Amaqembu amakhulu angahlomula kuKe Yona – Zondo
UMQEQESHI osezakhele udumo kunobhutshuzwayo uKhabo Zondo, oseke wayibamba kuLamontville Golden Arrows nakuTembisa Classic, uthi amaqembu akuleli angazuza lukhulu uma engaba yingxenye ngesikhathi ithimba labaqeqeshi bethungatha abadlali ngaphansi kweNedbank Ke Yona Team Search. Ukusho lokhu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi lapho kade kukhethwa khona abadlali abazomela iKeYona Team.
Inhloso yalo mkhankaso ukuthi kwakhiwe iqembu labadlali abali-18 kuleli abazobhekana neqembu elinqobe iNedbank Cup, lokho akusho ukuthi kumele kubhekwe labo abali-18 kuphela kepha bakhona abasuke benza ezibukwayo kepha bangafinyelela esigabeni sokugcina. IKe Yona Team Search esungulwe ngowezi-2013 isikhiqize abadlali abali-15 ikhiqizela amaqembu aseligini enkulu kuleli i-Absa Premiership kanye neligi esigabeni sesibili iNational First Division (NFD).
Abadlali okuyibo abasagqamile kusukela bathathwa amaqembu amakhulu singabala uMaphosa Aubrey Modiba odlala ngasesandleni sobunxele kuSupersport United ezodlala umdlalo wamanqamu ne-Orlando Pirates kuNedbank Cup. Lo mdlali nyakenye ubemele elakuleli labangaphansi kweminyaka engama-23 kuma-Olympics abebanjelwe eBrazil kanti u-Owen Da Gama uke wambiza kuBafana Bafana. Kanti omunye umdlali u-Ian Chikowa oyibamba kuPretoria University kuNFD.
Omunye unozinti ovimba kuKaizer Chiefs uLuthando Sixhaso othathwe ngowezi-2014 kanye noModiba yize engakaze avimbe eqenjini elikhulu kepha usahlali ebhentshini lAbafana BasePhefeni, njengoba kunzima ukuthatha ijezi kunozinti waleli qembu u-Itumeng Khune ongunozinti ohamba phambili kuleli. UZondo ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Amaqembu akuleli amancane okanye amakhulu kumele avele ezinkundleni lapho kusuke kukhethwa khona abadlali abazomela iKe Yona Team Search, okwenza lokho ukuthi kunentsha enamakhono ahlukahlukene kepha awaveli,” kubeka uZondo.
Uqhube wathi: “Okujabulisayo ukuthi lo mqhudelwano usuhlunga kubadlali abangaphansi kweminyaka engama-23 lokho kuchaza ukuthi amaqembu angamthatha umdlali oneminyaka engaphansi kweli-17 kuyaphezulu amkhuliswe wona.” Kanti omunye ofakazele lokhu uMike “Sporo” Mangena ongumhlaziyi kuthelevishini iSABC Sports. “Ngiwushayela ihlombe lo mkhankaso uyasiza entsheni efuna amaqembu amakhulu, nayibamba esigabeni esiphezulu. Ngokwami amaqembu angazuza lukhulu uma engazibandakanya nalo mkhankaso, baningi abadlali abangaduma ngenxa yalo mkhankhaso,” kubeka uMangena.
Uqhube wathi: “Ngizishaya isifuba ukuthi ngibe nesandla ekuphumeleleni kuka-Aubrey Modida ogijima kuSupersport ngiyakuqinisekisa ukuthi sisazobavundulula abanye abadlali abazokwenza kahle.” Lo mkhankaso wokuthathwa kwabadlali uzogcina eRand Stadium, eGauteng, zili-10 kuNhlangulana nonyaka. Abadlali abazothola ithuba lokuthi badlale neqembu elizonqoba umdlalo wamanqamu phakathi kweSupersport United evikela isicoco kanye ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium mhla zingama-24 kuNhlangulana.
Naba abadlali abathathwe kulolu chungechunge lo mqhudelwano kusukela ngowezi-2013
Abathathwe ngowezi-2013
- uMwenya Chibwe ongunozinti kuPlatinum Stars (PSL).
- uJaphta Merase ongunozinti kuGreen Mamba FC yaseSwaziland edlala kuSwaziland Premier League.
- Kube uKyle Davies oyisitobha ogijima ku-University of Pretoria (kuNFD).
Abathathwe ngowezi-2014
- uMaphosa Aubrey Modiba odlala kuSupersport United (PSL).
- uLuthando Sixhaso ongunozinti kuKaizer Chiefs (PSL).
- uSydney Sinawa Masana ongumgadli weBloemfontein Celtic (Ubolekiswe ku-Umtata Bucks kuNFD).
- uSandile Kubheka oyibamba enkabeni yesisu weRoyal Eagles (kuNFD).
- uKhaya Gwala oyisitobha kanye noTsepo Dladla oyibamba enkabeni yesisu abagijima kuFC Cape Town (kuNFD).
Abathathwe ngowezi-2015
- u-Ian Chikowa ongumgadli ogijima ku-University of Pretoria University (kuNFD).
- uThamsanqa Gwabeni oyisitobha kuPlatinum Stars (kuPSL).
Abathathwe ngowezi-2016
- uBongani Mbuli oyisitobha kuBidvest Wits obolekiswe kuCape Town All Stars (kuNFD).
- uJeremiah Nkwana oyibamba enkabeni yesisu ku-University of Pretoria (kuNFD).
- u-Akhona Manqola oyibamba enkabeni yesisu kanye noThulani Motloung oyisitobha abayibamba kuCape
- Town All Stars kuNFD.