Ubungozi bokuhlala isikhathi eside ebuholini e-Afrika



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
IZWEKAZI i-Afrika lihamba phambili ngokuba nabaholi asebehlale isikhathi eside beqhoqhobele umbuso. Iningi labaholi abagweva namandla ombuso litholakala kakhulu enhla ne-Afrika. Yize kunjalo umholi omdala kunabo bonke emhlabeni ngumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe esezansi ne-Afrika. Sekunesihlava esibi esesingenele abaholi bamazwe ase-Afrika sokuphoqa ukubusa ihlandla lesithathu. Amazwe amaningi anohlelo lwenkululeko anomthethosisekelo ovuna amahlandla amabili okubusa kukaMengameli oyedwa, kepha muva nje e-Afrika sesibona abaholi abaningi bewuphikisa lo mthethosisekelo bephatha amahlandla aze abe mathathu abanye baze badlulele. Isibonelo esikhulu salesi senzo sibonakala e-Burundi lapho uMengameli uPierre Nkurunziza wanqaba ukwehla esikhundleni ngowezi-2015 ngoba efuna ukuphatha ihlandla lesithathu.
Abahlaziyi bepolitiki yamazwe ase-Afrika bathi singalindela ukuqubuka kwempi yangaphakathi eBurundi lapho abeseka uMengameli Nkurunziza belwa nabafuna ehle esikhundleni sobuMengameli. UMengameli waseRwanda uPaul Kagame yena akazimisele ukunqunyelwa amahlandla njengoba umthethosisekelo waseRwanda usumvumela ukuthi aphathe kuze kushaye unyaka wezi-2034.
UMengameli wase Democratic Republic of Congo uJoseph Kabila kulindeleke ukuthi alungenele ukhetho lwalonyaka okuyobe sekuyihlandla lakhe lesithathu ebusa njengoba angena ngowezi-2001 emva kokuhlaselwa kubulawe uyise uLaurent-Desire Kabila.
UMengameli wase-Uganda uYoweri Kaguta Museveni waba nguMengameli kusukela ngowe-1986 okumanje usenguMengameli. UMengameli uMugabe waseZimbabwe waqokwa njengoNdunankulu ngowe-1980 emva kokuthutha kwamaNgisi kwathi ngowe-1987 wafungela esobuMengameli okunamhlanje yize eseneminyaka engama-93.
Okubi ngokuhlala kakhulu emandleni ombuso kubaholi base-Afrika ukuthi bagcina sebezonela umlando wabo omuhle abazakhela wona. Iningi labaholi abagugela ezikhundleni bangena bebungazwa bebonwa njengabazoletha uguquko ezweni, kodwa ekugcineni lowo mholi uphenduka isitha senkululeko nenhlalakahle yabantu. Lokhu siyakubona ngoMengameli waseRwanda uPaul Kagame owayebonwa njengoneqhingasu lokufukula leliya lizwe libalwe kanye namanye athuthuka ngesivinini emhlabeni wonke. UKagame wathatha amandla ombuso ngowe-1994 emva kwesibhicongo esibi sokubulalana kwezinhlanga ezimbili amaHutu namaTutsi. Ubuholi bukaKagame bakwazi ukuhlanganisa lezi zinhlanga ukuthi zizwane wazenza zabona ihlazo ekubulaleni kwabo bebe bengosokhaya. Imizamo yakhe yokuhlala emandleni engaphazanyiswa iyona esimbulalela umlando wakhe omuhle lo Mengameli. Umnotho waseRwanda ukhula kangcono kunowamazwe amaningi ase-Afrika ikakhulukazi uma kubukwa umlando wayo osemusha wokushintshashintshana kwabaholi abalawula ngesibhamu kanye nokubulalana bebodwa. Ukubulawa kwembangi uPatrick Karegeya eyayibhace eNingizimu Afrika sekuguqule umqondo wabaningi ngekusasa lepolitiki yaseRwanda ngaphansi kweso likaKagame. Lo Mengameli obebungazwa ethenjwe ngekusasa lezwe lakhe usebonakalise uhlangothi lwakhe elugqiba konke okuhle asekuzuzile njengoMengameli. Imisebenzi emihle kaKagame enjengokuvikelwa kwezilwane zasendle ezisengozini yokubulawa ziqedwe ezinjengamabhubesi, izingwe, nezindlovu, ukuletha amathuba omsebenzi, ukufukula umnotho ngesivinini kulandela izimpi nokushinsthashintsha kwabaholi, ukwakha ubudlelwano namazwe aseNtshonalanga nokuhwebelana, konke sekugqitshwe imizamo yakhe enesihluku yokuqhubeka nokubusa elaseRwanda ikakhulukazi njengoba nomthethosisekelo usumvumela aphathe kuze kushaye owezi-2034.
Omunye umholi osezonela umlando wakhe umakhelwane weNingizimu Afrika uRobert Mugabe owathatha iZimbabwe njengezwe elihamba phambili ngokomnotho e-Afrika laba ngamanye antula kakhulu. EZimbabwe bangamaphesenti angama-90 abantu abakwazi ukufunda nokubhala okuyinto eyenzeka eZimbabwe kuphela, iningi lomhlaba labuyiselwa kubanikazi, wonke amabhizinisi akhona ingxenye yawo ingeyabantu baseZimbabwe. Lo mlando omuhle kaMugabe usugqitshwe ngukunyamalala kwezizumbulu zezimali zikaHulumeni kungaziwa zishonephi, ukufadabala komnotho, ukuhlela imicimbi ehamba phambili yokuzalwa ekubeni izwe lishoda ngemali kanye nokuboshwa nokuhlukunyezwa kwezimbangi zakhe.
Abaningi baseDemocratic Republic of Congo babenethemba lokuthi uMengameli uJoseph Kabila uzoba yilokhu uyise ahluleka ukuba yikho yize asebenza umsebenzi omuhle wokususa uMobuto Sese Seko owayecebe edlula izwelakhe ngenxa yokuphatha izwe njengento yokwenza inzuzo. Abantu baseDRC bamunika uKabila ithuba yize uyise wacishe wafana noSese Seko ngokwezenzo, kepha ukuzama kwakhe ukuhlala ihlandla lesithathu sekumbangele amazinyo abushelelezi lapho abantu bakhe bengasalawuleki bemfuna ehambile. Ukuboshwa nokubaleka kwesiqumama sikasomabhizinisi esiyintandokazi uMoise Katumbi sekubalahlise ngethemba lokhetho olukhululekile abaseDRC.
Iningi labaholi base-Afrika banomlando ogculisayo nowenza siyizwekazi siziqhenye ngabo kepha indlela abafuna ukuhlala ngayo emandleni yiyo ebaphendula izitha emhlabeni wonke. Abaholi base-Afrika komele bafunde ukwamukela inkululeko njengoba abaningi besuke beyithembisile. Laba baholi batakula amazwe abo ezimpini, ekushaqweni kwamandla ombuso ngamazwe aseNtshonalanga, ezikweletini nasekushodeni kwezidingoqangi, kepha ukugweva kwabo namandla ombuso kwenza i-Afrika ibukeke njengezwekazi elisasalele emuva okugcina sekuhehe abagxambukeli baseNtshonalanga abasuke beze ngokuzoqhubeza ubuqhwaga nobukhonyovu babo, babuthe zonke ezimbiwa phansi baphinde bamome wonke umnotho wezwe bahambe nawo baye emazweni abo.
- UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN