Bathi umhlahlandlela weqembu akusiwo owomndeni



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
SELITHOLE okukhulu ukugxekwa iqembu leNational Freedom Party (NFP) ngokuvumela indodakazi yomholi waleli qembu, uNkk uZanele Magwaza-Msibi ukuba kube yiyo emfundela inkulumo yomhlahlandlela.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi, indodakazi endala kaNkk uMagwaza-Msibi, uNks uGugu Gumede kube wuye ofundele uMagwaza-Msibi inkulumo yakhe yomhlahlandlela weqembu ngoba yena engakelulami futhi engakwakwazi nokukhuluma selokhu ahlaselwa yisifo sohlangothi nyakenye.
Le nkulumo yomhlahlandlela uyethule engqungqutheleni yeqembu leNFP ebibanjelwe eBaqulusini ngempelasonto nokho iqembu liziphendulele.
Okubonwa abahlaziyi bepolitiki
Abahlaziyi bezepolitiki okunguMnu uZakhele Ndlovu noMnu uProtus Madlala bathi iNFP ishaye udaka ngokuvumela indodakazi kaMagwaza-Msibi ukuba kube yiyo eyethula le nkulumo yakhe esizweni ekubeni bekhona abanye abaholi abanohlonze kwezepolitiki obekungasentshenziswa bona.
“Okukuqala lokhu kubeke isithombe sokuthi iNFP yiqembu lomndeni wakwaMsibi ekubeni kuyiqembu labantu. Ngokwami bekufanele banikeze omunye wabaholi abanohlonze kwezepolitiki ekubeni ukuba kube nguye owethula le nkulumo esikhundleni sokuba ifundwe yingane kaMagwaza-Msibi,” kusho uMnu uNdlovu.
UMnu uNdlovu uthi lesi senzo sililimaze kakhulu leli qembu elisengomafikizolo kwezombusazwe.
“Okwesibili bekungamele balethe ukaMagwaza-Msibi engqungqutheleni yabo ekubeni engakalulami ngoba lokhu kulahlisa abalandeli baleliqembu ngethemba njengoba ubebobnakala nakomabonakude eqhaqhazela.”
UGatsheni uqhube wathi bekumele futhi iqembu lingamsebenzisi njengobuso balo kulolu khetho loHulumeni Bezindawo ngoba njengoba ezigulela akukho azokwenzela iqembu. “Kumele bamkhulule ayophumula ekhaya aze alulame ngokwanele ebese ebuya kwezombusazwe. Kumele basebenzise omunye umholi ozoba ngubuso beqembu,” kuphetha uNdlovu
NoMnu Madlala uhambe emagameni kaNdlovu ethi naye uphoxekile ngokwenziwe yiqembu leNFP.
“Lokhu kwakha isithombe sokuthi iNFP yibhizinisi lomndeni wakwaMsibi.”
UHlokohloko uthi abaholi beNFP bekufanele bakhombe omunye kubaholi ukuba afunde inkulumo kaMagwaza-Msibi. “Phela ngokwazi kwami iqembu leNFP linawo umthethosisekelo olilawulayo nochazayo ukuthi ubuholi buhamba kanjani. Isibonelo kwa-ANC kuyaziwa ukuthi uma uMengameli uJacob Zuma engekho nephini lakhe uMhlonishwa uCyrl Ramaphosa ukuthi unobhala we-ANC, uMnu uGwede Mantashe kuba nguye ozokhuluma egameni le-ANC,” kusho uMadlala.
“Ngeke uMengameli uZuma umbone elanda ilungu lomndeni wakhe ukuba lizomfundela inkulumo yakhe emhlanganweni weqembu. Yingakho iningi lalawa maqembu aphikisayo engeke akhule ngokwesibalo ngoba ngaso sonke isikhathi ethembele ebuholini bomuntu oyedwa,” kusho uMnu Madlala.
Uqhubeke wathi lo mkhuba wokwethembela ebuholini bomuntu oyedwa kubonakele eqenjini le-Inkatha Freedom Party (IFP) eliholwa nguMntwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, eqenjini likaBantu Holomisa i-UNited Democratic Movement (UDM) kanye neqembu likaMhlonishwa uThemba Godi okuyi-African People’s Convention (APC).
“Wonke la maqembu awekho ngaphandle kwalaba baholi. Manje kuyacaca ukuthi uMagwaza-Msibi naye ufuze lapho ephuma khona ,” kusho uMadlala.
UMnu Madlala uqhube wathi akusekhona okokuqala le ndodakazi kaMagwaza-Msibi yethula inkulumo egameni lakhe. “Sikubonile lokhu kwenzeka nangonyaka odlule lapho le ngane yakhwela yadilika kwabanye abaholi ibagxeka ngokugaqela isiskhundla sikanina lokhu eyayikwenza ngesikhathi yethula inkulumo egameni likaMagwaza-Msibi.”
Iyaziphendulela iNFP
Usihlalo weNFP, KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uVikizitha Mlotshwa uyakuchitha konke okushiwo ngabahlaziyi bezepolitiki kokuthi benze iphutha ngokuvumela indodakazi kaMagwaza-Msibi ukuba kube yiyo efundela iqembu inkulumo yakhe. “Empeleni lesi kube yisinqumo esithathwe ngemuva kokubonisana nobuholi. Umholi akavelanga wazenzela.
UMhlonishwa uMlotshwa uthi isizathu esenze bavumelana ngokuthi kube yindodakazi kaMagwaza-Msibi eyethula inkulumo yakhe ukuthi ubezokhuluma ngokugula kwakhe hhayi ngomhlahlandlela weqembu. “Sibone kungcono ukuthi kube ngomunye wezihlobo zakhe ozokwethula inkulumo yakhe ngoba ibingahlangene nebesikuzele emhlanganweni. Empeleni inkulumo yomhlahlandlela weqembu yethulwe ngunobhala weqembu, uSolwazi uNhlanhla Khubisa.
“Besingeke sikwazi ukucela omunye kubaholi ukuba kube nguye ofunda inkulumo kaMengameli ngoba inkulumo yakhe ibigxile enhlambulukweni ngokwenzeka empilweni yakhe njengoba sazi ukuthi kade enyamalele isikhathi eside kwezombusazwe ngenxa yokugula.” Uthi uMagwaza-Msibi uzoqondisa ukukhuluma njengoba kwasabalala izinkulumo zokunuka abathile ngaphakathi eqenjini ukuthi yibo abamthakathile waze wahlaselwa yisifo sohlangothi.
“Empeleni inkulumo yakhe ibizokwethulwa ngumzala wakhe kodwa ngenxa yokuthi akabange esaphumelela ukufika kwabesekuthiwa ayethulwe yindodakazi yakhe,” kuphetha umhlonishwa uMlotshwa.