USibongile Khumalo umzwilili osatshiyoza


LAPHA kwelakithi eNingizimu Afrika sinomzwilili uNks uSibongile Khumalo ocula kunanele izinkalo, kuqhakaze izimbali namazulu adedele kwamvula kade eyibambile! OkaMntungwa wazalalelwa e-Orlando West, eSoweto ezalwa umama uNkk uGrace nowayelinesi nobaba uMnu uKhabi Mngoma owayenguSolwazi kwezomculo kanti uyaziwa nakwezomlando. Uyise kaSibongile uyindoda eyaziwayo kwezomculo ngisho nowesintu imbala ikakhulu owamakhwaya kanye nawaseNtshonalanga.
Yikho lokhu okwagcoba uSibongile wazibona eselandela ezithendeni zikayise kwaze kwabonakala ukuthi cha ukhamba lufuze imbiza lwaze lwayedlula. Yingakho kuyo yonke into ayenzayo kwezomculo akakhohlwa ukubonga uyise. Ukhule elalela futhi ecula umculo we-ophera kanti owesintu uwucula ngezwikazi lakhe elikhulu kusiphuzele unwele kolalele. Akungatshazwa ukuthi ukuba le ntokazi yayizalelwe phesheya ngabe idume kakhulu kunalokhu edume khona futhi ngabe ikhulekelwa umhlaba wonke ngenxa yekhono layo lokukwazi ukucula zonke izinhlobo zomculo ngisho nowejazz imbala.
Uthole iziqu zakhe zeBachelor of Arts in Music e-University of Zululand nayilandelisa ngeHonours Degree kuHistory of Music e-University of the Witwatersrand. Eneminyaka engama-24 wacelwa ukuba ahole uMnyango Womculo esikoleni seFederated Union of Black Arts (FUBA) nalapho asebenza khona iminyaka emithathu. Useke wasebenza neMadimba Institute of African Music kanye nakubhodi le-Opera Africa.
Kusukela ngonyaka we-1992 uKhumalo uqale uchungechunge lokucula ehambela izindawo ngezindawo nalapho bekuhlale kugcwele phama. Njalo uma edlala endaweni yaseKippies eGoli bekugcwala phama abathandi bomculo bezinhlanga befuna ukuzitika ngalo mzwilili ohlanganisa kalula umculo wesintu, we-ophera kanye nowejazz. Ngonyaka we-1993 wahlonishwa ngendondo evelele iStandard Bank Young Artist Award for Music nalapho aziveza khona njengomculi ovelele kuleli.
Ngonyaka we-1999 uhlangane nabaculi u-Aviba Pelham noVirginia Davids benza amakhonsathi aziwa ngeDivine Divas nalapho aklonyeliswa khona ngendondo iFNB VITA Award for the Best Musical Performance of the Year.
Useke wacula cishe nazo zonke izinkampani ezinkulu zakuleli, eyaseGoli, eThekwini, naseKapa. Kanti useke waba umculi ohamba phambili lapho kwenziwa imisebenzi kaCarmen i-Amneris in Aid, neka-Azucena iThe Witch in Hansel wabuye wacula phambili ku-Azucena eDen Norske Opera, e-Oslo eNorway ngowezi-2004. Emakhonsathini aphambili eNgilandi ezindaweni zomntakabani zeRoyal Albert Hall, iRoyal Festival Hall neBarbican Centre uhlanyise izihlwele zomhlaba naseKennedy Centre, eWashington DC useke washisa izikhotha khona.
Uyaziwa futhi ngokudlala indawo ephambili kuPrincess Magogo kaDinuzulu ebikhiqizwa i-Opera Africa nedlale e-Amsterdam kanye naseChicago. Uke wadlala futhi nakuShaka kaSenzangakhona ebibhalwe uMzilikazi Khumalo. Useke waqopha amasidi amaningi okubalwa i-Ancient Evenings (1996), iLive at The Market Theatre (1998), i-Immortal Secrets (2000), iQuest (2001), iSibongile Khumalo (2005), iThe Greatest Hits (2006), iLive @ SABC (2009) neBreath of Life (2016).
Siyaziqhenya kakhulu ngomzwilili wethu uSibongile Khumalo noyisibonelo esihle kubaculi abaningi nasentsheni kanti utshengisile ukuthi ikhono lilodwa ngeke likuse kude kakhulu wase elesekela ngemfundo.