Now Reading
Igqenywe engeqiwa ntwala i-Apple
Dark Light

Igqenywe engeqiwa ntwala i-Apple

Isikhondlakhondla senkampani yase-USA sibhekene namademeshe angayiwa kanti lokhu kungase kuqale inkulumompikiswano emaphalamende amazwe ngamazwe

 

INKAMPANI i-Apple edume ngokwakha amakhompiyutha kanye nezingcingo zohlobo oluphezulu isingene obishini olukhulu. Lokhu kulandela isinqumo seKhomishana Yokuncintisana ye-European Union esithe le nkampani kayikhokhe imali eyizigidigidi ezili-13 (£11bn noma R165bn) esikweletini sentela sasezweni i-Ireland. Lokhu kuwumvuka wesinqumo esenziwa yile nkampani kanye nabaqoqintela bakuleliya lizwe eminyakeni eyedlule. IKhomishana ithole ukuthi lokhu kwabe kungekho emthethweni. Ngokwesivumelwano i-Apple kwabe kufanele ikhokhe nje i-1% ezweni lapho le ntela ifinyelela kwali-12% ngokwejwayelekile.

Ophenyweni kutholakele ukuthi isivumelwano lesi senziwa isigubhukane ukuze kunxenxwe ukutshalwa kwezimali kuleliya lizwe. Kuvelile futhi ukuthi ngaphansi kwesivumelwano i-Apple ngonyaka wezi-2014 wakhokha nje amaphesenti ayi-0.005 kuphela okuyinto ebabazisayo. Ephawula ngesinqumo, uKhomishana uMargrethe Vestager obekunguye obehola ithimba lophenyo nokuthathe iminyaka emithathu uthe:  “Amazwe angamalungu e-EU awanalo ilungelo lokunikeza imihlomulo yentela ezinkampanini ezithize, lokhu kuyaphikisana nomthetho okuthiwa i-EU State Aid Rule”

Abenzi kabeneme

Umbiko kanjalo nesinqumo seKhomishana kasehlanga kahle kwabakwa-Apple nakulo izwe i-Ireland. Encwadini ayibhalele amakhasimende uMnu uTim Cook oyisikhulu esiphezulu sakwa-Apple uthe lesi sinqumo singase senze abatshalizimali babe madolonzima. Khona kule ncwadi uveze ukuthi uphenyo kanjalo nesinqumo bekuyinto ebivele iqondiswe kwa-Apple.  UNqgongqoshe Wezezimali e-Ireland uMnu uMicheal Noonan uthe uyaphikisana nalesi sigwebo nathe sinenhlese yepolitiki.  “Akunasizathu sezomnotho ekuthatheni lesi sinqumo. Ukubhuduzela nje kwezepolitiki okuqhamuka neKhomishana Yokuncintisana,” kusho uNoonan. “Abathintene nentela futhi bavula intuba besenzisa usizo lombuso ukuyenga inqubomgomo yentela emazweni ase-Europe  uma izivumelwano zala mazwe ethi inqubomgomo wudaba lohulumeni abanamandla,” eleka kwakushoyo.

See Also

USolwazi uLouise Gracia waseWarwick University wesikole sezamabhizinisi uthe: “Lo mthetho uwumzamo obuhlungu wokuzama ukunqamula amandla amakhulu ezizwe ngezizwe ezinawo ukugwema izibopho zentela, futhi kuthumela isexwayiso emazweni agqugquzela amaqhingasu okunciphisa intela yezinkampani.” Ubuye wengeza ngokuthi: “Kubuye kugqamise amazinga angagculisi entela yezinkampani. Izinkamapani zamazwe ngamazwe ziyakhokha ngempela. Ngisho noma siwuthatha umsebenzi futhi sakha nomnotho okushiwo abamazwe ngamazwe njengokuzithethelela ekukhokheni intela, lokho kufanele kube nesizathu esizwakalayo.”

IBAYEDE iye koshicilelwa iKhabhinethi lase-Ireland lisakutakuta elingase likwenze kulandela isinqumo seKhomishana. Nokho izinkomba zonke zikhomba ukuthi lolu daba luzosusa inkulumompikiswano nakwamanye amazwe okungenzeka ukuthi anezivumelwano ezifanayo. Ngasohlangothini lwezamabhizinisi abameli bazokwehla benyuka bezama ukuchibiyela ukuze izinkampani abazimele zingatholi amachaphazelo.

Scroll To Top