Ukuqeqesha akukhona okukanoma ubani


Umsebenzi wokuqeqesha kwezikanobhutshuzwayo uyaqeqeshelwa kodwa akuyibo bonke abaphumelelayo ngoba ekugcineni impumelelo yawo incike kokuningi
UKUGUDLUZWA kwezinkakha zeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uDoctor Khumalo noTeboho Moloi ezikhundleni zokuba amasekela sekuphinde kwafakazela ukuthi kunezinhlobo ezehlukene zabaqeqeshi.
Futhi sekuqubuke umbuzo othi ngabe uma bewungumdlali weqophelo eliphezulu ngezikhathi zakho, uyaba yini umqeqeshi weqophelo eliphezulu uma usungene kulo mkhakha onesihlalo esishisayo?
UKhumalo, owayeyinsephe yeChiefs neBafana Bafana, ushenxisiwe ekubeni isekela likaSteve Komphela ngemuva kokuthi Amakhosi eqede isizini edlule ehluleke ancama ukunqoba ngisho indebe eyodwa.
Kube sengathi ubonela kuzakwabo usihlalo wePirates u-Irvin Khoza, uKaizer Motaung, naye osuse uMoloi ekusizeni u-Eric Tinkler ingakapheli ngisho isizini eyedlule. Yize bengeke besabonakala emabhentshini kule sizini ezoqala, akulindelekile ukuthi baxoshwe unomphela emaqenjini njengoba befaniswa “namadodana” kaMotaung noKhoza. Okubuye kuqondane futhi kubo yikuthi babonakala ngosuku olulodwa eqenjini elikhulu kulama qembu. Lapho kwakuwumdlalo weCharity Challenge Cup.
Ukugudluzwa koKhumalo noMoloi sekuhunyushwe ngokuthi oMotaung noKhoza sekubacacele ukuthi, noma babathanda kangakanani njengabadlali abazalwa izingwazi zala maqembu, nabo futhi bavelela kuwo, abakavuthwa noma abadalelwanga ukuqeqesha.
UKhumalo uqale ukukhombisa ukuthi usacathula ngesikhathi, ebambisene noDonald “Ace” Khuse, behlulwa iJomo Cosmos kuCoca Cola ngowezi-2003. Ngaleyo sizini iChiefs yaqeda ngaphandle kukaTop 8 nokwaba ihlazo elikhulu ezweni. Yize egabe ngesitifiketi sokuqeqesha sase-England nese-UEFA B kanye nokudlala phesheya e-United States of America nase-Argentina phakathi kuka-1995 no-1997, le ndodana ka-Eliakim ‘Pro’ Khumalo, iphinde yehlulwa umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe laba neminyaka engaphansi kweli-17.
UMoloi, naye owathi qu eTurkey naseColombia phakathi kowe-1993 nowe-1996, wehluleke wancama enikwe umsebenzi wokubamba isikhashana. Ngemuva kokuxoshwa kukaKostadin Papic, uMoloi wehlulwa i-Absa Cup iPirates idliwa Amakhosi ngowezi-2006. Wehlulwa nje uMoloi, ozalwa inkakha yeBucs, uPercy ‘Chippa’ Moloi, ugabe ngesitifiketi seSAFA Level One ne-International DFB Coaching ayithole eGermany. Ababodwa oKhumalo noMoloi kulo mkhakha wezinkakha ezifika zehluleke ekuqeqesheni. KunoJomo Sono, owethiwa isiteketiso sokuthi uyi‘Nkosi yebhola’ nanokuthi u‘Trouble Maker.’
Abamazi kahle bathi indlela ayephiwe ngayo, wayenganqobela iNingizimu Afrika iNdebe yoMhlaba eyedwa ukube elakuleli lalivunyelwe ukudlala namanye amazwe omhlaba ngeminyaka yowe-1970 kuya ngasekupheleni kweye-1980. Kuthe uma esephatha iCosmos wafika wakhombisa ikhono lokuvumbulula amakhono elalifihlakele. Phakathi kwabadlali abakhayo kubalwa oMark Fish, uPhil ‘Chippa’ Masinga, uHelman Mkhalele ababamba elikhulu iqhaza ekunqobeni kweBafana Bafana i-Africa Cup of Nations yowe-1996.
Nokho yize kunjalo, u‘Mjomane’ useziqophele umlando ongemuhle neze wokufaka eZenkosi ehlathini amahlandla amahlanu njengoba nakulokhu iCosmos iyozingela onogwaja ehlathini ngesizini ezoqala maphakathi noNcwaba.
Ngeke lisale ngaphandle igama likaFani ‘Didiza’ Madida. Wayengalibheki ipali esemabhukwini eGiant Blackpool neChiefs wathatha ihlo lamaqembu aseTurkey lapho ehlale khona amasizini ayisithupha. Nokho kuthe uma esebuyele ekhaya esezama ukuqeqesha, kwangahamba kahle. Ugcine ukusebenza kuMoroka Swallows ahluleke wancama ukuyihlenga ezembeni kumasizini amabili edlule.
Naphesheya zikhona izinkakha ezifana nse noMadida. Insephe yase-Argentina, uDiego Maradona, wazakhela ugazi ngesibindi esifana nesebhubesi enqobela izwe lakhe iNdebe yoMhlaba ngowe-1986 eMexico. Kodwa wonke umuntu wazibonela ngesikhathi ephelelwa amaqhinga ezakhe zehluleka ukunqoba iNdebe yoMhlaba ngowezi-2010, yize zazigabe ngezihlabani ezifana noLionel Messi.
Yize kunjalo kunolunye uhlobo lwabaqeqeshi okuthi yize bengakaze badlale esigabeni esiphakeme, kodwa benza umsebenzi obonakalayo.
UManqoba Mngqithi
Le nsizwa yaseMzimkhulu ayibanga nenhlanhla yokubonwa amaqembu yavela yagxila ebuthisheni kodwa ibe iqeqesha emazingeni aphansi. UMngqithi wafaka iMoja United kumaplay offs eNational First Division. Nguye kuphela osanqobise iGolden Arrows indebe njengoba bamuka neyeMTN 8 ngowezi-2007. Njengamanje uyisekela likaPitso Mosimane kanti sebenqobe izindebe ezine kuMamelodi Sundowns.
URoger Sikhakhane
Le nsizwa yaseMelmoth izakhele igama ngaphandle kwalapho ezalwa khona ifaka iChippa United ebizinze eKapa ngaleso sikhathi kuPSL ngesizini yowezi-2011/12. Ubesuka ekuqeqesheni amaqembu aku-ABC Motsepe League. Ngemuva kokuxoshelwa ukungaziphathi kahle kuChippa, uSikhakhane ubuyele eKZN wafika wahlenga iThanda Royal Zulu ezembeni leNFD.
UJosé Mourinho
Kubaqeqeshi baphesheya u ‘Special One’ nguye ogqame kakhulu. Lo mlisa wasePortugal uqale wenza iFC Porto ompetha bePrimeira Liga ngesizini yowezi-2002/03 neyowezi-2003/04. Ugile izimanga yona leFC Porto inqoba indebe ye-UEFA Champions League ngesizini yowezi-2003/4.
Ufike e-England wadla izicoco zeLigi neChelsea ngamasizini ezi-2004/05, nawezi-2005/06 kanjalo nawezi-2014/15. Ubuye wahlabanisa iReal Madrid iLa Liga yowezi-2011/12. Wedlulela e-Italy lapho edle khona izicoco zeSerie A ngesizini yowezi-2008/09, nowezi-2009/10 wase evala ngeseChampions League ngesizini ka-2009/10 ewinisa i-Inter Milan i-UEFA Champs.
Kukhona nalolu olunye uhlobo olwadlala emazingeni aphezulu futhi okuthe uma selungene ekuqeqesheni, yabonakala imisebenzi.
UPitso Mosimane
Wayengumdlali okhuthele elibona nepali nokwenza wagcogcoma kuCosmos, kuPirates nakuSundowns wase ewelela phesheya eGreece, eBelgium naseQatar. Waqala ukuqeqesha iqembu ngeSuperSport United engazange iqede ngaphandle kweTop 8 futhi yabuye yanqoba indebe yeSAA Supa 8 ne-Absa Cup. Usuke lapho waqokwa iSAFA njengebambamqeqeshi, wagcina esephethe ngokugcwele ngemuva kokuhamba kukaCarlos Alberto Perreira ngowezi-2010. Ufike kuSundowns ngowezi-2012 iyihlaya ngokunganqobi ndebe yize igabe ngezindodla zemali. Useyinqobele izindebe ezine okubalwa kuzo nezeLigi ezimbili. Njengamanje usethubeni lokuyifaka kowamanqamu eCAF Champions League.
UDan “Dance” Malesela
Lesi siqongwane esasivala thaqa emuva kuPirates nakuSundowns phakathi kweminyaka yowe-1980 kuya ngasekupheleni kowe-1990 sibonakala sinekusasa eliqhakazile ekuqeqesheni. Ezifikela nje kuPSL, uMalesela useshintshe iChippa yaba iqembu elithandwayo ngenxa yebhola layo elinoju elidlalayo. Yize efike isiyosongwa isizini edlule, ukwazile ukuyithatha ayibeke kuTop 8 nokuyinto engumlando eqenjini.
Ngaphambi kokuthola ithuba kuPSL usebenze enkulisa yeSundowns lapho ebumbe khona amakhono abafana abanjengoKeagan Dolly, uBuhle Mkhwanazi, uJabulani Shongwe, uSiyanda Xulu noKwanda Mngonyama asebedlalele AmaGlug-Glug neBafana Bafana.