Now Reading
Abahlengikazi baphumele ngaphandle kwenyunyana
Dark Light

Abahlengikazi baphumele ngaphandle kwenyunyana

UMnyango udlala umacashelana zibe izinkantolo zingawuvuni kulo mdlalo wawo

 

UGQEMEKE engeqiwa ntwala uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal okubhekeke ukuba wehlukane nezigidigidi zemali kulo nyaka. Lokhu kulandela isinqumo esishubile seNkantolo Yezabasebenzi esikhishwe ngomhla ziyisi-8 kuZibandlela wezi-2016 esiphoqa lo Mnyango Wezempilo KwaZulu-Natal ukuba ukhokhele bonke abahlengikazi nabasizikazi abayi-1106 abaxoshwa ngokungafanele ngowezi-2007.

Laba bahlengikazi kanye nabasizikazi abaxoshwa nguMnyango Wezempilo ngenxa yokuzibandakanya nesiteleka esasingekho emthethweni babefuna imali yabo yesibonelelo sokusebenza ezibhedlela zasemakhaya ababethenjiswe sona nguMnyango ngowezi-2003.

Kuthiwa ngemuva kokuyosebenza kulezi zibhedlela zasemakhaya, uMnyango Wezempilo wajika washaya ungqimphothwe wangabe usafuna ukubakhokhela nokuyinto  eyaholela esitelekeni ngowezi-2007 esadonsa kusukela ngomhla zingama-22 kuMasingana wezi-2007 kuya kumhla zi-3 kuNhlolanja wezi-2007.

UMnyango Wezempilo wabe ususungula isigcawu sokuqondisa izigwegwe bonke abasebenzi abayi-1106 ababebandakanyeka esitelekeni. Ngokusho kukasihlalo wekomiti labahlengikazi, uMnu uKusaselihle Dladla uthi empeleni kwakumele babe yizi-10 000 abasebenzi okwakumele bangenele isiteleka bezibhedlela ezahlukene KwaZulu-Natal. “Kodwa ngenxa yokungahleleki kahle kwesiteleka sagcina singenelwe ngabasebenzi abayi-1106 kuphela,” kusho uMnu uDladla.

Ngokwamaphepha isigcawu sokuqondisa izigwegwe usihlalo waso okwakungu-Adv Mvuseni Ngubane elekelelwa ngabameli ababili okunguMnu uComfort Ngidi noMnu uL. Seethal sasibanjelwe esibhedlela iNgwelezane esiKhaleni. “Kwasixaka ukufakwa kommeli, uSeethal ekubeni yingxenye yethimba elalizohlalela lesi sigcawu ngoba wayengummeli wowayenguMphathiswa wezempilo, uNkk uPeggy Nkonyeni. Phela wayengummeli wakhe ecaleni ayebhekene nalo lokuthengwa komshini wokuhlolela umdlavuza kubantu besifazane,” kusho uMnu uDladla.

UMnu uDladla uqhuba uthi: “Kwasicacela ukuthi inhloso yalesi sigcawu sokuqondiswa izigwegwe kwakungukuzidlela imali yoMnyango njengoba laba bammeli ababaqokelwe ukusihlalela lesi sigcawu bakhokhelwa imali eyizigidi ezingama-R295 okuyisizumbulu semali esagcina sisuse omkhulu umsindo eSishayamthetho.”

UMnu uDladla uthi ukuhlala kwalesi sigcawu sokuqondisa izigwegwe kwakufana nokuchitha isikhathi ngoba yize inqubomgomo yaso yayikucacisile ukuthi izinqumo ezizothathwa kuso kanye nezincomo zazizobophezela wonke umuntu. “UMnyango wazishaya indiva zonke izincomo zesigcawu zokuba kubuyiselwe bonke abasebenzi kodwa ngaphansi kwemibandela enqala,” kuqhuba uMnu uDladla.

Ngokwamaphepha lesi sigcawu sasungulwa ngumhlonishwa uNkk uNkonyeni ngemuva kokufakwa ingcindezi ngabezinyunyana ezazimele abasebenzi ezacela ukuba anikeze abasebenzi abayi-1106 ithuba lokuzozichazela ngamunye ngesizathu sokuzibandakanya kwabo nesiteleka.

Kuleso sigcawu sokuqondisa izigwegwe kwakhishwa isinqumo ngomhla zili-16 kuNhlaba wezi-2007 sokuba kubuyiselwe abasebenzi kodwa umnyango ngokuvumelana nezinyunyana wanquma ukuxosha abangama-43. “Ngemuva kosuku uMnyango waphinde wabuyisela abasebenzi aba-4 kwabangama- 43 kwasala ngaphandle abangama-39 ababethathwa ngokuthi ngobhongoza besiteleka,” kuqhuba uMnu uDlaldla. UMnu uDlaldla uthi uMnyango washaya udaka ngoba waxosha nomsebenzi owayese livini esemthethweni okwakunguMnu uNkosinamandla Msikana. “Okwasiphatha kabuhlungu ukuthi izinyunyana ezazisimele njengoba sasimelwe zinyunyana ezahlukene zashaqa izincwadi zokuxoshwa kwethu zanyamalala nazo zaphinde zasilaxaza kanjalo,”kusaqhuba yena.

Ezinyunyaneni ezazimele abasebenzi kubalwa, iDenosa, iHospersa/Nupsaw, iNehawu kanye nePSA. “Lezi zinyunyana zathatha izincwadi zethu zokuxoshwa zisethembise ukuthi udaba lwethu zizolwedlulisela  Esigungwini sezabalamuli, iPublic Health and Social Development Sectorial Bargaining Council (PHSDSBC) kanti basibhixa ngodaka emhlweni. Siqale ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi lezi zinyunyana zingasafuni ukusinikeza inombolo yecala futhi kuthulekile ngenqubekela phambili yecala,” kusho uMnu uDlaldla.

Uthi baze bayithola inombolo yecala ngemuva kokuzifakela ingcindezi izinyunyana. “Sesiyitholile inombolo yecala lethu elingu D775/77, izinyunyana zasitshela ukuthi udaba lwethu sezilufake eLabour Court nokuthe siyobuza khona kwathiwa  asixhumane nommeli wethu uSuluman wakwaHospersa,” kuqhuba uMnu uDlaldla.

UMnu uDladla uqhuba uthi: “Ummeli uSuluman wathi ngeke esakwazi ukusifaka ohlwini lwabasebenzi abamele ngoba siqhamuke sekwedlule isikhathi nokuthi sehambe kakhulu nodaba. Yilapho-ke esathuka khona ukuthi lezi zinyunyana bezidlala ngathi. UMnu Suluman wabe esesiyalela ukuba sixhumane nabaholi beHospersa.”

UMnu uDlaldla uqhuba uthi nabo abaholi beHospersa bathi ukuze bakwazi ukubafaka ohlwini lwabanye kuzomele babhale izitatimende ezifungelwe kodwa ezingelona iqiniso zokuthi isizathu sokuqhamuka kwabo sekuhambe isikhathi yingoba babenqabe ukumelwa ngummeli. “Senqaba ukwenza lezo zitatimende ngoba sibona ukuthi nabo bazama ukusifaka emgodini. Ekugcineni baphoqeleka ukusifaka ohlwini. Ngomhla zingama-24 kuMandulo wezi-2010, uMnu uK.K. Khoza owayengumholi weHospersa wasitshela emehlweni ukuthi asikhohlwe ngecala sihambe siyofuna eminye imisebenzi. Yilapho esabona khona ukuthi kanti bekudlalwa ngathi sase sinquma ukuzisungulela ikomiti lethu elizosimela elibizwa ngeKwaZulu-Natal Nurses Committee (KZNNC),” kusaqhuba yena.

UMnu uDladla uthi ngomhla ziyisi-6 kuMfumfu 2010 babhalela iPHSDBC becela ukuba udaba lokuxoshwa kwabo lulalelwe khona futhi bachaza konke ngokudlalwa zinyunyana. “Kwathi ngomhla ziyisi-9 kuNhlolanja wesi-2011 iHPSDCB yaqoka isigcawu sokulalela udaba lwethu esahlala esibhedlela saseNgwelezana. IHPSDCB yaqoka uKhomishana owayezohlalela leso sigcawu phakathi kwethu nomnyango,” kusho uMnu uDlaldla.

See Also

Uthi kuleso sigcawu babuzwa ukuthi kungani kuze kwaphela izinsuku eziyi-1400 esikhundleni sezinsuku ezingama-30 bexoshiwe bengafakanga udaba lwabo kwaPHSDBC njengokulandisa komthetho wezabasenzi. “Sachaza konke ukuthi thina besazi ukuthi izinyunyana zethu zilufakile udaba lwethu ePHSDBC kanti zidlala ngathi,” kusaqhuba yena.

Uthi sebechaze konke kuPHSDCB babe sebenikezwa  icondination certificate okuyisitifiketi sokuba udaba lwabo luye eNkantolo Yabasebenzi nokwathi ngemuva kwamasontshwana udaba lwabo lwangena kule Nkantolo. “ENkantolo sayalelwa ukuba sifune ummeli ozosimela. Nangempela sathola ummeli okhokhelwayo uMnu uSithembiso Mhlanga. Ngokuvula iyafela sakhokha izi-R4000 kwathi sesiwine icala samkhokhela izi-R96 000 umuntu emunye okwakuyimali abayithole bekhokhelwa kusuka emuva (back pay) esayikhokhelwa nguMnyango ngemuva kokulahlwa yicala.”

UMnu uDlaldla uqhuba uthi: “INkantolo yakhipha umyalelo wokuba sonke sibuyiselwe emsebenzini ngomhla zizi-4 kuNcwaba wezi-2012 kodwa uMnyango washaya ungqimphothwe ngokucela ukwedlulisela phambili isinqumo seNkantolo ithimba labahluleli lasichitha futhi isicelo soMnyango.”

UMnu uDlaldla uqhuba uthi kuthe ngomhla zingama-21 kuNcwaba base befaka elinye icala kuBargaining Council manje sebefuna imali yabo yesibonelelo sokusebenza ezibhedlela zasemakhaya nokuwudaba futhi olwahlalelwa esibhedlela iNgwelezane ngomhla zingama-21 kuNcwaba wezi-2013. “Yilapho-ke okwavela khona ukuthi izinyunyana zahlangana noMnyango zavumelana ngokuthi akukhokhelwe kuphela abahlengikazi ababhalisiwe kushiwe ngaphandle oStaff Nurse nabasizikazi ekubeni ngokwesivumelwano kwakuzokhokhelwa wonke umuntu,” kusaqhuba yena.

Uthi ngomhla zili-14 kuMandulo wezi-2013 bawehlulile futhi uMnyango njengoba wayalelwa ukuba ukhokhele bonke abasebenzi izimali zabo zingakapheli izinsuku ezingama-60 kuphume isinqumo. Kwathiwa ukukhokhwa kwale mali makusukele ngomhla lulunye kuNtulikazi wezi-2003. “Nakhona futhi uMnyango uphinde wadlala uginqigonqo njengoba uphinde  wathatha udaba walubuyisela eNkatolo Yabasebenzi ukuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo esathathwa ngomhla zingama-28 kuMfumfu wezi-2013,” kusaqhuba yena.

“Siphindile futhi ngomhla zingama-28 kuMandulo wezi-2015 sawehlula uMnyango njengoba uyalelwe ukuba usikhokhele imali yethu. Ngesikhathi sesilindele ukuba usikhokhele uphindile futhi wabhalela iNkantolo manje usuphosela iNkantolo inselelo  ufuna izitatimende ezibhalwe phansi ezenze iNkantolo yafinyelela esinqumweni sayo.” UMnu uDlaldla  uthi uMnyango unikeziwe izizathu kodwa waqhubeka futhi manje wafaka isicelo sokuba udaba lwedluliselwe eNkantolo Yokwedlulisa Amacala.

“Ithimba labahluleli ngomhla ziyisi-8 kuZibandlela wezi-2016 lisichithile isicelo soMnyango sokwedlulisela udaba phambili ngezizathu zokuthi akukho okwehlukile abazokuchazela iNkantolo Yokwedlulisa Amacala,” kuphetha uMnu uDlaldla.

Scroll To Top