Aphelile agambaqa
Indlovu iginge uKhongolose kwabhimba ipolitiki eMkhandlwini omkhulu uMzinyathi
Kuthathe amahora ambalwa ukuba amathemba abalandeli be-African National Congress (ANC) ashabalale. Ubuso bamalungu ale nhlangano abekade ehlalele ukubalwa kwemiphumela ezindaweni ezahlukene bebungebuhle butshengisa ukumangala ngalokho okwenzeke phambi kwamehlo abo. Kushaye ihora lokuqala ekuseni ngoLwesine (izolo) sezisabalala izindaba zokuthi Indlovu, Inkatha Freedom Party (IFP), iginge i-ANC okhethweni. Yize umlando wokhetho olwedlule ubutshengisa umqansa uKhongolose abebhekene nawo, ukwenzeka kwezinto kula masonto edlule kubukeka kuyinike ithemba le nhlangano nebineqholo lokuthi izonqoba. ElaboHlanga ngesonto eledlule lishicilele ngesithombe esingavamile lapho indawo yaseNquthu iphenduke khona inoni, kuthutheleka wonke umuntu kusuka kubaholi bamaqembu akhankasayo, izisebenzi zikaHulumeni kuya kwabezindaba. Abantu baseNquthu kusuka emalungwini ezinhlangano, izinhlaka zoBukhosi nomphakathi ube nesikhathi esingandele bani lapho cishe bonke abaholi bamaqembu angenele ukhetho nasePhalamende bazifikele bona mathupha.
Esikhathini esifushane nje kufike uMengameli neSekela Mengameli kwaze kwatheleka noSomlomo wePhalamende. Konke lokhu bekudweba isithombe sobumqoka balolu khetho. Wonke amaphupho aphele lapho sekuvela emuva kwezibalo ukuthi iNkatha isidle umhlanganiso ngokuthi ithathe izigceme ezili-14 kwezili-17 ebezibangwa. Ibe isilandelwa yi-ANC ngezi-3. Le miphumela iguqule yonke ipolitiki yendawo yaguqula nempilo yabathile. Ngonyaka owedlule ngoNcwaba i-IFP yayithole izigceme ezili-10 njengoba kuleli sonto esikhathini nje esingaphansi konyaka seyengeze ngezine. Lokhu kungabukeka kungatheni kepha umphumela wakho usho ukuthi njengoba kukhona abazuze umsebenzi nje ku-IFP kuKhongolose kukhona asebelahlekelwe. Iqiniso lobunzima bemiphumela bekubonakala nakulabo abekade bengenele ukhetho, ekuqaleni abebephumelele nokuse izolo sebelahlekelwe yikho konke.
Le miphumela ijike nezinto eMkhandlwini omkhulu uMzinyathi neyakhelwe nayiNquthu. Ngokhetho lonyaka owedlule Inkatha ibinezihlalo ezili-15, uKhongolose unezili-14. Namuhla i-IFP inezihlalo ezili-19 kuthi uKhongolose ube nezili-11. Nalapha kukhona abalahlekelwe yikho konke. Umbuzo osale kwabaningi yilowo othi bekumele yini kuze kufike lapha? ElaboHlanga likhulume nomunye wabaholi be-ANC endaweni, nothe le miphumela mibi ngoba ingase idale ukuklwebhana ngaphakathi.
“Iqiniso lithi kusamele siphendule umbuzo wokuthi bekukhona yini indlela ebesingenza kangcono ngayo. Uzophendula uthini kubantu abazothi ngenxa yalolu khetho sebelahlekelwe yilokhu abebenakho? Abanye bese beyeke eminye imisebenzi ngoba phela bavotelwa ngonyaka owedlule, namuhla kabanalutho. Kubo lena yinhlekelele,” kuphetha lo mholi ocele ukuba angadalulwa ngoba ekhulume engagunyaziwe.
Kanti okunye okubukeka kusazovusa upelepele ogqokweni, okokuqala yizinsolo zokuthi ukuqinisekisa ukuthi uKhongolose udla umhlanganiso kuphakwe cishe yonke iminyango kaHulumeni ukuba iyokanisa eNquthu. Ekhuluma nelaboHlanga ngesonto eledlule uSihlalo WeNdlu Yobuholi boMdabu esifundazweni uMzinyathi iNkosi yesizwe, uMbhekiseni Mazibuko wathi, lapho emangazwa wukusondela kukaHulumeni ngesikhathi sokukhankasa. “Esikubone manje kusivule amehlo ngokusebenza kukaHulumeni. Izinto besizicela manje ziphenduleke ngokukhulu ukushesha. ONgqongqoshe nabaholi bezinhlaka ezahlukene bebezifikela mathupha emphakathini bezolalela izinkinga zawo. Njengobuholi boMdabu sivuleke amehlo sabona ukuthi ukube namakhansela asebenza ngale ndlela esiyibone yenziwa uHulumeni eNquthu, ngabe izinkinga koMasipala azikho. Ngikusho lokhu ngoba oNgqongqoshe bebehlale benemibuthano nomphakathi ezindaweni ezahlukene bekhombisa ukukhuthala nokukhathalela abantu,” kusho iNkosi uMazibuko.
Kanti ngalezi zinsolo uGwala wathi kwelaboHlanga ngeledlule, “Ngokufuna uMasipala iNquthu benzela ukuthola amavoti amaningi ukuze bakwazi ukuthatha uMasipala omkhulukazi uMzinyathi. Kafushane nje balobizela uMzinyathi ukuze bakwazi ukwemboza inkohlakalo yabo abayenze khona okubalwa ukusetshenziswa budlabha imali eyizigidi ezingama-R40 okuyiMunicipal Infrastructure Grant (MIG). Bafuna futhi nokuqhubeka nokuqhoqhobala ithenda yamanzi ebiza izigidi ezingama-R90,” kusho uGwala. Waphetha ngokufunga ethi, uma sinqoba uMzinyathi sizofike sijube uphenyo ngobekwenzeka okubalwa nokukhishwa kwale thenda yamanzi. Kumanje abaholi be-ANC basemkhankasweni obizwa nge-Operation Mbozihlazo.
UNkk uMaSimelane Zulu owayemele i-ANC wathi, “Odabeni lwezinsolo zenkohlakalo kade samcela uGwala ukuba eze nobufakazi ukuze ziphenywe. Ngisho noNdunankulu wesifundazwe kade amcela uMphephethe ukuba alethe ubufakazi ngemuva kokulokhu ephindaphinda lezi zinkulumo ngisho nasemsakazweni, kodwa kuze kube manje akakaze eze nobufakazi. Esingakakusho kule nto yakhe ukuthi lezi zinsolo azinasisekelo,” kuphetha yena.
Ngokubona kwabahlaziyi
Abahlaziyi bezombusazwe balubuke ngenye indlela lolu khetho lwaseNquthu njengoba bethe luveze obala ukuthi izinkinga ezikhungethe uKhongolose seziyezwela ngisho kubantu abasemazingeni aphansi yikho imiphumela yaseNquthu iyiphikile i-ANC. UMnu uProtas Madlala uthe lokhu okwenzeke ku-ANC akwehlukene nokuthi ibe yindoda enakho konke kodwa evele yashawa umfana ozelusela izinkomo.
“Angikusho lokhu ngoba ngibukela phansi i-IFP kodwa iqiniso lithi leli qembu belingenazo izinsiza ezanele zokukhankasa kodwa ubulibona nomholi walo lizama ukunxenxa abantu. Ngakolunye uhlangothi uKhongolose ubephethe konke ongakucabanga ukunxenxa abantu. Bebenazo zonke izinsiza ezisezingeni kodwa behluleke khona kunjalo. Mina ngiyibo bengizoqala ukuzisika insumpa. Bengingaphatheka kabi kakhulu ngalesi simo ngoba sisho lukhulu. Okunye le nto ebihlale ishiwo uMengameli uJacob Zuma yokuthi abantu abakhononda ngezinkinga ezikuKhongolose izifundiswa kuphela, sekuyacaca ukuthi ayikho ngoba nakhu abantu baseNquthu abasemazingeni aphansi bayivezile imizwa yabo ngevoti babathela ngehlazo,” kusho uMadlala.
USolwazi uSomadoda Fikeni uthe uqhekeko olukhungethe i-ANC nezinkinga ezihlale zibikwa ngayo noMengameli wakhona, sekuyacaca ukuthi seziyabacasula nabantu abasemazingeni aphansi. “Uma ubheka imiphumela yaseNquthu ikubeka kucace ukuthi bakhathele izinto ezimbi abazibona ku-ANC. Ukwenza isibonelo le nto yomndeni wakwaGupta, udaba lwaseNkandla, ukungezwani okukhona phakathi kukaMnu uSihle Zikalala noMnu uSenzo Mchunu nokuqhela kwabantu kuZuma abafana noDkt uZweli Mkhize noMnu uBheki Cele abantu bayakubona. Okunye ukuthi abantu abasayingeni indaba yokunxenxwa ngokudla yikho ubonile eNquthu bevele bavotela elinye iqembu. Akugcini lapho kodwa sebeyabona abantu baKwaZulu-Natal ukuthi lo muntu ababemeseka okunguZuma akukho abenzele khona ngaphandle kokuzwa ngezinkinga zakhe, yikho abanye ubona sebebuyela emaqenjini abo,” kusho uFikeni.
Abaholi bayaphawula
ElaboHlanga libe selikhuluma nabanye babaholi bamaqembu abengenele ukhetho nokube nokuphawula okwehlukene. USihlalo we-IFP, uMnu uBlessed Gwala uthe babonga uNkulunkulu ngokubanika ithuba lokuphatha iNquthu. “Lokhu kusikhumbuze indoda yaseBhayibhelini okunguGoliyathi eyayisatshwa kodwa eyavele yashaywa yahlikizwa umfana omncane okwakunguDavide. Okunye esikuqaphele ukuthi lolu khetho belungenasidingo kodwa kube uMhlonishwa uNomusa uMaDube Ncube noKhongolose abebefuna ukucekela phansi i-IFP. Nokho abantu baseNquthu siyababonga ngoba bavele bebehamba beya emicimbini kaHulumeni beyolalela ilumbo abebetshelwa lona bese bezidlela ukudla bagibele lawo mabhasi amahhala bazibuyelele emakhaya kodwa bebazi ukuthi ekugcineni bazovotela i-IFP,” kusho uGwala.
Uthe bayazi ukuthi manje izindlela ezibheke eNquthu koNgqongqoshe ziphelile kunalokho abasophinde babonwe ngoba sebezothuthela eJozini ngenxa yokuthi nakhona kuzoba nokhetho.
USihlalo we-NFP uMnu uVikizitha Mlotshwa uvele wazikhalela wathi nakuba beyamukela imiphumela kodwa babonile ukuthi bahlulwe ngoba benesigcwagcwa abasifakelwe ukuzimatanisa ne-ANC.
“Ngisho abantu bebesitshela ukuthi angeke basivotele ngoba sizothatha ivoti silinikeze uKhongolose. Abanye bebeze basibuze nokuthi ngabe thina siyiqembu eliphikisayo yini noma siyingxenye ye-ANC. Ngakho kucace bha ukuthi i-ANC ayifunwa nokudale ukuthi thina sithelwe amachaphazelo. Okunye ukuthi nathi eqenjini kunokudideka ngoba abanye abaholi bethu bebethi uZuma bafuna ahlale esikhundleni abanye bethi akaphume. Awucabange ukuthi lokhu bekufika kanjani kubantu ekubeni uZuma engasafunwa ngisho iCosatu noSACP noSadtu abangaphakathi ku-ANC, thina besiyini-ke sesithi uZuma akahlale. Elinye iphutha esalenza yileli lokuthi sisebenzisane noKhongolose ekubeni singabatshelanga abantu emazingeni aphansi yikho kunje kanti ngapha ubuye uzwe kuthiwa abaholi bahlakaziwe yikho ubungaboni muntu we-ANC ongumholi ekhankasa eNquthu,” kusho uMlotshwa.
UMholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango uthe bayijabulele kakhulu imiphumela futhi bancoma abantu baseNquthu ngokuvota ngaphandle kodlame. “Nokho sinomyalezo ku-IFP wokuthi ithuba labo lokugcina leli bephethe iNquthu ngoba uma behlulekile ukuyithuthukisa ngowezi-2021 izohamba. Ngikusho lokhu ngoba leya ndawo igcwele ububha obuyisimanga. Ngisho izitolo nezindawo zokulala azikho. Uma ufuna ukudla noma ukulala kufanele uye eDundee noma eVryheid. Lokhu kwenze iNquthu ayangahlomula lutho ngomnotho yize bonke abantu bebegcwele khona. Ngakho i-IFP ayisukume isebenzele abantu bakhona kube nentuthuko ebonakalayo. I-IFP ike yaphatha eNquthu kodwa kuyathusa ukuthi ayikho into ebonakalayo eyayenza ngakho ithuba labo okumele balisebenzise leli.” kusho uMncwango.
Uqhube wathi nakuba abaholi be-ANC bebefika nsuku zaphuma bephathele abantu baseNquthu izijumbane zokudla kodwa bakhombise ubuhlakani ngokuthi bangavoti ngokwezijumbana kunalokho basebenzise onembeza babo. UMncwango uthe, lokhu okwenzeke eNquthu kungumkhombandlela wesimo esizayo sangowezi-2019 lapho bona bezolithatha izwe ngokubambisana bengamaqembu aphikisayo. Umkhulumeli we-ANC uMnu uMdumseni Ntuli uthe akukho abakhala ngakho yize kube nezigameko ezithile zokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabantu be-ANC nabe-IFP. “NjengoKhongolose siyayibongela i-IFP ngezinhliziyo zethu ezimhlophe ngokuphumelela kwabo ukhetho ngokungangabazisi.” Khona lapho uNtuli utuse inhlangano ebiyengamele ukhetho ngokuluphatha ngobunono nangempumelelo.