Usudwetshiwe umugqa kwaphikisayo nelibusayo
Ngalesi sikhathi amaqembu aphikisayo eqoqa amandla ngaphakathi nangaphandle kwePhalamende, iqembu elibusayo nalo lisopha indlela yokuphuma obishini
INYANGA esikuyo izongena emlandweni waseNingizimu Afrika njengesikhathi lapho ukungaboni ngaso linye phakathi kweqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kanye namaqembu aphikisanayo ePhalamende kucace bha. Yize lokhu kulindelekile njengengxenye yokuncintisana okubukeka kugqama wukuthi lapha akuphikiswana ngenqubomgomo yezwe kepha umbango ungeziqu zabantu. Okwamanje babili abaholi okubukeka aphikisayo engabezwa sampela. Ngasohlangothi lwePhalamende uSomlomo uBaleka Mbete kuba wukuhlala nje kwePhalamende kuthi abamudle bamfele.
UMhlonishwa uMbete bonke bamsola ngokuthi ‘uchemile’, lokhu bekusho ngoba njengoba enguSomlomo uphinde abe nguSihlalo we-ANC kuzwelonke. Kungokokuqala ukuthi umholi osesigungwini esiphezulu eqenjini elibusayo aphinde abe nguSomlomo. Esinqumweni esiphume kamuva seNkantolo yoMthethosisekelo le nkantolo ikuhlabile ukusebenza kwePhalamende okaMbete ayinhloko yalo ngokwehluleka ukwenza umsebenzi walo. Lokhu kube yinxeba emaqenjini aphikisayo ngoba kugcwalise lokho ahlale ekusho kokuthi ‘uchemile’.
Kanti omunye umholi angamuzwa kahle amaqembu aphikisayo nguMengameli uJacob Zuma naye ongeyena nje kuphela uMengameli wezwe kepha uneskhundla esifanayo naku-ANC. Lo mholi kuningi asolwa ngakho ngamaqembu aphikisayo kusuka ekubeni ngumkhohlisi, iqola nehlazo embusazweni waseNingizimu Afrika. Okubukeka kucijise imikhonto ebheke kuZuma kube wudaba lokwakhiwa komuzi wakhe oseNkandla nosekuthathe iminyaka emibili. Kulokhu kubhekana ngezinqu zamehlo kubukeka ecwayize kuqala uZuma njengoba udaba luhambe lwaye lwafika naseNkantolo YoMthethosisekelo nayilapho lifike lamlahla. Nokho ekumlahleni kwayo, iNkantolo kubukeka ingafikanga lapho aphikisayo abefisa ifike khona. Ekhipha isinqumo senkantolo uMahluleli uMogoeng Mogeng uthe yize ephule umthetho uZuma kepha kakholwa ukuthi lokho ukwenze ngoba edelela kepha kungenzeka ukuthi akatholanga isaluleko esiphusile sezomthetho. Lokhu kuphawula kwenkantolo kubukeka kumenze waphefumula uMengameli kanye neqembu lakhe ngoba sebebambele kulokho, ekuthini inkantolo kayishongo ukuthi “akwenzile ukwenze ngoba edelela umthethosisekelo’ nokuyicala elibomvu ebelingamenza ehle nasesikhundleni.
Sekudwetshwe umugqa
Isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo senze mhlawumbe obekungalindelekile. Okokuqala senze amaqembu aphikisayo ePhalamende ngaphandle kwe-African People’s Convention (APC) eholwa nguMhlonishwa uThemba Godi, avumelana ngento eyodwa ekutheni uMengameli akehle esikhundleni. Khona lapho wonke ayavumelana ukuthi kanjalo noMhlonishwa uMbete naye akenze okufanayo. Lobu bunye bamaqembu aphikisayo kubukeka kuzowenza akhulume ngezwi elilodwa kulezi zinyanga ezizayo. Indlela abehlasela ngayo enkulumwenimpikiswano ngoLwesibili ikuveze ngokusobala ukuthi yize besazoncintisana okhethweni oluzayo loHulumeni Bezindawo, odabeni oluthinta uMengameli noSomlomo bamunye.
Ngakolunye uhlangothi isinqumo senkantolo senze i-ANC ePhalamende yabumbana ekuphebezeni isiphakamiso seDemocratic Alliance (DA) sokuba ehle uMengameli esikhundleni. Amavoti angama-233 yiwo aqinisekise ukuthi isiphakamiso seDA kasiphumeleli nosekuyihlandla lesithathu.
Ephawula ngesinqumo senkamtolo uMhlonishwa uMbete uthe: “Ngineqiniso ukuthi isiShayamthetho sikaZwelonke kanye namaKomiiti alo azokwakhela kulesi sinqumo njengomhlahlandlela ekwakhiweni kwenqubo ezolandelwa ngokuzayo.” Ebuzwa ukuithi akasiboni yini isidingo sokuthi kumele ehle esikhundeni uSomlomo uthe ngeke ehle nokunenge aphikisayo.
Kanjalo noZuma naye yize engalibekanga lathi mpo, enkulumweni yakhe ayibhekise esizweni nayilapho ecele khona uxolo kucacile ukuthi akayindawo. UNobhala we-ANC uMnu uGwede Mantashe ukusho kusesekuseni ukuthi i-ANC ngeke ïzigwaze ngowayo yenze lokhu okufiswa ngaphikisayo. Khona lapho uthe ngeke benze iphutha abalenza mhla le nhlangano ihosha uMbeki ekubeni nguMengameli.
Unyaka wokhetho
Konke lokhu kwenzeka ngonyaka elakuleli lizoba nokhetho ngenyanga kaNcwaba nokwenza konke okushiwoyo kube yingxenye yokukhankasa. Ayikho futhi imfihlo ekutheni ukhetho oluzayo yilo olungase lube wubufakazi ekutheni ngabe umphakathi wona ufisa ukujezisa noma ukuklomelisa bani kulokhu okwenzeka eNingizimu Afrika. Amaqembu aphikisayo athembisile ukuthi azongena umgwaqo. UMhlonishwa uMalema ukhiphe isimemo kubantu baseNingizimu Afrika ukuba abalekelele ekukhishweni kukaMengameli wezwe. Nembala umugqa usudwetshiwe, ayikho ezofuna ukugoba uphondo, okwamanje. Ibukeka iyolanyulwa yibo abavoti abanamandla okufaka nokukhipha iqembu.