Now Reading
Amagalelo kaNyembezi ayimbuthuma yabalandelayo
Dark Light

Amagalelo kaNyembezi ayimbuthuma yabalandelayo

Ikhono likaSolwazi CLS Nyembezi lokubhekisisa kusobala ukuthi lisukela ekuthandeni, ekwaziseni nasekufi kelweni kwakhe wugqozi uma ebuka impilo nendalo jikelele.

Kwathi lapho eseyibhalile incwadi ethi iNkinsela YaseMgungundlovu abaningi bathi yiqiniso leli. Bathi nokusho wayekhona umuntu owayenjalo e-Edendale. Ukuxoxa kushweze kwenwayise isiphundu, ukudweba isithombe sithi bha engqondweni, kukhona ubuhlakani, ihlaya nobanimcabango kwakuyingcwenga yoqobo.

Ngubani ongeze wambona uMaNtuli uma engaqhamuka lapha okuthi uma ehleka kuthi fukufuku isisu? Ngubani ongeze alibona ikhehla elehlelwa yilokhu: kwakunomhlangano owawubanjelwe esikoleni.

Kukhona ikhehla nalo elize kulo mhlangano. Eduze kwalo kuhleli umfana. Kuzwakala uNdebenkulu esethi nje: “Kusekude phambili.” Unqamula inkulumo yakhe. Libuza umfana leli khehla ukuthi uthini. Umfana uphendula: “Uthi kusekude phambili.” Ikhehla: “Ukushiswo yini lokho?” umfana uyaphendula: “Ubona ngoba uphimise amathe phansi.” Ikhehla lithi: “Engani ngiwesulile nje?” okuhlaba umxhwele kakhulu kulesi sigameko ukuthi akukho ngisho isilabi sohlamvu lwenkulumo olungadingekile noluphazamisa lobu bukhwishikazana.

Akushiwo ukuthi ibandla lathini, bathini abanye ababehleli eduze kwekhehla, nguMkhwanazi okunguyena owayesefukamele uNdebenkulu.

Umfo kaNtuli ubhale eyakhe i Nkinsela

Sasho ngesonto eledlule ukuthi waluthola kanjani ugqozi kuSolwazi Nyembezi. Ngeke sikusho konke, okuningi umuntu uzifundela yena buthule.

Nokho sisobala ukuthi yilowo nalowo muntu unokuningi okungafaka abanye ugqozi uma nje ezithoba, ebamukela kahle. Kwakulula phela ukuba uSolwazi Nyembezi aphume esejahile, angangeneki nokwenza ngumfanyana okwakungaziwa ukuthi kokheleke ikhoza elingakanani lomlilo kuye njengoba ehlangana nawe nje elula isandla sakungabaza, sakwesaba.

See Also

Injongo yaleli bhuku elizokwethulwa mhla zingama-30 ePietermaritzburg emkhosini wokukhumbula iqhawe nondabuzekwayo njengoba nonyaka belizobe liqeda unyaka we-100 liphila – (1919-2019).

Kukhonani eNkinseleni ka-DBZ Ntuli?

Leli bhuku liqukethe izindaba ezimfushane ezili-16. Zonke zibhalwe nguye.

Scroll To Top