INkatha nethuba lesibili nelokugcina


Iqembu nenselelo yokuhlaziya umyalezo othunyelwe ngabavoti
ABAVOTI kubukeka benika leli qembu ithuba lesibili nokungelokugcina kanti amehlo athe njo ekuthini ngabe lizolisebenzisa kanjani leli thuba nokuthi engabe lilihlelele kanjani ikusasa.
Cishe emlandweni we-Inkatha Freedom Party zimbili iziwombe eziyokhumbuleka ngomunyu nxa kukhulunywa ngokhetho. Unyaka wokuqala yilowo wezi-2004 lapho leli qembu laphuma okokuqala ngqa emandleni kupolitiki yesifundazwe saKwaZulu-Natal. Ngalesi sikhathi amandla abe ethathwa yizimbangi zayo ezindala i-African Natioonal Cogress (ANC). Ngezindlela eziningi lesi siwombe saba ngesinomunyu ebuholini kanye nakubalandeli baleli qembu ababebhekene nesimo esabe singejwayelekile. Ngaleso sikhathi akekho owayewacabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuthi leli qembu lingaba ngeliphikisayo KwaZulu-Natal nokuyindawo elabe liyiphethe ezikhathi zombangazwe kanjalo nangesikathi sombusazwe kusuka ngowe-1994. Lokhu kwasho uguquko ekwenzeni nasekubukweni kweNkatha ngabantu.
Kanti isiwombe sesibili esicishe sifane sibe ngonyaka wezi-2011 lapho bephucwa amandla koHulumeni Bezindawo lapha babengadudulwa nje kuphela yizimbangi zabo i-ANC kepha inxeba elinzulu lavulwa yilabo ababengamalungu alo nabase bephume inxiwa bakha iqembu iNational Freedom Party (NFP). Lesi siwombe njengaleso sokuqala sayiguqula kakhulu i-IFP ngoba kayigcinanga nje ngokulahlekelwa yimikhandlu KwaZulu-Natal kepha yalahlekelwa ngabaholi namulungu. Kwakungekho ukumbathisa kwenhlekelele yangalesi sikhathi nokwenza imilomo yavunana ezweni ibuza ukuthi kambe ngabe leli qembu lisenalo yini ikusasa kupolitiki yaseNingizimu Afrika. Bebodwa abathi sekuyisikhathi sokuthi umholi wayo uMntwana wakwaPhindangene kumele ahoxe esikhudleni ukuze iqembu livuke lizithathe.
Nokho imiphumela yakamuva yokhetho loHulumeni Bezindawo kubukeka iveze ezinye zezimpendulo emibuzweni eyabe ikhona. Ezinye zalezi zimpendulo wukuthi eNingizimu Afrika bakhona abavoti abasakholelwa ekutheni kukhona umnikelo i-IFP engawenza ngaphandle nangaphakathi kuHulumeni. Kanti enye impendulo wukuthi leli qembu likwazile ukwebuza ekubeni yiqembu ‘labantu abadala’ kepha laba yiqembu labantu bonke. Lokhu cishe kugqame kakhulu lapho leli qembu belikhankasa khona kubonakale amakhulu ngamakhulu abantu abasha abangamalungu nabalandeli.
Akulona ihaba ukuthi ngevoti “izingane” ze-IFP ziqinisekisile ukuthi leli qembu liyabuya emdlalweni noma emzileni. Namuhla abezindaba nabahlaziyi kasekho okhuluma ngalo njengo‘mufi’ kepha selibalwa njengamanye amqoka ekuphatheni hhayi kuphela esifundazweni iKwaZulu-Natal kepha njengoba kwenzekile naseGoli, imiphumela ibeke i-IFP esimweni lapho noma iliphi iqembu elifisa ukubusa emkhandlwini waseGoli kumele lixoxe nalo.
Ngokuthola kweBAYEDE ngisho izimbangi zalo ezinkulu i-ANC iphoqelekile ukuba icele ithuba lokuzokwenza izethulo kuleli qembu emizamweni yokuthi kusetshenziswane nokho ucu aluhlangananga. Ngokwemithombo yeBAYEDE eku-IFP kanye naku-ANC, umhlangano wabe ubanjelwe kwelezindunduma. Ithimba le-IFP labe lihlanganisa uMnu uBlessed Gwala onguSihlalo weqembu kanye noMgcinimafa walo uMnu uNaren Singh. Kanti ngaku-ANC kwakukhona uMnu uJeff Hadebe kanye noMnu uPaul Mashatile. Omunye wabaholi be-ANC ukuqinisekisile ukuthi yize lezi zingxoxo zingabanga nomthelela omuhle kunomuzwa wokuthi esikhathini esifushane nje kumele kube nomhlangano wabaholi bala maqembu okunguMtwana wakwaPhindangene kanye noMengameli uZuma. Lokhu ngokusho komthombo kuyingxenye yohlelo olubanzi olubuka ukhetho oluzayo lukazwelonke nayilapho kubukeka singase sibe khona isidingo sokusebenzisana kwamaqembu. Umthombo uthe emaqenjini anomlando omude wombusazwe nomzabalazo okubalwa kuyo iPan Africanist Congress (PAC) ne-Azania People’s Organization (AZAPO), iNkatha nayo ibalwa lapho kanti ubukhona bomholi wayo uMtwana nonomlando omude ne-ANC kunika ithemba lokuthi uma isimo siphoqa ngowezi-2019 kuyoba nokusebenzisana, izingxoxo zingefane nalezi zamanye eziphunzile nezenzeke isigubhukane.
Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi leli qembu belisanda kugubha iminyaka engamashumi amane lasungulwa. Ngokhetho esiphuma kulo i-IFP ikwazile ukubuyisa isifunda saseZululand nokuyinhliziyo yalo leli qembu. Kukulesi sifunda lapho leli qembu elasungulwa eMelmoth kwaNzimela elenza izinto nanamuhla eziseluphawu lokuthi lake lahola uHulumeni wakwaZulu. Ngesikhathi sikaHulumeni wakwaZulu kaligcinanga kokwakha elinye lamadolobha angemaningi kuleli asemakhaya. Indawo namuhla esibizwa ngedolobha Ulundi yabe ilihlane nje kepha namuhla isingenye yamadolobha athuthukayo asemakhaya. Khona kuleli dobha kukhona indlu yeSishayamthetho okuvuma wonke umuntu ukuthi sabe sisezingeni lomhlaba, kanti yize kungavamile ukuvezwa, le ndawo ingenye yezingeziningi kuleli lapho kungathiwa ingxenye ethize yabantu abahlala khona abanethezekile (middle class) nxa kubikwa amandla abo ezomnotho kanye nezinto abanazo.
Kanti okunye okumqoka ngeZululand wukuthi umholi weNkatha uhlala khona. Imiphumela yenze leli qembu lagwema ihlazo elivelele abaholi abafana noMhlonihswa uHolomisa noZuma okuvele ukuthi iqembu labo lehlulwe lapho bedabuka nabahlala khona. Ulundi nokuwumasipala umholi weNkatha ahlala kuwo linqotshwe yileli qembu ngamalengisi
Umyalezo ojulile
Njengoba kukhona ukuvumelana ukuthi indlela abavoti abenze ngayo kulokhu kunomlayezo thizeni eqenjini elibusayo, akungabazisi futhi ukuthi ukhona nomlayezo obhekiswe emaqenjini aphikisayo njenge-IFP yize okwayo kuthe ukwehluka. Ngaphandle kwezaba ezingavela zokuthi kube nomthelela ukungangeni kweNational Freedom Party (NFP) okhethweni, buningi ubufakazi bokuthi abavotele i-IFP bayivotele ngoba bethanda bengaphoqwe lutho. Iningi lalaba bantu kubukeka belinomlayezo eliwuthumela kuleli qembu nokuyodinga abaholi balo bawuqonde kahle.
Lo mlayezo phakathi kokunye ubukeka unokwamukela ukuthi emaqenjini amadala aboHolanga yi-IFP kuphela okwamanje esami ethubeni lokuncintisana ngomlando kanye nobuholi noKhongolose. Umbuzo okumele uhlaziywe wubuholi baleli qembu namalungu ngowokuthi ngabe abavoti bayibona i-IFP ngowezi-2019 ingaba yiqembu elingama ngaphesheya kwe-ANC noma bafuna basebenzisane. Lo mlayezo ujulile ngoba kawukhulumi ngemanje kepha ukhuluma ngekusasa nokuyizikhathi ezimqoka ngokwahlukene phakathi kwe-ANC ne-IFP. NgakuKhongolose lesi sikhathi singafika uMengameli okhona manje uZuma engaseyena uMengameli wezwe nowenhlangano. Kanti ngaku-IFP lesi sikhathi kusuka ngowezi-2019 kuya phambili kungenzeka ngokuvumelana njengoba uMntwana esasho ukuthi ukube kuya ngaye ngabe usenikezela abanye ubuholi, lesi sikhathi singafika esekwenizle lokho noma esemalungiselelweni okukwenza. Ngamafuphi umvoti uphoqa ukuba i-IFP ukuba ibuke ubudlelwano bayo ngale kukaZuma noMtwana. Ukucubungula lokhu kudinga isikhathi esanele nabantu ababuka izinto ngeso elibanzi.
Kanti omunye umlayezo ungodaba lobuholi be-IFP. Uma kukhona ukuvumelana ukuthi abavoti babuka i-IFP njengeqembu lezombusazwe elingama noKhongolose, lokhu kungasho ukuthi abavoti bathi ku-IFP uma sifika leso sikhathi kuyomele kube ngesingenazo izinxushunxushu. Inkatha ingase ibe nenhlanhla lolu daba lube sezithebeni selwedlulile olwe-ANC okulindeleke ukuthi lwehlukanise le nhlangano phakathi njengoba wonke umuntu esezihlela ukuthi kuyokwenzekani emuva kokuphela kwesikhathi sikaZuma. Nalapha kubukeka umvoti eseyibonile ingozi engase yenzeke kuKhongolose nxa ungase ungazilungisi izinto zawo, ukuthi njengoba kwenzeka mhla uZuma eginga uMbeki, kuyoba nomsindo ofanayo nxa sekuthatha omunye. Lokhu uma kuyokwenzeka kuyoshiya i-IFP nomthwalo wokwenza okwehlukile mayelana nendlela elungisa ngalolu daba lobuholi. Nalokhu kubukeka kuyodinga ubuholi nabantu abavuthiwe ukuthi bakuhumushe ngokuyikho.
Okucaca bha okwekati elimhlophe ehlungwini yikho ukuthi i-IFP inikwe ithuba lesibili neliyinqabakutholwa ngabavoti kanti futhi okunye wukuthi leli thuba ngelokugcina ngoba uma leli qembu lingawuhlaziyanga ngokuyikho umlayezo, umvoti angase abheke engxenye.