Imbulambethe ngokuhlolwa kolimi lwesiZulu


SIYIPHEPHANDABA laboHlanga sithi asiphonse esivivaneni ekuhlolweni kwabafundi bebanga leshumi nambili (Grade-12), ikakhulukazi isifundo solimi lwesiZulu. Isifundazwe saKwaZulu-Natal siyisifundazwe esilimi lwaso kuyisiZulu. Kanjalo nasekuhlolweni kwabafundi baleli banga isifundo sesiZulu sisemqoka kunazo zonke ezinye izifundo ezenziwa kuleli banga, njengoba sifundwa njengoLimi Lwasekhaya.
Ukuphumelela ngamalengiso kulesi sifundo kwelekelela ekwandiseni amathuba okuthi nezinye izifundo zisimame. Ubumqoka bolimi lwasekhaya akukhona okwesiZulu kuphela. Kanjalo nabafunda isiNgisi uLimi Lwasekhaya, isiNdebele, isiSotho, isiSwati nezinye izilimi zaseNingizimu Afrika kuba yiso leso.
Kulesi sikhathi sinezingqinamba zezinkundla zokuxhumana lapho sibhala ngendlela esiyithandayo khona. Asikusho zisuka amadaka ukuthi umfundi kakufanele ukuba abhale umsebenzi wasekilasini sengathi uzixoxela nomngane wakhe kulezi zinkundla zokuxhumana. Kakade uLimi lwehlukene, kukhona oluqondile, kulo okulindeleke kuwe njengomfundi ekilasini, bese kuba khona olukhulunywayo esilusebenzisa uma sikhuluma sizwane njengabantu balo. Uma singenza isibonelo nje, uma sikhuluma asiluphimisi uhlamvu u-zi- uma sithi, izindaba kodwa siphimisa njengesiXhosa sithi, iindaba.
Cishe kuwo wonke amagama analesi siqalo siphimisa kanje. Kodwa uma sesibhala sithi, izindaba. Kukhona nokunye okungamabinzana nezimo zokukhuluma esikusebenzisayo uma sikhuluma okungesona uLimi lwesiZulu njengokuthi izulu liyanetha (izulu liyana, kunetha indlu), ukudlala indima (ukubamba iqhaza uma kwenziwa into enhle kodwa uma iyimbi ubenesandla), izimpilo zabantu (impilo yabantu), kade ehambisa amalobolo (ilobolo, izinkomo ezize zibizwe ngobuningi okuthiwa amabheka) nokunye okuningi esithi uma sikhuluma sizwane kube kungavumelekile uma sesibhala ngoba akusona isiZulu esiqondile kodwa kuwulimi olukhulunywayo.
Kule ngosi sizobheka izingqinamba ezitholakala ezimpendulweni zabafundi uma bebhala lesi sifundo ukuze thina esisazobhala sizozama ukuzigwema ngoba zisilahlekisela ngamamaki. Sizobuye sibheke nomumo wamaphepha ngokwehlukana kwawo ngokwesisindo/ ngokwemiklomelo kanjalo nemibuzo.
Kusemqoka ukuba sazi kahle ukuthi ukuphendula imibuzo yokuhlolwa kuyikhono. Ikhono liyafundwa, akuthi ngoba usufundile bese kuyazenzakalela ukuthi ukwazi ukuphendula imibuzo ngendlela okuyiyo. Lokhu kusho ukuthi ungaba nalo ulwazi kodwa ugcine ungakwazanga ukubeka impendulo yakho njengoba kulindelekile. Kungakusiza kakhulu futhi ukwazi indlela imibuzo ehlelwa ngayo ngokulandelalana kwayo.
Sizowabheka amaphepha ngokulandelana kwawo sisuka kwelokuqala siye kwelesithathu njengohlelo olubekiwe uMnyango Wemfundo Eyisisekelo.
Uhlobo lwemfundo efundwayo ibhekelele kakhulu amakhono. Ngakhoke imibuzo ebuzwayo isuke ihlola amakhono ehlukene. Yila makhono adingwa yilowo nalowo mfundo empilweni yakhe. Uma singenza isibonelo ngesifundo/ isivivinyo sokuqondisisa, okuyisona esibhekelele ikhono lokufunda ngokuqondisisa. Kungaba yinkinga enkulu ukuba abantu bakwazi ukufunda kodwa bangakuqondisisi lokho abakufundile. Ukukufunda kungafana nokuchitha isikhathi, nokuthi empilweni yalowo nalowo muntu uhlale ebhekene nokufunda noma yikuphi lapho ekhona.
Amaphepha ngokulandelana kwawo
Ake sibheke amaphepha ngokulandelana kwawo njengoba ebhalwa abafundi abahlolwayo ekupheleni konyaka. Asiqale ngokwexwayisa abahlolwayo ukuthi iphepha nephepha linesisindo salo, okufanele usihloniphe wena mfundi. Ukuhlonipha iphepha nephepha kuyokusiza ekutheni ukusebenza kwakho kungabi nakho ukwenzelela. Ukungenzeleli kuyosiza ukuthi amamaki owasebenzela emaphepheni ngokwehlukana kwawo kungahlebani. Yilelo nalelo phepha likwazi ukuzimela linganciki kwelinye futhi nelinye lingalinyazwa ngelinye ngokuba amamaki ephepha aze adinge ukwesekwa ngelinye. Sike sasho ngaphambilini ukuthi imaki ngalinye lisemqoka. Akudingeki nakancane ucabange ukuthi akulutho ukulahlekelwa imaki elilodwa kunokuba abe mabili noma mathathu njalo njalo. Yilelo nalelo maki lisemqoka. Bheka nje usushoda ngemaki elilodwa ukuthi uthole amaphesenti angama-80 abezokunika uLevel 7 ohunyushwa njengeqophelo eliphezulu lokuphumelela (A) Leli qophelo elingagcina liyizinkulungwane eziningi uma ufi ka esikhungweni semfundo ephakeme uma sekubalwa amaphoyinti noma sekubalwa umfundaze ngokwesibalo sala maqophelo aphezulu (A) owatholile.
Iphepha lokuqala:
Okokuqala okufanele kushiwo lapha ukuthi leli phepha linikezwe amahora amabili ukuthi libhalwe liqedwe. Kuwukungahlakaniphi ukuthi ungaliqeda ngehora noma ngehora nesigamu. Bekunani ukuwasebenzisa onke la mahora uhleli ubhala ubuye uhlolisise izimpendulo zakho kuze kuthiwe YIMA! kuyima usukuma uphuma. Awusethuswa nawukuthi usheshe kangaka ukuqeda kusasele eside isikhathi lesi. Abakuhlolayo baze bakubhalele isikhathi ongasisebenzisa ukubhala umbuzo nombuzo. Ucabanga ukuthi ngabe badlala ngawe noma-ke abahlakaniphile.
Umbuzo wokuqala wesifundo sokuqondisisa obizwa ngokuthi Umbhalo A kuthiwa ungawubhala isikhathi esingangemizuzu engama-30, okubandakanya nokusifunda uze usiqondisise. Ungalokothi ucabange ukuthi ngoba sibhalwe ngesiZulu usizwa kahle ngoba lesi siyisiqephu sokukuhlola ikhono lakho lokufunda ngokuqondisisa, hhayi ukufunda ukuba wazi kodwa usiqonde, ubone nezinto ezingabhaliwe kuso. Ubuye uqhathanise okwaziyo nalokho okushiwo kuso.
Imibuzo yesiqephu esifundwayo ihlelwe ngendlela yokusiza umfundi ohlolwayo ukuba angaklinyeki. Kusemqoka kohlolwayo ukuba akwazi ukukubona lokhu ngaphambi kokuqala ukuyiphendula ngoba kumsiza ekuzihleleni ngokomqondo.
Imibuzo ihlelwe ngokwamazinga okucabanga noma obuhlakani, okuyilawa:
- Imibuzo ezimpendulo zayo zitholakala kalula esiqeshini. Singasebenzisa ngokukhulu ukucophelela igama imibuzo ‘elula’. Sikuqonda kahle ukuthi abanye abafundi bazocabanga ukuthi bazoziphuzela nje kule mibuzo, bese bedembesela kanti sebezigwaza ngowabo. Lolu hlobo lwemibuzo abahlolwayo bayolubona ngokubala amamaki azohlanganisa ayisi-8.
- Uhlobo lwemibuzo elandelayo olunamamaki ayisi-8 yilolo oludinga ohlolwayo ukuba ahlanganise ulwazi lwakhe analo nalolo aluthole esiqeshini, ngoba kakade isiqephu sisuke sikhuluma ngento ayaziyo noma ake wayizwa. Nakuba ifuneka imicabango yethu kulolu hlobo lwemibuzo kodwa ohlolwayo angabe esesho izinto ezaziwa wuye yedwa nezingekho emthethweni. Imibuzo efana nothi, ‘Ucabanga ukuthi… Idinga ukuba uthi usho okucabangayo kodwa uqaphele ukuthi kuyakholakala, kufanelekile, kuyenzeka noma kuliqiniso.
- Olokugcina uhlobo lwemibuzo olunamamaki ama-4. Lolu hlobo lwemibuzo ludinga umfundi ahlolisise, ahlaziye noma aphawule ngokushiwo nokwenzekile nangendlela okwenzeke ngayo noma okushiwo ngayo. Lokhu kusho ukuthi ubhekisisa ukuthi ulimi lusetshenziswe kanjani; njengesimo sokukhuluma/igama/ umusho obhalwe ngokugqamile.
Uma beqonde kahle lokhu kokuhleleka kwemibuzo okuchazwe lapha ngenhla, kuyobe sebephumelele ukuqoqa amamaki alo mbuzo okuvamise ukuba abe ngama-20. Ukuwaqoqa onke kuyokhuphula ukuzethemba kwabo kokusebenza kahle nakule eminye imibuzo elandelayo.
Umbuzo olandelayo yilowo ohlola ikhono labahlolwayo lokuhumusha umdwebo noma isithombe. Lo mbuzo onamamaki ali-10 uyisithombe esihambelana nesiqephu abakade bephendula ngaso imibuzo enamamaki angama-20. Ngakho-ke kusemqoka ukuba wazi ukuthi ukusihumusha kuyokwelekelela kakhulu ukuthi isiqephu osifunde ngenhla usiqonde kahle.
Kukhona izinto ezimbalwa okudingeka uziqonde ngalo mbuzo:
- Sinobudlelwano nesiqephu esingenhla esifundwayo esiwumbhalo A.
- Kungenzeka kube isithombe/ umdwebo osefreyimini eyodwa noma angaphezulu kweyodwa. Lokhu akusho ukuthi ukulandelana kwamafreyimu kuwukulandelana kokwenzeka kwezinto. Yileyo naleyo freyimu inesithombe sayo esizimele. Yingakho kusemqoka ukuba uhumushe isithombe ngasinye efreyimini yaso.
- Njengoba sike sachaza ukuthi kunobudlelwano phakathi kwesithombe nesiqephu, kungenzeka futhi nokuthi ifremu ngayinye kube nesigaba eqondana naso esisesiqeshini. Kuyokusiza kakhulu lokhu uma usuphendula imibuzo ngesithombe. Kanjalo uma sisodwa isithombe singaqondana futhi nesigaba esithile sesiqephu.
- Imibuzo ihlelwe ngamazinga obuhlakani njengayo yesiqephu esifundwayo.
Ivamise ukuba mihlanu noma ibe mine. Uma imihlanu, emibili yokuqala iyile mibuzo esingathi ‘ilula’, ibuza okubonayo njengoba kuvela esithombeni phambi kwakho. Kanjalo elandelayo emibili ivamise ukuqhathanisa ulwazi oluthole esiqeshini nokubonayo esithombeni. Kwesinye isikhathi ingakhuluma ngobudlelwano phakathi kwesithombe nesiqephu. Okuqaphelekayo lapha ukuthi ohlolwayo uyatshelwa ukuthi kukuphi lokho okukhulunywa ngakho.
Umbuzo wokugcina ukuphawula ngekhono/ ngempumelelo nokunye ubuye usekele.