Now Reading
Ubufakazi bokuthi indlu yegagu iyanetha buvelile
Dark Light

Ubufakazi bokuthi indlu yegagu iyanetha buvelile

Ibhuku laloyo owayengumholi weDA liqinekisa lokho okwaku balwe elaboHlanga

 

KUKHONA okugqamayo ngalokho amalungu nabaholi benhlangano enkulu kwaphikisayo kuleli afisa kungalibaleki kanti futhi sekuyisikhathi kusetshenzwa. Lokhu wukwenza isithombe sokuthi le nhlangano ayinazo izinkinga ezikhona eqenjini elibusayo kanjalo nokuthi ubuholi balo behluke kakhulu kuneqembu elibusayo nakwamanye amaqembu aphikisayo. IDemocratic Alliance (DA) ayikufihli ukuthi umkhankaso wayo ungukugxilisa ebavotini bakuleli  ukuthi “bafanelwe ngokungcono” kunalokho abakuthola eqenjini elibusayo. Lokhu likwenza phakathi kokunye ngokuqhakambisa okwenzeka komasipala kanye nesifundazwe esingaphansi kwalo iWestern Cape.

Ngezikhathi zokukhankasa nje kwakungapheli olimini lwalabo abamele le nhlangano ukuthi njengeDA “benza kangcono eWestern Cape” nokuwuphawu lokuthi abakwenza khona kungakapakela nakwezinye izindawo inqobo nje uma abavoti beyivotele. Nokho okuqukethwe yibhuku ngempilo kalowo owabe engumholi waleli qembu uNkk uHelen Zille kuveza isithombe esehlukile. Kuleli bhuku elisihloko sithi “Not Without A Fight” uNkk uZille uveza izimpi zangaphakathi zaleli qembu nezaholela ekutheni kube nokungaboni ngaso linye phakathi kukaNks uLindiwe Mazibuko kanye naye uqobo odabeni lobuholi. Ngokusho kwakhe umkhankaso kaNks uMazibuko wawunezinhloso zokumketula njengoba aqinisekisa ukuthi umkhipha (uZille) ngaphandle njengoba uNks uMazibuko ayehola leli qembu ePhalamende uNkk uZille yena eseSishayamthetho saseWestern Cape.  Ubufakazi balokhu uthi kwaba yisenzo sakhe okaMazibuko sokwala aphethe ukuthi ahlale eHhovisi elilodwa noNkk uZille ePhalamende. Wabuye (okaMazibuko) waqeda isiko lokubamba izithangami nabezindaba ndawonye phakathi kobuholi beqembu kanye nalobo obukuHulumeni. Khona lapho kuyavela ukuthi kwabe kunetulo lokwenza iHhovisi likaNks uMazibuko ubuso kanye nesizinda samandla.

Uyakuveza futhi ukuthi ukushiya kwakhe isikhundla sokuhola iDA kwaba ngenxa yombango wezikhundla nokwakungumbango phakathi kukaMnu u-Athol Trollip kanye noMnu uWilmot James. Lapha uveza ukuthi kwathi eseMelika eyokhankasela iqembu kosozimali wathola imibiko yokuthi uMnu uTrollip uzongenela ukhetho ngenhloso yokuthatha isikhundla sikaMnu uJames kwasho into eyodwa yokuthi kuyomele oyedwa ehlele ngezansi njengoba ukunqoba kukaTrollip naye kwakungasho ukuthi iDA iphethwe ngabelungu okungayinto engaba yisishiphi ezimbangini zayo. Kulokhu uZille uzibeka njengomuntu owehlela ngezansi ngenxa yokuthanda iqembu lakhe.

Ngokwedlule elaboHlanga labika kabanzi ngezimpi zangaphakathi kuDA nokuyinto abaholi namalungu ayo aphika alala ngomhlane. Embikweni weBAYEDE kwavela ukuthi leli qembu limagwala mabili phakathi kwalabo abeseka uNkk uZille kanye nalabo abeseka uNks uMazibuko. Sabika nangemixhantela yalokhu nefaka ukungaboni ngaso linye komholi walo KwaZulu-Natal uMnu uZwakele Mncwango kanye noNkk uDianne Kohler-Barnard. UMcwango wabe esolwa ngabathile ukuthi nguye owethula idokokodo elabe lisola uNkk uKohler-Barnard ngobuhlanga nokuyicala elagcina ngokumlahla. Ngasohlangothini lwakhe wabe esekwa phakathi kwabanye nguMnu uSizwe Mchunu owayeyimbangi eyaguqiswa phansi nguMncwango okhethweni lwesifundazwe. Omunye owayeseka uNkk uKohler-Barnard yilowo owayengumholi waleli qembu uMnu uTony Leon, owakuveza ukuthi ngokwakhe ukushushiswa kuNkk uKohler-Barnard kwakungenabo ubulungiswa. UNkk uZille ubeke wathi, itulo lokumnyundela athi labe liphekwa ngabahambisana noNks uMazibuko lalesekwa nayintatheli yeSunday Times uMnu uGareth van Onsellen noke waba ngumkhulumeli weDA.

See Also

ElaboHlanga labika futhi ngomuzwa wabathile abamhlophe kuleli qembu ababenomuzwa wokuthi ukuthutheleka kwaboHlanga okwabe kugqugquzelwa nguNkk uZille kungase kuguqule umlando waleli qembu kubalekise nabamhlophe abayisizinda salo. Kanti ngakolunye uhlangothi aboHlanga bona babethi bazibona bengelutho ngoba leli qembu lisaphethwe ngabamhlophe.  Ngokuthola kweBAYEDE lokhu kungqubuzana kusekhona kepha okwamanje iDA isenza kahle ekuthini kungakapakeli ngaphandle.

IBAYEDE iye koshicilelwa kungakabi bikho kuDA ophikisa okushiwo nguNkk uZille.

Scroll To Top