Ukhala ngokuthathwa kwendawo yakubo eGroutville
IMILE impilo kobeyimpunyela yaseGrouville osekubhaceni othi uqhwagwe udedangendlale wepulazi lakubo nguMasipala waKwaDukuza. Lokhu kulandela ngemuva kokuthi, uMnu uNapoleon Nje Dimba ethi wayalelwa yizikhulu zikaMasipala waKwaDukuza ukuba aphume aphele epulazini lakubo iKwaDimba Farm ngoba manje le ndawo uMasipala usuyihlelele ukuba wakhele kuyo umphakathi izindlu zomxhaso nokuyindlela yokukhulisa ilokishi lendawo i-Aldinville.
Ngokusho kukaDimba uthi lezi zikhulu zithi le ndawo sekungekamasipala ngoba wayinikelelwa nguMnyango Wezomhlaba eMgungundlovu. “Ngashaqeka ngesikhathi izikhulu zakwaMasipala zingitshela ukuthi angikhohlwe yile ndawo yakithi ebesilima kuyo umoba ngoba uMasipala usunanetayitela layo ekubeni kwaziwa kahle ukuthi selokhu kwathi nhlo leli yipulazi lasekhaya lomoba,” kusho uDimba okhuluma aze afikelwe yisibibithwane.
UMnu uDimba osesele yedwa ezinganeni eziphilayo zikaNkk u-Epther owayengumlimi kamoba kuleli pulazi uqhuba uthi akazi sekumele enzenjani ngoba izikhulu zikaMasipala azizwa lutho ngokudedela le ndawo yakubo. “Ngisho sengiveza ubufakazi bamaphepha obuqinisekisa ukuthi le ndawo selokhu kwathi nhlo umama wami obengumlimi, bathi abanandaba nalowo mlando bona. Sengigqigqe emaHhovisi oMnyango Wezomhlaba eMgungundlovu kanye nasemaHhovisi akwaMasipala kwaze kwaguga izicathulo ngicela usizo ngepulazi lakithi eselidliwe ngogalakajana kodwa lutho ukusizakala,” kuqhuba uMnu uDimba. Ngokusho kukaMnu uDimba uthi, abazali bakhe baqala ukulima kuleli pulazi kusukela ngeminyaka yawe-1960.
IBAYEDE inawo amaphepha aqinisekisa ukuthi le ndawo ibisentshenziswa nguNkk uDimba ngowe-1995.
Ngokusho kukaMnu uDimba izinto ziqale ukonakala ngesikhathi kwedlula emhlabeni unina ngowe-1999 ngoba umzala wakhe , uNkz u-Olga Vilakazi uvele washaqa wonke amaphepha okubalwa netayitela lepulazi wakwenza okwakhe. “Ngisola ukuthi nguyena futhi umzala owadayisa leli pulazi lasekhaya elingamahektha ali-16. Umzala ugcine eseqhwage nomuzi wasekhaya agcine eseqashisa ngawo,” kusho uMnu uDimba.
Ebuzwa, uDimba ukuthi uphi pho, uNks uVilakazi ukuze aziphendulele kulezi zinsolo ezibhekiswe kuye, uthe naye ugcine edlulile emhlabeni okwenzeke eminyakeni emithathu edlule. “Kuthe ngokushona kukamama zonke izinto zengamelwa ngumfowethu uMfanafuthi. Naye umfowethu ubephethe ngegama nje ngoba umuntu obeshaya amaphiko bekungumzala. Phela umfowethu ubengazi noma liyaphuma noma liyashona ngenxa yenkinga yophuzo oludakayo obelumenza angazinaki izinto zasekhaya,” kuqhuba uDimba.
UDimba uqhuba uthi, naye umfowabo uMfanafuthi ugcine edlulile emhlabeni ngowezi-2008 ngemuva kokugula isikhashana. “Ngaleso sikhathi umfowethu engamele zonke izinto ekhaya mina bengihlala eThekwini lapho ebengiqhuba khona amabhizinisi ami okubalwa kuwo ibhizinisi lokudla kanye nendawo yokulalisa izivakashi ebhilidini iShirley Chambers Buidling elisemgwaqeni uBroad,”
IBAYEDE ithole ukuthi akhona namanye amapulazi aphethwe ngaboHlanga abangomakhelwane bakwaDimba okubalwa kubo umndeni wakwaCele, owakwaMwandla nowakwaMgobhozi.
“Kuyaxaka ukuthi kungani lezi zikhulu zakwaMasipala zavele zaqoka elasekhaya ipulazi zawayeka lawa esakhelene nawo.”
IBAYEDE inayo incwadi eyabhalwa nguMqondisi wakwaLand Affairs KwaZulu-Natal uMnu uPetrus Mduduzi Shabane nalapho ayeqinisekisa khona ngokufakwa kwesicelo sokuba kwakhiwe ilokishi epulazini lakwaDimba elingu-ERF 2840 Groutville, labhaliswa ngo-FU, eliKwaDukuza Municipality, esifundeni iKwaZulu-Natal, elingamahektha ayizi-39,5914. Le ncwadi kaMnu uShabane isayindwe umhla zili-13 kuMasingana ngowezi-2003 eMgungundlovu.
UMnu uDimba osewaphenduka impabanga uthi usephoqeleke ukuba abaleke eGroutville ayobhaca ngenxa yezinsongo zokumenzakalisa uma eqhubeka nokufuna le ndawo yakubo.
“Kwale noma ngithi ngikhulumisana neMeya yaKwaDukuza, uMnu uRicardo Mthembu nayo iyangichitha. Ngikhulumile futhi neMeya yeLembe uSiduduzo Gumede ukuba angelekelele njengoba yena elwazi kahle udaba lwasekhaya kanti sakhula ndawonye futhi sifunda ndawonye naye akakaze angisize,” kuqhuba uMnu uDimba.
UDimba uqhuba uthi: “NoMnu uThokozani Khuboni ophethe kwezezindlu kwaMasipala wangitshela emehlweni ukuthi bahlose ukuqhubeka nohlelo lwabo lokunweba ilokishi kule ndawo yasekhaya. Empeleni kwenye ingxenye yepulazi uMasipala bese uqalile ukuzakha izindlu ezimbalwa kodwa babuye bathi ukuma kancane ngemuva kokuthi ngisukumile ngalwa,”
UMzala kaDimba, uNkk uGugu Mgobhozi ukuqinisekisile ukuthi ngempela leli yipulazi lakwaDimba nokuthi uDimba wazalelwa kulo.
“Ngeke sivume kudlalwe ngomzala wethu uNje. Ngeke sithule ephucwa indawo yakubo zigebengu. Nathi singumndeni sizimisele ukuyofakaza ngisho enkantolo ukuthi lena indawo yakubo. Zibuhlungu izinhliziyo zethu ngalolu daba. Kuyadabukisa ukuthi abaholi bethu be-ANC ebesinethemba lokuthi bazosibuyisela umhlaba wethu bese kujika kuba yibo abasihlukumeza ukwedlula amaBhunu abesicindezele,” kusho uNkk uMgobhozi. Uqhubeke wathi iningi lamalungu omndeni waKwaDimba nakwaMgobhozi banamatayitela ezindawo zabo. “Ngikhuluma nje omunye umzala wethu, uMakhosi Dimba usanda kuyolanda elakubo itayitela lepulazi. Manje kuyaxaka ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi elakwaNje ipulazi kuthiwe sekungelikaHulumeni. Kuyacaca ukuthi kukhona owenze ubugebengu. Le nto kumele iphenyisiswe,” kuphetha uNkk uMgobhozi.
“Impela ngiyalwazi udaba lwepulazi lakwaDimba. Kumanje sihlela umhlangano nabakwaLand Affairs ukuba basinikeze imininingwane ngokuthi leli pulazi lafika kanjani kubona. Yebo lukhona ulwazi lokuthi lathathwa ngokwemibandela yokuhlinzeka umphakathi (expropriation). Nathi kusiphatha kabi ukuthi sekuzobukeka sengathi thina baholi sinezinhloso zokudla izindawo zabantu kanti akunjalo,” kusho uMnu uMthembu. “Ngicela abakwaDimba bakhululeke ngoba maduzane sizoba nomhlanagno nabo ngalolu daba, futhi kwale nyangaa ngeke iphele singatholakele isisombululo,” kuqhuba uMnu uMthembu.