Now Reading
Ubumqoka bokungena kwaboHlanga abasebasha eDavos
Dark Light

Ubumqoka bokungena kwaboHlanga abasebasha eDavos

Kuleli sonto eliphezulu amazwe angaphezulu kwekhulu omhlaba ahlangene ezweni iSwitzerland, eDavos emhlanganweni weWorld Economic Forum (WEF). Inhloso yokusungula le nhlangano ukuba abaholi bepolitiki nabezomnotho bakwazi ukuletha izixazululo zomhlaba behlangene.  Le nhlangano ibisiphenduka isigcawu sokwabelana ngolwazi olunzulu maqondana nezindlela okumele mazilandelwe amazwe omhlaba ekukwazini ukusebenzisana nasekuqondeni izindlela ezicacile ekuletheni intuthuko edingekayo ngamazwe ikakhulukazi kwezokuwhebelana nozinzo olulawulwa ipolitiki.

Minyaka yonke iWEF eDavos ihlala iba nezihloko exoxela phezu kwazo ezisuke sicutshungulwe kanzulu ngokubuka umumo wentuthuko nezimo zamazwe omhlaba. Isihloko salo nyaka sithi “Ukungenelela nobuholi obunakekelayo”. Lesi sihloko siza emva kwezigameko eziningi ezinkulu esezinyakazise umhlaba wonke jikelele. Zinhle noma zimbi, zenzeka emazweni amakhulu kumbe amancane, lezi zigameko kucacele noma ubani ukuthi zizonke zinomthelela omkhulu ekutheni isimo somhlaba sizohamba kanjani kusuka manje kuya phambili. Ukubalula nje ezimbalwa futhi ezingondabamlonyeni,  ukuphuma kwezwe laseBritain ekubeni ilunga lamazwe ahlangane ase-Europe, ukukhethwa kukaMnu uTrump ekubeni uMengameli  wase-USA, okumanje lokhu kusethuse abaningi emhlabeni, nase-USA imbala. Nxashana sibheka ezwenikazi i-Afrika nakhona kunezigameko eziningi ezitshengisa ukuthi ubuholi bubaluleke kangakanani ekwakheni umnotho ozinzile jikelele. Uhlelo lwenqubo yokuxhumana kwamazwe omhlaba kwezentengiselwano nobuhlobo ngezimboni, nalo lube nomthelela omkhulu esingasho sithi uholele ukuthi iBritain iphume enhlanganweni yase-Europe. Kanjalo nokuqokwa kukaMnu uTrump singasho singangabazi ukuthi lenqubo yokuhweba yomhlaba isihambe yaxaka abaniniyo. Yingakho emsukeni walezi zigameko, ingqikithi yendaba ibhekene kakhulu nokuvikela imisebenzi nomnotho wala mazwe.

INingizimu Afrika-ke kusukela yathola inkululeko nayo selokhu yaba yingxenye yale nhlanganiso yamazwe omhlaba. Minyaka yonke uMengameli wezwe uyaye ahole ithimba losopolitiki nosomabhizinisi  bayoba yingxenye yokwethamela le nhlanganiso. Okunye okubalulekile leli thimba lisuke liyobeka izwe kubalazwe lomhlaba  libeke isithombe esihle phakathi kwabatshalizimali nakulabo abasuke befuna ukwazi kabanzi ngezwe laseNingizimu Afrika. Kuzokhumbuleka ukuthi nxashana sikhuluma ngenqubo entsha iNingizimu Afrika eyayithatha mhlazana ingena enkululekweni, lo mhlangano waseDavos waba nomthelela omkhulu ukuthi abatshalizimali baguqule isimo sokucabanga kwalowo owayenguMengameli wezwe uMandela. Wabe esememezela  inqubo yezwe iNingizimu Afrika okwakumele mayiyithathe, kuze kube nanamhlanje. Nakuba ziningi izinkulumo ezithi “Ingabe uMnu uMandela nayenabo bathengisa yini ngaboHlanga kule nhlangano noma cha” indaba esingayibheka ngesikhathi esizayo.

Ezigigabeni ezinomthelela ezingxoxweni esibhala nje ziqalile eDavos, izinkulumo ezinohlevane zikaMnu uTrump, uzinzo nobubha kumazwe amaningi omhlaba osekuthe inhlangano i-Oxfam yadalula abantu abayisi-8 abaphethe umnotho ongaphezu kwabantu abayizi-3.4b. Lokhu kucacisa ngokusobala inqubo eselokhu ilandelwa umhlaba engahambisani nokuthuthukisa iningi labantu ngendlela enobulungiswa.

KuWEF yangezi-2016, eyabe ibheka ithekhnoloji njengesixazululo sokuthuthukisa kabusha umhlaba, omunye wabaphathi besikhondlakhondla senkaphani yaseBritain, uMnu uStephen Kelly wakhononda waphinde waduba umhlangano waseDavos, ewugxeka ngokuthi uhanjelwa abantu asebebadala futhi ongenanhloso yokunakekela abantu abasebasha

Ngenxa yokuthi yisithebe lesi la kuthathwa khona izinqumo ezinqala ngenqubo okumele mayilandelwe ngamazwe omhlaba ngokwentuthuko, iNingizimu Afrika kufanele ibeke phambili abantu abasebancane ikakhulu boHlanga ukuze bacijekele ukuphatha izwe elizokwazi ukuthuthukisa abantu balo ngomqondo ojulile kwezepolitiki yomnotho.

See Also

Kubantu abayikhulu nesihlanu abamele amazwe ase-Afrika eDavos, ingxenye kulaba (61) abavela eNingizimu Afrika kuphela. Besekuthi abangama-54 bamele onke amazwe ase-Africa. Lokhu kudalwa ikakhulu indlela okubiza ngayo ukuba kulo mhlangano. Umbuzo okhona othi, “Ingabe i-Afrika imeleleke ngokufanele yini emazweni omhlaba” Nxashana sibheka lezi zinombolo kucace bha ukuthi ayimelelekile ngokwanele lapho kuthathwa khona izinqumo ezinqala zomhlaba.

Ukuba yingxenye yalo mhlangano yize noma kungaba nezithelo ezinhle kwazise iNingizimu Afrika isuke imelelwe amalungu ezinhlaka eziningi nabezindaba, kodwa futhi ukungameleleki kwe-Afrika ngokugcwele kungaba nomthelela ongemuhle nxashana sibuka ukuhlangana kwamazwe e-Afrika ewodwa lapho esexoxa ngokumele kwenzeke ezwenikazi. Yingakho indlela engcono kakhulu kungaba ukuthi amazwe ase-Afrika azakhele olwawo uhlaka oluhambisana ikakhulu nomnotho wawo, kanye nendlela i-Afrika okumele izithuthukise ngayo ngokohlelo lwama-Afrika. Ukulokhu ibukela emazweni aseNtshonalanga indlela okumele mayenze ngayo, ekubeni amazwe aseNtshonalanga kwawona awasayithakaseli inqubo eyakhandwa yiwo, kuzohamba kuyilethele izinkinga i-Afrika.    

  • UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlao nomnotho. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.
Scroll To Top