Now Reading
Kungaphezu kwepolitiki okwenzeka kuSABC
Dark Light

Kungaphezu kwepolitiki okwenzeka kuSABC

IZINTO zimapeketwane esikhondlakhondleni senkampani iSABC emumethe uSABC1, uSABC2, uSABC3, uSABC News, uSABC Encore kanye nohlu lweziteshi zemisakazo okubaleka kuzo Ukhozi FM, iMetro FM, uMhlobo Wenene FM kanye nezinye eziningi ezihamba phambili. Izinkinga zale nkampani ephila ngemali yabakhokhintela zaqala ngonyaka wezi-2014 lapho umbiko woMvikeli Womphakathi waveza ukuthi kuningi okungenziwa ngendlela kule nkampani. Lo mbiko wasola kakhulu owayeyiSikhulu Esiphezulu owayesabambile ngaleso sikhathi uHlaudi Motsoeneng ngokuba ngundlovukayiphikiswa nangokukhwela emahlombe abanye ukuze afinyelele esicongweni sale nkampani.

Yize izinkinga zale nkampani kade zaqala kodwa zagqanyiswa kakhulu ukuqinisa ikhanda kukaMotsoeneng lapho inkantolo yamyalela khona ukuba asule esikhundleni kule nkampani, wala uMotsoeneng walibuyisela enkantolo icala okunanamhlanje usayilwa le mpi.

Amaqembu oCOPE, iDA, i-UDM kanye ne-EFF basola ubukhonyovu be-ANC ngezinkinga zeSABC. Kubonakala ne-ANC eyake yakhombisa ukuzwelana noMotsoeneng isimjikela njengoba uSotswebhu wayo uMnu uJackson Mthembu ehamba phambili ekutheni akaphume aphele uMotsoeneng kwaSABC. Ingcindezi yezepolitiki iyona esiyenza kube sengathi indaba kaSABC iyimpi yezepolitiki.

Uma singabala konke okwenzeka kuSABC: uMvikeli Womphakathi wathola ukuthi uMnu uMotsoeneng wasenga ezimithiyo ekutheni unomatikiletsheni ukuze aqokelwe kwesokuba ngumqondisi kwaSABC, umqaphi wokusebenza kwale nkampani uMatthews wakhala ngokungahlonishwa nangokungabi namandla ekubeni isikhundla sakhe sisho ukuthi nguyena womaqhuzu. Izintatheli eziyisishiyagalombili esezimnkantshubomvu kule nkampani zamiswa emva kokucela kokuthuthukiswa kwezimo zokusebenza, sekunesikhathi eside le nkampani yagcina ukwenza inzuzo. Zonke lezi zinkinga zisulelwa kuMotsoeneng okuthiwa uvikelwe yinhlangano ebusayo.

Ukuchaza nje ukuthi kungani kubonakala sengathi lezi zinkinga zale nkampani zingenxa yezepolitiki. Uma ubuka ungagxili kubonakala sengathi ukugxambukela kwezepolitiki okuqhubeza izinkinga zale nkampani, kodwa uma uhlaziya isigameko ngasinye kusobala ukuthi kukhulu okwenzekayo. Abantu bazonaka ukuthi unakwa kangaka nje uSABC yingoba udla ephaketheni labakhokhibentela, konke lokhu kudonsisana okukhona okufakana ezinkantolo egameni layo le nkampani konke lokho kudla kubakhokhintela okusho ukuthi ukusebenzela inqubekela phambili nokuthuthukisa le nkampani okungahle kwakhe amathuba omsebenzi sekuyinto engasanakiwe. Kuyiqhingasu likaMotsoeneng okudala kubonakale sengathi lo mdonsiswano owezepolitiki. uMotsoeneng ubonakala elingisa uMengameli uZuma ekuzameni ukudukisa umkhondo ngomkhonyovu owenzeka kwaSABC. NjengoZuma, uMotsoeneng ngonyaka wezi-2014 wagcotshwa nguSobaba uModiri Pat Shole ekubeni ngumfundisi lapho anikwa khona ukhololo, iRosali Kanye neBhayibheli. Lo mcimbi owawubanjelwe e-Emmanuel Christian University wenzeka kafushane nje emva kokuphuma kombiko kaMvikeli Womphakathi owawumsola ngobukhonyovu. Yathi indaba ingangenelelwa ngamaqembu ezepolitiki ikakhulukazi iDA eyaphikelela enkantolo, ekudukiseni umkhondo abazibiza ngabangani bakaMotsoneng bamhlonipha ngenkundla yezemidlalo eBluegumbosch eQwaqwa eFree State.

Kwabe sekwenzeka ngendlela yakhe emva kwalapho uMotsoeneng lapho kwabhekana khona i-ANC namaqembu aphikisayo kubangwa ukuqokwa kwakhe ekubeni engenazo izicucu ezifanele. I-ANC yayime ngokuthi uMotsoeneng uyawenza umsebenzi wakhe okwedlula ngisho labo okuthiwa bafunde kakhulu okubaleka kubo uDali Mpofu. UMotsoeneng usezakhele ugazi kwabaningi kuleli emva kokuthatha isinqumo esingakaze sacatshangwa ngumuntu ukuthi le nkampani igxile ekuthuthukiseni imidlalo nomculo oqoshwe lapha ekhaya.

See Also

Osebenza njengosopolitiki ohlakaniphile uMotsoeneng njengoba ekwazile ukuzisithelisa ngosopolitiki kanye nabantu bonke baseNingizimu Afrika. Kuthe ngisho lapho khona le nkampani icwila ezikweletini kwasolwa lokhu kugxila emidlalweni yalapha ekhaya, kepha yena waphendula wathi akunani uma kungukuthi kuzoqhakambisa ithalente lalapha ekhaya. Abaningi bakuthakasela lokho okuphinde kuvale umlomo iDA engamfuni nalapho enyathele khona. UMotsoeneng unesigcwagcwa kubahlaziyi nakosopolitiki kepha uyintandokazi entsheni, abaculi nabaqophi balapha ekhaya abambona njengomuntu odale inqwaba yamathuba omsebenzi osekwehlule uHulumeni iminyaka. Uma ukubuka ngale ndlela indaba kaMotsoeneng neSABC kubonakala sengathi kuyipolitiki.

Kungaphezu kwepolitiki okwenzeka kuSABC kodwa, sekunobugebengu. Sekungaba yiphutha uma singamatanisa ubugebengu nezepolitiki. UMotsoeneng akaphiki ukuthi akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni, akugcinanga lapho uyavuma ukuthi wenza esomgunyathi asesebenze ngaso kwaSABC iminyaka engaphezu kwelishumi nesithupha. Okuchaza ukuthi ubugebengu yibona obenza uMotsoneng waba nguMqondisi kwaSABC okumanje usalwela ukuphindiselwa ezinkantolo. Kukhona okushaya amanzi ngokwesula kukaSihlalo uMaguvhe emva kokuphekwa ngemibuzo ePhalamende. Kuzonakeka ukuthi wasebenzisa ukukhubazeka kwakhe ukuze abalekele imibuzo eyayibhekene naye mayelana nokuqokwa kukaMotsoneng ekubeni ngumqondisi ku-SABC. Wathi njengoba engaphiwanga nje ukubona emehlweni wayetshelwa ukuthi uMotsoeneng wenza umsebenzi oncomekayo, wathi akakhumbuli ezwa ukuthi akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni, wathi akaze atshelwe ukuthi uSABC ucwile ezikweletini. Emuva nje kwalapho wabe esememezela ukwesula kwakhe.

Akungabazeki ukuthi kuningi akwaziyo uMughuvhe akufihlayo, mhlawumbe uMvikeli Womphakathi komele aphinde aphenye ngenkohlakalo eyenzeka kule nkampani njengoba kuyacaca ukuthi uma kuthintwa lolo daba bancamela ukwesula ezikhundleni abakhona benzele ukuthi kungasali muntu ozonikezela izimpendulo njengoba kwabona bengaphoqwa ukuba baphendule uma sebesulile.

  • UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN
Scroll To Top