luqedwe khona.
- UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN.