Iyatabuzela indlovu, imikhandlu iya ngokuya iwohloka, yinkombankombane


Izimpi zangaphakathi nokungenelela kobuholi obuphezulu kuthiwa kungase kuphazamise ukusebenza emikhandlwini emibili engaphansi kwe-IFP
Akukapheli nonyaka iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) lithole ukwesekwa emikhandlwini esesifundeni iZululand izinkinga seziyabonakala. Iphephandaba laboHlonga selibhale kakhulu ngalokho okwenzeka kuMasipala wabaQulusi, iZululand kanye noNongoma okuyimikhandlu eholwa yileli qembu. Izinkinga zisuka kosopolitiki ngaphakathi emkhandlwini ezinye zize zikapakele ngaphandle. Kanti nasezisebenzini nakhona akuzinzile.
Umthombo welaboHlanga ongathandanga ukuba udalulwe ngenxa yakho belu ukwesabela ukuqondiswa izigwegwe kwangaphakathi kwazise akanikwanga igunya lokukhuluma nabezindaba ukhale ngakubize “ngemihlangano engapheli nokwehla kwenyukwa”. Elanda ngalokhu uthe: “Cishe njalo ngoMsombuluko siya eThekwini siyoquliswa amacala. Okubuhlungu lawa ngamacala adalwa yithi ngoba abikwa yithi ebuholini. Asikaze sibizwe siyokhuluma ngezinhlelo zentuthuko kuhlale kungamacala nje. Uma kungewona uNongoma kuba ngabaQulusi, ngiyabona neMeya yaseZululand iphunyuka nje ngoba iyiNkosi,” kusho umthombo.
Leli phephandaba selingaqinisekisa izinto ezintathu ngabaQulusi; okokuqala ukuthi kusuka namuhla abaQulusi bazobe bengenayo imeya njengoba uMnu uMartin Mtshali ezokwehla esikhundleni. Okwesibili Ozul’azayithole bangakuqinisekisa ukuthi ebaQulisini kazikho izikhulu eziphezulu kusuka kuMeneja yoMkhandlu, ezikhona zibambile nje. Kanti nakuzo lezi ezibambile kube nokukhala hhayi kuphela ezinhlakeni zaleli qembu kepha nasemaqenjini aphikisayo nalawo abambisene neqembu. Phakathi kwezikhundla ezingenamuntu noma okukhona ababambile kukhona esakwaCommunity Services, esakwaCorporate Services nesakwaTechinical Services. Kanti ngokuthola kweBAYEDE ekupheleni kukaNhlaba isikhundla salowo oyiChief Financial Officer naso sizobe singenamuntu njengoba kuphela inkontileka yalowo okhona manje.
Kuyileso nakwaPlanning njengoba inkontilelka iphela ngoNhlangulana nonyaka. Kwesemeneja, uMkhandlu uphoqeleke ukuba uphinde ukhangise kulandela ukuchithwa kwalowo uMkhandlu owabe usumqashile uDkt uVusi Mthembu owachithwa nguMphathiswa uNomusa uMaDube Ncube. Uhlelo lokuthungatha imeneja entsha seluqalile kanti osabambile nguMnu uDalisu Zulu. Okwesithathu okutholwe ngelaboHlanga wukuthi lo Mkhandlu awunayo imali eyanele njengoba usuphila ngokucaphuna noma ukucela nje kwezinye izinhlelo ukuze ukwazi ukukhokhela izinkampani ezenze umsebenzi kanye nabasebenzi. Kuvele ukuthi muva nje lo Mkhandlu uphoqeleke ukuba uyoshaya indesheni ohlelweni iMunicipal Infrastructure Grant (MIG) ufuna izigidi ezingama-R20 nokho ugcine ubuye nezinhlanu nazo okubukeka kuwumqansa ukuzibuyisa. Esinye sezisebenzi ezisebenza ngaphansi kwalolu hlelo sikuqinisekisile lokhu. Imizamo yokuthola uMnu uZulu ukuba aphawule iphunzile njengoba ucingo lwakhe ubengalubambi.
Iqembu elibambisene ne-IFP ebaQulisini, iDemocratic Alliance (DA) ngomlomo ka-Alta de Kock ike yakhala ngomunye wezisebenzi ezibambile nelimsola ngenkohlakalo. “IDA ithanda ukuphakamisa umbuzo mayelana nokuqashwa kwebamba loMqondisi Wezinsizakalo Zomphakathi (Acting Director of Community Services), uNkk uVeronica Sokhela. Uqashwe kuze kube kuba wumhla zingama-31 kuNhlaba ngowezi-2017. Ubeqashwe uMasipala Ulundi njengoMqondisi Wezokusebenzisana Nezinkampani (Director Coporate Services). NgoZibandlela watholakala enecala emva kophenyo, ngecala lokuhwabanisa izigidi ezi-R3, okwacaciswa abakwaSARS. Waphoqwa ukuba asule emsebenzini emahoreni angama-24.
Embikweni weBAYEDE ngaphansi kwesihloko esithi; Umgogo Ubucushiwe: UMtshali Uphikelele Enkantolo, nowashicilelwa ngenyanga uMasingana 12-19, elaboHlanga lakuveza ukuthi uMtshali wabe enqunyelwe ugwayi katiki yiqembu lakhe elalithi akehle esikhundleni abe yikhansela elejwayelekile. Kulo mbiko kwavela nesandla somholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango owayephakamisa ukuthi uMtshali akachithwe kanjani.
“Awu uMatshinga yize enamaphutha akhe njengathi sonke kepha indlela aphathwe ngayo ayibanga yinhle. Wehliswe wenyuswa, wafakwa ekhoneni ngoba nje kumele kujatshuliswe iDA. Umonakalo ozodalwa yilokhu usazovela ngoba uMtshali simthola nje siyiNkatha wabe enabantu ababemlandela engingakholwa ukuthi okwenzekile kuyabathokozisa,” kusho umthombo.
Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi uMtshali nguye ozicelele usuku lokugcina emsebenzini okungumhla zingama-31 kuNdasa njengoba iqembu lona belithi kashiye ngalo lelo langa, kwazise udaba lwakhe seludonsile. Umthombo osondelene naye uMtshali uthe: “Le nsizwa ngibona sengathi yazicelela ngoba kuyinkinga ukushiya phakathi nenyanga njengoba kwakusho ukuthi kuzoba nenkinga lapha eholweni. Lavuma-ke iqembu kodwa kuleli sonto sizwile ukuthi angase ashaye ungqimphothwe esebenzisa abameli. Yebo angakwenza lokho kodwa kuzomgcinisaphi?” kubuza umthombo.
Likhuluma nalabo abaseka uMtshali nabangathandanga ukuthi amagama abo adalulwe, balibeke ngembaba elokuthi asikho isidingo sokuthi uMtshali esule. “Yini okumele asulele yona, wenzeni? Thina sameseka eseyilungu elizimele ngenxa yemisebenzi yakhe futhi namanje siyameseka. INkatha ake ifunde ukuba namakhwahla ilwele labo abasebenza ngokuzikhandla njengoMtshali,” kusho oweseka uMatshinga.
Uqhube wathi, “Okubi wukuthi izitha zeNkatha zingaphakathi kuyo. Kulolu daba nje lukaMtshali, amaqembu aphikisayo enzelwa wubuholi bethu umsebenzi wokuhlakaza ubunye bethu. Sithi iMeya ayiqhubeke isebenze sizoyeseka ngoba kithi isanyathela kahle,” kuphetha yena.