Now Reading
Uthuthuka ngesivinini umculo kamasikandi
Dark Light

Uthuthuka ngesivinini umculo kamasikandi

UKUGUQUGUQUKA kwesikhathi kuchaza ukuthi nezinto eziningi ziyaguquka. Ezinye zezinto okubonakala kakhulu khona lolu guquko kusemculweni. Lena imboni enkulu futhi enezinhlobonhlobo zomculo.

Umculo ungumsebenzi kwabanye abantu njengayo yonke imisebenzi. Abanye bayawufundela esikoleni kanti abanye baba nenhlanhla yokuba nabazali abangabaculi, abaye bakhuliswe ngawo ngabazali babo.

Njengayo yonke imisebenzi kubakhona izinkinga. Enye yezinkinga kuba yilapho uhlobo oluthile lomculo uthole ukuthi seluqhudelana nolunye noma seluphelwe yisikhathi, abantu abasaluthokozeli. Uma singenza isibonelo nje, siyabona ukuthi kula malanga umculo weHip Hop uqhudelana nalowo weKwaito, kanti nabantu bahlale bekhononda ngokuthi umculo weKwaito awusafani nowakuqala.  Abanye baze babike nokuthi umculo weKwaito usuwafa.

Kukhona uhlobo lomculo ongafani neze neminye. Awosoze wezwa kuthiwa ubangisana nolunye uhlobo. Lolu hlobo lomculo yilowo obizwa ngoMaskandi. Lona ngumculo wesintu kamaskandi, owasungulwa lapha eNingizimu Afrika, ikakhulukazi lapha kwelikaMthaniya. Nokho ususabalele, sekukhona abaculi bawo nakwezinye izifundazwe, kodwa wona inkaba yawo iKwaZulu Natal. Abanye baveza ukuthi lolu hlobo lomculo eminyakeni eyedlule wawukhuthaza izinsizwa ngesikhathi zihamba indlela ende, kwesinye isikhathi zihamba ziphethe imisakazo. Zaziye zihambe zinqamule amathafa ziwele imifula ziyokweshela zingayizwa indlela ende.

Lolu hlobo lomculo lukhombisa ukudlondlobala kakhulu. Umyalezo kamaskandi kwabanye uvusa usinga. Ubezwa abanye sebesho nokusho ukuthi sebekhumbule emakhaya noma balibeke ngembaba ukuthi bakhumbule lapho bengazi khona, noma izithandwa zabo. Kusho khona ukuthi namanje usabambe iqhaza elikhulu empilweni yalabo abasebenza kude namakhaya.

Kujwayelekile futhi ukuthi izithuthi ikakhulukazi amatekisi asuke ehamba ibanga elide adlale umculo kamaskandi. Umculo okwenza uhambe indlela ende ungaayizwa ngoba uxoxa nawe wena owulalele. Uma ulalelisisa lo mculo uyezwa ukuthi isikhathi esiningi ukhuluma nabantu noma nomphakathi, wedlulisa umyalezo othile noma ugqugquzela ukwenza okufanele uphinde futhi weluleke ngempilo

Iculo likamaskandi lizwakala liqala ngoba uwuhlobo lomculo owehlukile. Kanjalo umculi nomculi kamasikandi unezihlabo zakhe ezahlukile, okuyizona ezenza kube lula ukuthi abalandeli bakhe basheshe bezwe ukuthi iculo lakhe elidlalayo.

Uma iculo seliphakathi uye uzwe umholikucula eseqhulula izibongo, kwesinye isikhathi ezibongela yena noma ebongela iqembu lonke. Njengomculi ongasekho emhlabeni uMfaz’omnyama uma esezibongela wayezwakala esethi, “Umfo kaMgquzula. Mfaz’ omnyama nezingane zakhe. Matshitshi qomani safa zinhlamba zonyoko. Umfana ozalwa yinyanga. Kanti naye futhi uyinyanga. Umfowabo yena nguMthakathi!”

Amaculo akhona uthola ukuthi asuke ekhuluma ngamadlozi, uthando, lapho umculi esuke ekhuluma ngesithandwa sakhe noma ebalisa ngobuhlungu noma ubumnandi bothando, ukufa, igciwane lesandulelangculaza noma-ke isiphi esinye isigameko esimhlabe umxhwele. Kanti futhi uye uthole ukuthi lowo osuke ebhale lelo culo usuke ebhale ngezinto ezithile ezake zamehlela noma ezithinta impilo yakhe okuye kwenzeke ukuthi nakuwe sekuke kwenzeka, okuyingakho abantu bezihlanganisa nalo mculo.

Ngingeze ngamangala uma abantu abazi umculo bevumelana ukuthi emaqoqweni abanawo okungenani uba nalo icwecwe elilodwa lalo mculo. Okuyiqiniso ukuthi ziningi izimoto ezizwakala zidlala izingoma zikamaskandi nasemigwaqeni, okungakhethi sigaba sobudala lokhu.

See Also

Ucwaningo ludalula ukuthi lo mculo lapha eNingizimu Afrika lungolwesibili oludayisa kakhulu njengoba lulandela umculo wokholo. Usungazibuza ukuthi ngabe lokhu kwenziwa yini. Impendulo isobala, kuphela ukuthi uhlobo lomculo olukhulma nomuntu ngqo, futhi izinsimbi zakhona zidliwa ngendlela yakhona.

Abaculi abacula lo mculo abanye bacula ngamaqembu njengoba kukhona amaqembu ahlukahlukene afana ne-Amagcokama, Amatshitshi Amhlophe kanye namanye amaningi. Amanye amaqembu ahlanganise abesilisa nabesifazane kanti amanye abesilisa bodwa. Sekukhona nalawo angabesifazane bodwa muva nje. Umculo uhambisana nokudansa noma ukugida okufanelene nalo mculo nje. Bakhona futhi  abacula ngabodwana. Labo ngabaculi abafana noThokozani Langa, uMfiliseni Magubane nabanye.

Kuyajabulisa ukuthi basebaningi abantu bakuleli abasawujabulela umaskandi. Osekufike kwasiza kakhulu yilokho okwenziwe iSABC ukumemezela ukuthi sezibuya emasisweni manje, sezizodla ekhaya. Kukhona-ke nabanye abathi lo umculo waabaantu abadala. Abantu abayi nganxanye bengamanzi kodwa okuliqiniso lo mculo unoyalezo, futhi usuyaziwa nakwamanye amazwe ngenxa yokwehluka, futhi  awuthatheleki.

Okunye okusize ukuba uthuthuke indlela osuthole ngayo ukunakwa kule minyaka  njengoba abaculi bawo bethola ukunakwa ngemisebenzi yabo. Kukhona imicimbi eyahlukene ehlose ukuthuthukisa lo mculo efana noMaskandi Experience, Utalagu Maskandi Festival, Impucuzeko Skills & Developments Maskandi Festival, iSouth African Traditional Music Awards, ohlose ukuklomelisa labo abaculi abaqhuba umsebenzi omuhle kule mboni.

Scroll To Top